Isifo SeMonkeypox eNingizimu Afrika

Vukuzenzele Unnamed

Emhlanganweni nabemitho mbo yezindaba wakamuva obusePitoli, eGauteng, uNgqo ngqoshe Wezempi lo uDkt. Joe Phaahla uqinisekise ukuthi kutholakale isifo se-Monkeypox eNingizimu Afrika.
Uthe uthole umbiko ovela ku-National Health Laboratory Services (i-NHLS) wokuthi sebekuqinisekile ukutholakala kwesifo i-Monkeypox eNingizimu Afrika emuva kokuhlola okwenziwe elabhorethri.
Igciwane selitholakele eGauteng naseNtshonalanga Kapa.
Isifo se-Monkeypox sivame ukuba yisifo esingebucayi esibonakala ngamabhamuza noma izilonda esikhunjeni.
Sivame ukungabi bucayi futhi izinga lokushona kwabantu ngenxa yaso liyiphesenti elilodwa.
Lesi sifo sake sabikwa emazweni ase-Afrika anjengaseNigeria, eDemocratic Republic of the Congo, eCentral African Republic kanye naseGhana ekuqaleni kweminyaka yezi-2000.
Ukuqubuka kwaso kwakamuva kunezibalo eziphezulu e-Europe njengoba i-UK ihamba phambili ngezigameko ezingama-700, iSpain inezingaphezudlwana kwama-500, kulandele iGermany, iPortugal neFrance.
UNgqongqoshe uthe i-National Institute for Communicable Disea ses (i-NICD) iqeqesha abasebenzi bezempilo ngeinthanethi besemsebenzini ukuze bakwazi ukusibona lesi sifo futhi ukuze kwenziwe nokuhlolwa kwaselabhorethri okudi ngekayo.
"Lesi sifo sisabalala ngokuthintana ngqo, ngakho angeke usithole ngokuba segunjini elilodwa nomuntu osulelekile," kusho uNgqongqoshe.
UNgqongqoshe uPhaahla uqinisekise izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ukuthi isifo se-Monkeypox asilona igciwane eliqalayo ukuba khona futhi ososayensi banolwazi ngalo.
USihlalo weKomidi Lokweluleka LoNgqongqoshe (i-MAC) le-COVID-19 kanye nelungu leSigungu Esiphe zulu se-NHLS, uSolwazi Koleka Mlisani, uthe isifo se-Monkeypox siyisifo esitholakala emazweni aMaphakathi kanye naseNyakatho ne-Afrika esaziwa ngokungabi bucayi.
Isifo esitholakala endaweni ethile yisifo esivame ukutholakala ebantwini abathile noma endaweni ethile.
Uthe kukhona okufanayo phakathi kwesifo se-Monkeypox neNqubulunjwana.
"Ikhona imigomo kanye nezindlela zokwelapha isifo se-Monkeypox.
Lesi sifo sibonakala ngezimpawu ezinjengezomkhuhlane kanye nesifo se-Legionnaires. Okubaluleke kakhulu wukuthi uma umuntu ebonisa isithombe sokuxilongwa esiveza izimpawu zesifo kuba lula kakhulu ukuhlonza lesi sifo futhi okunye okuba luleke kakhulu wukuthi kunzima ukusidlulisa, kungafani nezifo ezingena ngemigudu yokuphefumula, njengoba sona sisabalala ngokuthintana nomunye umuntu. Ungasithola kuphela uma uthintane ngqo nomuntu osulelekile," usho kanje.
Isifo se-Legionnaires siyinyumoniya ebucayi kakhulu.
USolwazi Mlisana uthe kubalulekile ukubheka nokulandelela ukuxhumana kwabantu ngqo futhi uMnyango Wezempilo uzoqhubeka nokwenza lokho maqondana nalesi sigameko esitholakele.
Uqinisekise izakhamizi zaseNingizimu Afrika ukuthi ingqalasizinda yaseLabhorethri inazo zonke izinsiza ezidinge kayo ukuze sikwazi ukuqapha noma yikuphi ukusuleleka okusha oku ngase kuqubuke.
–SAnews.gov.za