Ukunyuka kwezindleko zokuphila kubiza ukuthi sibambisane



Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, abathengi baseNingizimu Afrika bagqemeka engeqiwa ntwala ngokukhuphuka kwamanani nokwaba nomthelela omkhulu kakhulu empilweni yabo.
Sekumba eqolo ukuthenga ukudla kanye nezinye izinto ezibalulekile, ukukhokhela izinsiza eziyizidingo kanye nokusebenzisa izithuthi zomphakathi noma lezo ezizimele. Ngesikhathi lezi zindleko eziphezulu zithinta wonke umuntu, amakhaya anemalingeniso encane lokhu kuyezwela kakhulu.
INkomba Yamanani Yabathengi yakamuva yangoMbasa wezi-2022 eyashicilelwa Ezezibalo eNingizimu Afrika ibonisa ukuthi abantu baseNingizimu Afrika abathwele kanzima bake bathi ukudonsa umoya. Amanani okudla aqoshwa ukuthi angamaphesenti ayisi-6.2. Ukudla okusemqoka kakhulu kubiza ukudlula unyaka owedlule, nokudla okubalulekile okufana namafutha okukhuphuke kakhulu ngamanani.
Inani likaphethiloli, elinomthelela kwnani layoyonke into, likhuphuke ngokuthathu ezinyangeni eziyishumi nambili kuya kuNdasa wezi-2022.
INingizimu Afrika ayiyodwa kulokhu.
Uhlu olushicilelwe kamuva lweNkundla Yezomnotho Womhlaba lubonisa ukuthi cishe ikota yabantu emhlabeni jikelele, kubandakanya labo abasemazweni anomnotho othuthukile, bathwele kanzima ngokwezezimali ngenxa yokwenyuka kwamanani ezinto.
Lokhu kwenyuka kwamanani, ikakhulukazi amanani ophethiloli, kungumphumela wezehlakalo esingenakuzilawula. Ukunqgubuzana okuqhubekayo phakathi kwe-Russia ne-Ukraine kube nomthelela omkhulu emananini ophethiloli nawokudla. Womabili la mazwe angamazwe amakhulu athumela ezimakethe zomhlaba umanyolo, izimbewu zokusanhlamvana nezikawoyela ezidingeka kakhulu kuchungechunge lwezinto ezifana namafutha okupheka.
Enye imbangela umkhiqizo omncane wezolimo ngenxa yesimo sezulu esingesihle kahle esidalwa ukuguquguquka kwesimo sezulu, esifana nezikhukhula kanye nesomiso.
Yize zonke lezi zimo zingaphezu kwamandla ethu, uhulumeni wenza lokho angakwazi ukukwenza ukuvikela abantu baseNingizimu Afrika kumanani akhuphukayo amanje nangesikhathi esizayo.
Enye yezinto ezinhle njengezwe iBhangengodla lethu eliqinile, elizimele elikwazile ukugcina ukwenyuka kwamanani emile, ngaphansi kwalokho amanye amazwe amaningi abhekene nakho.
Kamuva nje simemezele ukuthi intela kaphethiloli izomiswa ezinye izinyanga ezimbili ukuya kuNcwaba, lokho okuzoletha ithuba lokuphefumula kancane kubantu emakhaya. Ukumiswa kwentela kulethe usizo olumqoka kubantu baseNingizimu Afrika selokhu kwaqala ngoMbasa. Njengoba ukumiswa kwentela kudla kakhulu ephaketheni lezimali zikahulumeni, lokho kunomthelela kwezinye izinhlelo zikahulumeni, kuzoba nzima ukuthi kuqhutshekwe nalokhu ingunaphakade.
Noma kunjalo, kusekhona okunye esisengakwenza.
Ukuthuthukisa ukutholakala kokudla kuleli lizwe kubaluleke kakhulu ekumelaneni nalokhu nokushaqeka okuzayo. Sinomkhakha wezolimo oqinile oqhubekayo nokukhulisa nokusungula imisebenzi.
Ukuqhubeka nokukhulisa umkhiqizo wezolimo nokuqinisa isizinda sethu sokudla, sitshala kakhulu izimali ekuthuthukiseni umthamo womkhiqizo walapha ekhaya, sixhasa abalimi abasafufusa kanye nokusiza abantu abaningi ukuthi bazitshalele ukudla kwabo.
NgoHlelo LukaMongameli Lokusungula Imisebenzi, kukhishwe amavawusha ayizi-65 000 anikwa abalimi abasafufusa, futhi umsebenzi uyaqhubeka wokufinyelela kulaba balimi abayizi-250 000. Uhulumeni ubuye ahlinzeke abalimi abasafufusa ngomanyolo kanye nezinsizakusebenza zokukhiqiza ukudla, aphinde asize amaqembu athile kanye nabantu ukuthi baziqalele izivande zokudla. Ezifundazweni ezifana neNyakatho Ntshonalanga, abalimi abasafufusa besekwa ngokuthola amaphakethe ezimbewu kanye namachwane ezinkukhu, ngokubambisana namakolishi ezolimo asendaweni.
Ngohlelo lokubuyiselwa komhlaba i-Pro-Active Land Acquisition Strategy kanye nokudedelwa komhlaba ongaphansi kukahulumeni ukuthi kulinywe kuwona, seseka abalimi abasafufusa ukuthi bakhulise amabhizinisi abo bawenze ukuthi akwazi ukuthengisa ngempumelelo. Sigxile futhi ekusunguleni ukusebenzisana okuningi phakathi kukahulumeni nomkhakha ozimele ukweseka ukukhula kwabalimi abamnyama kwezohwebo ngezinhlelo ezifana no-Partners in Agri Land Solutions kanye ne-Agricultural Development Agency.
Ukuthuthukisa izinhlelo zokugwema izifo ezilwaneni kanye nokuqapha impilo yezilwane ezifweni ezifana nombendeni, siqinisa izindlela zokulawula ukuthuthwa kwezilwane kanye nokukhiqizwa kwemigomo yezilwane.
Ukongeza ekukhuliseni umkhiqizo wokudla kuleli lizwe, uhlelo lwethu lwezibonelelo zenhlalo kanye nokungakhokhwa kwentela ekudleni okubalulekile kusiza ukuvikela labo abadla imbuya ngothi emananini enyukayo. Ngezidingonqangi zamahhala ezifana namanzi nogesi emakhaya aswele, singaqinisekisa ukuthi awukho umndeni ongazitholi izinsizakalo ezibalulekile.
Ukudlula kulesi sikhathi esinzima, yonke imiphakathi kumele ibambe iqhaza.
Kolwethu uhlangothi, uhulumeni uzoqhubeka nokuqapha isimo ngeso lokhozi futhi uzokwenza konke okusemandleni ukuvikela abantu baseNingizimu Afrika ekwenyukeni kwezindleko zokuphila.
Ezamabhizinisi eNingizimu Afrika kufanele ziqinisekise ukuthi abathengi abakhokheli kakhulu ukudla ukwedlula lokho okufanele. Siyazemukela izinkomba ezivela kubakhiqizi bokudla kanye nezitolo zokuthi benza imizamo yokusiza abathengi ukuthi bathole okuningi ngemali yabo.
NgoNdasa kulo nyaka iKhomishini Yezokuncintisana yakhipha imigomo yemakethe yokudla okutshaliwe ukuze umphakathi uphawule ngayo. Yakuphawula ukuthi amanani okudla okutshaliwe ebelokhu ekhuphuka ngaphezu kwamazinga amandla emali, futhi lokhu kudale ukungalingani kulabo abadla imbuya ngothi. Uphenyo luzohlolisisa ukuthi ngabe kukhona na ukuphambana okukhona ekukhiqizweni kokudla lokho okungenza ukuthi ukudla kumbe eqolo.
Sizosebenzisa inqubomgomo yokuncintisana ukuvikela abathengi kumanani aphezulu angenasizathu kanye nezindlela zokusebenza ezingancintisani zamabhizinisi, njengoba senza ngesikhathi sobhubhane lwe-COVID-19.
Umsebenzi oqhubekayo wokuhlelwa kabusha komnotho wethu uzoseka le mizamo. Ukuhlelwa kabusha emikhakheni yezamandla, owezokuthutha nowezokuxhumana kuhlose ukunciphisa izindleko zogesi, ezokuthuthwa kwempahla kanye nedatha isikhathi eside ngokusebenzisa ukuncintisana kanye nokusebenza kahle. Kumele esikhathini esizayo sizikhokhele kancane lezi zinsizakalo, hhayi kakhulu.
Yize amanani kaphethiloli kanye nesimo esibi sezulu kuyizinto esingenakuzilawula, kusekuningi esingakwenza, njengohulumeni, amabhizinisi, abasebenzi kanye nemiphakathi ukusiza abantu baseNingizimu Afrika bedlule kulesi sikhathi esinzima. 
