Izwe lakithi lizilele intsha esencane eshone esibhicongweni sasethaveni yaseNyobeni

Vukuzenzele Unnamed

Emavikini ambalwa adlule imindeni yaselokishini lase- Scenery Park ngaphandle kwaseMonti, yathola izindaba okungekho noyedwa umzali ofisa ukuzizwa.
Yatshelwa ukuthi izingane zayo ezingama-21 zitholakale sezishonile, ethaveni. Encane kunazo zonke yayineminyaka eyi-13.
Luqhubeka ngesivinini uphenyo lwamaphoyisa ngalesi sibhicongo. Kulandela uphenyo, uMkhandludolobha i-Buffalo City usabhekisisa ukuthi ingabe ayikho yini imithethonqubo kamasipala ephulwe yithaveni.
Imicabango nemikhuleko yethu ikule mindeni ebhekene nobunzima bokwamukela lesi sigameko esinyantisa umzimba esingachazeki.
Siyawuncoma uhulumeni wesifundazwe saseMpumalanga Kapa ngokusiza imindeni esemanzini, kanye no-AVBOB ngokwethembisa ukusiza imindeni ngemingcwabo.
Nakuba iziphathimandla ezifanelekile zizama ukuthola ulwazi kanye nokuqonda okwenzeka ukuze kuqinisekiswe ukuthi abagilwa bathola ubulungiswa, kunengxoxo okumele sihlale phezu kwayo njengezwe. Inkinga yokuphuza utshwala kwezingane ezisencane ezingakavumeleki ukuphuza utshwala.
Amavidiyo nezithombe zalo mcimbi obizwa 'ngepens down' (okusho idili lokubungaza ukuphothulwa kwezivivinyo zesigamu sonyaka) endaweni yesigameko ngalobo busuku ezifakwe kuinthanethi ziveza abantu abasha abancane bezitika ngobumnandi bephethe amabhodlela otshwala. Abaningi abakulezo zithombe kubukeka kuyintsha esencane kakhulu ngeminyaka.
Iningi labantu abasha base-Scenery Park batshele abemithombo yezindaba ukuthi babona umyalezo owawuzungeza ezinkundleni zokuxhumana, uthi kunotshwala bamahhala obukhishelwa bonke abahambele umcimbi ngalobo busuku.
Ukukhula kokwamukeleka emphakathini komkhuba wabantu abasha abaphuza utshwala sekuyinkinga enkulu ezweni lethu lapho iningi labantu abaphuza utshwala kakade selithathwa njengabantu abaphuza utshwala ngokweqile ngokusho kweNhlangano Yezempilo Emhlabeni.
Ukuphuza utshwala kwabantu abasha abasebancane kuyamaniswa nokuphazamiseka ekwenzeni imisebenzi, ukulova ezikhungweni abafunda kuzona, ukulimala okuyamaniswa notshwala, imicabango yokuzibulala kanye nokuzama ukuzibulala, kanye nokuziphatha ngendlela enobungozi.
Kumele sibumbane ukuze silwisane nalesi sihlava esiphuca intsha yethu iminyaka emnandi kakhulu empilweni yayo, futhi esibabeka engcupheni yokuba yizigqila zotshwala.
Kithina njengemindeni lokhu kusho ukuthi kumele sibe nezingxoxo ezivulelekile sikhulume sigeqe amagula ngotshwala futhi kumiswe nemikhawulo okungamele kweqiwe kuyo. Ukuphuza utshwala kwezingane ezingaphansi kweminyaka eyi-18 kuyinto ephambene nomthetho.
Njengabantu abadala kumele siwugweme umkhuba onjengokuthuma izingane ukuthi ziyosithengela utshwala noma wokuvuma ukuthengela lezi zingane utshwala.
Asiqali ukuhlangabezana nesigameko esibuhlungu nesidabukisayo njengalesi esenzeke e-Scenery Park ngeviki eledlule.
Okufanayo phakathi kwenhlekelele eyenzeke ethaveni yaseNyobeni, nesibhicongo sasendaweni yokuzijuxuza ebusuku i-Throb nightclub eThekwini ngowezi-2000, kanye nenhlekelele yasethaveni yase-Osi eKhayelitsha ngowezi-2015, wukuthi lezi zindawo zidayisela izingane ezisencane utshwala ezingavumelekile ukuphuza utshwala ngenxa yeminyaka yazo.
Ukwanda kwezikhungo eziphula imithetho kubuka umuntu wonke kubonisa ukuhluleka kweziphathimandla ukuphoqelela ukuhlonishwa kwemithethonqubo.
Ngaphansi koMthetho Wezotshwala Kazwelonke, abanikazi bezakhiwo abanamalayisense otshwala abavumelekile ukudayisela umuntu oneminyaka engaphansi kweyi-18 utshwala. Kumele bathathe izinyathelo ezifanele ukuqinisekisa ukuthi noma ubani odayiselwa utshwala uneminyaka yobudala efanelekile.
Sinxusa imiphakathi ukuba isebenzisane nabomthetho ukuqinisekisa ukuthi amathaveni, izindawo zokucima ukoma, izindawo zokuzijabulisa kanye nezindawo zokudayisa eziphula umthetho zibhekana nengalo yomthetho.
Sinxusa amaphoyisa akithi ukuba aqinise isandla ukuphoqelela ukuthotshelwa kwemithetho enqabela ukudayiswa kotshwala eduze kwezikole futhi aqinise ukuqapha izindawo ezibudayisayo ukuze kuqinisekiswe ukuthi utshwala abudayiselwa izingane ezisencane.
Elinye iqiniso elingephikiswe wukuthi utshwala buyindlela yokuchitha isizungu kubantu abasha emiphakathini lapho kunamathuba amancane okuba nezindlela zokuqeda isizungu eziphephile nezilungele abantu abaneminyaka yabo.
Umphakathi wase-Scenery Park ukhombe ukungabibikho kwezikhungo zezemidlalo, zokufunda kanye nezinye izindlela zokuzithuthukisa zabantu abasha, okubaholela ekutheni bagcine 'sebehla benyuka emathaveni'.
Njengoba kwenzeke lo mshophi, umphakathi usukuvezile ukuthi azikho izinkundla zemidlalo, imitapo yolwazi yomphakathi noma izikhungo zabantu abasha e-Scenery Park.
Njengohulumeni kazwelonke, nowesifundazwe kanye nowendawo kudingeka ukuba sibhekane nezikhalo zalo mphakathi kanye nezeminye imiphakathi ngokuqhamuka nezinye izindawo zokuzijabulisa, izikhungo, izinhlelo, kanye nemiklamo eqondiswe kubantu abasha ezindaweni ezincishwe amathuba esifundazweni.
Abanye esibambisene nabo emphakathini njengosomabhizinisi kumele nabo balekelele ngoxhasomali.
Njengemiphakathi kumele sisebenzisane nama-Community Policing Forum ethu, nezinhlangano zomphakathi wakithi kanye nemikhandlu engamele izikole zethu futhi sikhuthale sidlale indima ebonakalayo empilweni yezingane zethu siphinde futhi sikhuthalele nokuqinisekisa ukuphepha kwazo kanye nenhlalakahle yazo.
Njengoba isisho sethu thina ama-Afrika sisho, "ingane ikhuliswa wumphakathi".
Masibambisane ekuvikeleni isizukulwane sethu esiyigugu sangomuso ekunaphazweni wutshwala nezidakamizwa kanye nemithelela yalokho.
Masibambisane ukuqinisekisa ukuthi labo ababeka phambili inzuzo kunempilo yezingane zethu abavunyelwa ukuba basebenze.
Futhi masibe yisibonelo esihle ngendlela thina uqobo esiziyamanisa ngayo notshwala.
Masingagcini nje kuphela ngokuba ngabagcini nabanakekeli bezethu izingane kodwa masinakekele nezomakhelwane ngokunjalo.
 
