Ukuxhashazwa kwesibonelelo somntwana kulicala

More Matshediso 

Uma wazi ukuthi isibonelelo so mntwana esitho- lwa ngumnakekeli wo- mntwana siyaxhasha- zwa, kungumsebenzi wa- kho ukubikela iNhlangano Yezimpesheni Nezibonelelo Zikahulumeni eNingi- zimu Afrika (i-SASSA).
NgokoKhulumela u-SASSA u-Paseka Letsatsi, isibonelelo somntwana sikhokhelwa loyo oyinakekelayo, kodwa siqonde ukunakekela umntwana. Okwamanje isibonelelo singama-R480 ngenyanga umntwana ngamunye.
Isibonelelo somntwana sethulwa nguhulumeni ukuhlinzeka ngosizo lwemali kubantwana abaphila ema- khaya adla imbuya ngothi.
“Uma nje ukuxhashazwa kwesibonelelo kubikwa, kuzoqala uphenyo. Uma uphenyo luthola ukuthi imali etholakele ayisizi umntwana, u-SASSA angabeka omunye umuntu ukuthi athole futhi asebenzise lesi sibonelelo asize umntwana," kusho u-Letsatsi.
Uphinde wathi kubaluleke kakhulu ukuthi umnakekeli womntwana, okunguyena ngempela onakekela umntwa- na nsuku zonke, kube ngu- yena obhaliswe ukuthola le mali ngokusemthethweni.
“Uma kwenzeka ukuthi umntwana uyasuka uya komunye umnakekeli, isibonelelo kufanele naso silandele umntwana. Umnakekeli wokuqala kulindeleke ukuthi abikele u-SASSA ukuthi umntwana akasanakekelwa nguyena, bese umnakekeli omusha naye kufanele eze azofaka isicelo sokuthola isibonelelo," kwengeza u-Letsatsi.
U-Letsatsi uthi abantu abaqhubeka nokuthola izibonelelo zabantwana emva kokuthi abantwana bengasanakekelwa yibona, kuzofanele ukuthi bayi khokhe le mali etholwe ngokungemthetho.
Bangaphinde bashushiswe ngamacala obugebengu uma inkantolo ingaqinisekisa inhloso yokuqola umbuso.
Ukujeza okufanayo kuyasebenza nakubantu abaxhaphaza izibonelelo zokunakekelwa kwabantwana - esikhishwa ngu-SASSA ukweseka ngokwezimali abantwana abaphila nokukhu- bazeka okunzima abadinga ukunakekelwa ngaso sonke isikhathi, izibonelelo zabantu abaphila nokukhubazeka noma izibonelelo zabantu abadala.
“Uma imali isetshenziselwa utshwala, izidakamizwa noma ukugembula, hhayi ukusiza umuntu ofanelekile yilesi sibonelelo, inqubo efanayo yokubika ngalokhu kufanele ilandelwe," kusho u-Letsatsi.
Ngubani ongafaka isicelo sesibonelelo somntwana? 
Ngokusho kuka-Letsatsi, noma yisiphi isakhamuzi saseNingizimu Afrika, ohlala ngokuphelele noma owokufika onamaphepha onakekela umntwana, noma ngabe loyo mntwana uzalwa nguyena noma cha, angafaka isicelo sesibonelelo somntwana, uma nje efanelekile ngokwemibandela ebekiwe ngezansi:
• Umntwana kanye nomna kekeli kufanele bahlale eNingizimu Afrika ngokuphelele.
• Umnakekeli kufanele abe neminyaka eyi-16 ubudala (uma kulikhaya elisele nabantwana) noma ngaphezulu.
• Umntwana kufanele abe ngaphansi kweminyaka eyi-18.
• Loyo othola isibonelelo somntwana kufanele kube ngumnakekeli womntwa na futhi umntwana kufanele ahlale naye.
• Loyo othola isibonelelo kufanele ahambelane nohlolo lwemalingeniso.
Uma umnakekeli wokuqala engekho ebudlelwaneni (engakaze ashade, ehlukanisile noma engumfelokazi), imalingeniso yakhe akufanele ibe ngaphezu kwezi-R4 800 ngenyanga.
Uma umnakekeli wokuqala eshadile, imalingeniso esihlangene yaloyo ofaka isicelo neyowakwakhe akufanele ibe ngaphezu kwezi-R9 600 ngenyanga.
Imalingeniso yalowo oshade naye izobalwa kukho konke - kungakhathalekile ukuthi nishade umshado ohlanganisa amafa noma ohlukanisayo, umshado wesintu noma ngokwamasiko ase-Asia, ukuhlala ngokomthetho kwabantu ababili noma uma ofake isicelo nowakwakhe bengebona abazali bomntwana.
Ukubika ngokuxhashazwa kwesibonelelo, thinta u-SASSA ku-0800 60 10 11 (mahhala).
“Uma nje ukuxhashazwa kwesibonelelo kubikwa, kuzoqala uphenyo. Uma uphenyo luthola ukuthi imali yesibonelelo ayisizi umntwana, u-SASSA angabeka omunye umuntu ukuthi athole futhi asebenzise lesi sibonelelo asize umntwana.”
