Ukukhipha isisu ngendlela ephephile nesemthethweni kumahhala

Allison Cooper

Asikho isizathu sokuthi abesifazane basebenzise imitholampilo ekhipha izisu engekho emthethweni nengaphephile uma befuna ukukhipha isisu.
Lokhu kushiwo iPhini likaNgqongqoshe Wezempilo uDkt Sibongiseni Dhlomo, ochaze wathi, ngokomthetho bonke abantu besifazane banelungelo lokukhipha isisu, mahhala, kunoma yisiphi isibhedlela noma umtholampilo kahulumeni emasontweni ayi-12 okuqala okukhulelwa kwabo.
“Kuyadabukisa kithina njengabaholi bakahulumeni ukubona abantu bakithi beshiya izinsizakalo zezempilo eziphephile futhi ezimahhala, noma ngabe yingasiphi isizathu, bahambe bayokhokha imali yabo yokugcina le abangenayo bayokhokhela umuntu ozobeka impilo yabo engcupheni. Asikho isizathu sokuthi abesifazane balungise iphutha lokukhulelwa okungahlelelwe ngokukhipha isisu ngendlela engaphephile futhi engekho emthethweni ngoba sonke siyawenza amaphutha.
Ukukhipha isisu ngendlela engekho emthethweni akusona isisombululo," kusho uDkt Dhlomo.
UMnyango Wezempilo unezikhungo zezempilo zomphakathi ezingama-346 ezihlinzeka ngokukhishwa kwesizu okuphephile, ethasisela.
Lezi zikhungo zitholakala eMpumalanga Kapa (46), eFreyistata (16), e-Gauteng (25), KwaZulu-Natali (56), e-Limpopo (54), eMpumalanga (27), eNyakatho Kapa (6), eNyakatho Ntshonalanga (26) kanye naseNtshonalanga Kapa (90).
Izinkinga ezidalwa ukukhipha isisu ngokungemthe tho
IBamba likaMqondisi Wezempilo Yomntwana Nabesifazane eMnyangweni Wezempilo KwaZulu-Natali, uPhalanndwa Muthuphei, uthi abesifazane bangabhekana nezinkinga eziningi uma bekhipha isisu emtholampilo ongekho emthethweni.
“Inkinga yokuqala ngqa ifaka ukopha kakhulu, ukudabuka komlomo wesibeletho, ukumoshakala kwezitho zangasese nasesiswini, ukusuleleka ngamagciwane ngaphakathi esiswini kanye nobuthi egazini.
“Emva kwesikhathi eside, abesifazane bangaba sengcupheni yokungatholi abantwana, ukuhlala kombungu ngaphandle kwesibeletho, ukuchitheka kwesisu noma ukubeletha kungakafiki isikhathi noma ukufa imbala," kusho uMuthuphei.
“Abesifazane bangaphinde bashayeke ngokomuzwa ngenxa yokukhipha isisu okungaphephile, nokungekho emthethweni, okubandakanya ukucindezeleka emva kokukhipha isisu, ukhwantalala kanye nezinkinga kwezobudlelwano.
“Ukukhipha isisu ngokungemthetho kungaholela futhi emiphumeleni engemihle kwezenhlalomnotho kwabesifazane, izingane, imindeni kanye nemiphakathi," engeza. 
Izindlela zokukhipha isisu ngokusemthe thweni
UMuthupei uthi abesifazane abafuna ukukhipha isisu banezindlela eziphephile futhi ezimahhala ukwenza lokho emitholampilo nasezibhedlela zikahulumeni.
“Izindlela ongakhetha kuzona kufanele zibe khona, zonke okumele zenziwe udokotela noma umhlengikazi oqeqeshiwe futhi owaziyo umsebenzi," engeza.
Lezi zindlela, kungaba ukukhipha isisu ngendlela yokwelapha noma yokuhlinzwa, kume ekuthini owesifazane usekhulelwe isikhathi esingakanani.
Ukukhipha isisu ngendlela yokwelapha, okufaka ukuthatha amasethi amabili amaphilisi ukukhipha isisu, kungenziwa kokhulelwe ukufika emasontweni ayisishiyagalolunye.
“Isiguli sizobe sesikhipha isisu ekhaya hhayi emtholampilo noma esibhedlela," kusho uMuthuphei.
Ukukhipha isisu ngendlela yokuhlinzwa kwenziwa ngumhlengikazi osemthethweni (ukuya emasontweni ayi-12) noma udokotela (kusuka emasontweni ayi-12 kuya kwangama-20).
NgokoMthetho Wokuzikhethela Ukukhipha Isisu wangowe-1996 (Umthetho wama-92 wangowe-1996), ukukhipha isisu kungenziwa futhi ukusuka emasontweni ayi-13 kuya kwangama-20 uma udokotela, emva kokuxoxisana nowesifazane okhulelwe, ukholelwa ukuthi:
• Ukuqhubeka nokukhulelwa kubeka engozini impilo yowesifazane ngokomzimba noma ngokwengqondo.
• Kunobungozi obukhulu bokuthi umbungu ungahaqwa isimo esingajwayelekile ngokomzimba noma ngokwengqondo.
• Owesifazane ukhulelwe ngenxa yokudlwengulwa noma yokulalana kwezihlobo.
• Ukuqhubeka nokukhulelwa kuzokhinyabeza izimo zenhlalo noma zomnotho zowesifazane.
Ukukhipha isisu kungenzeka futhi emva kwesonto lama-20 uma udokotela, emva kokuxoxisana nombelethisi osemthethweni, ukholelwa ukuthi ukuqhubeka nokukhulelwa kuzobeka engozini impilo yowesifazane, kungaholela ekonakaleni kombungu noma kunobungozi bokulimala kombungu.
Ngokusho koMthetho, bonke abesifazane, ngisho ngabe yizingane ezingaphansi kweminyaka eyi-18 ubudala, banelungelo lokukhipha isisu.
Abayidingi imvume yomzali noma yomnakekeli wabo. Ngokusho koMnyango Wezempilo eNtshonalanga Kapa, uma uyingane, uzokwelulekwa ukuthi ukhulume nomuntu omdala ongamethemba kanye nokuza nomuntu ozokuphelezela uma uze emtholampilo.
Nomakunjalo, awuphoqiwe ukukwenza lokhu.
