Ukuthuthukiswa Komnotho Wabansundu kuyimpoqo ekukhuleni komnotho 

Vukuzenzele Unnamed

Ngenyanga kaMbasa kulo nyaka, ukuthengiselana okuyingqophamlando okugxile ekuthuthuki sweni komnotho wabantu abamnyama kwaphothulwa eMpumalanga Kapa nokwenza ngcono ngokubonakalayo ukubandakanyeka kwamabhizinisi aphethwe ngabesifazane abamnyama emkhakheni wezamandla.
Umgudu kawoyela olawulwa yinkampani i-BP Southern Africa e-East London usuthengiselwe i-Wasaa, okuyinkampani ezimele yamakhemikhali kaphethiloli. I-Wasaa izuze yonke impahla yalo mgudu kanye nezabelo ezingama-20% zamapayipi kawoyela.
Umbiko wangowezi-2020 weKhomishana Ebhekele Ukuthuthukiswa Komnotho Wabantu Abamnyama ubonisa ukuthi imikhakha eminingi yezomnotho iyahluleka ukuthola abesifazane abamnyama abanamabhizinisi, ngakho-ke ukuthi le nkampani kawoyela kube ngeyowesifazane omnyama kuyingqophamlando.
Kufaka igalelo emzamweni wethu njengezwe ukuthi siphinde sibhekane noku ngalingani futhi siqinisekise ukuthi kukhona ukuziba ndakanya kwezwe okuningi emnothweni wethu.
Kamuva nje, ngamemezela ukubekwa koMkhandlu Ocebisa Ngokuthuthukiswa Komnotho Wabantu Abamnyama omusha, ofaka phakathi uhulumeni, amabhizinisi, ezabasebenzi kanye nabanye ababambiqhaza. Wasungulwa ukuze weseke inqubo yokuguqulwa komnotho.
Umkhandlu lo unomsuka wawo osembikweni wa ngowezi-2001 owethulwa yiKhomishana ye-BEE. Lo mbiko ususelwe kucwaningo olunzulu ngokwakheka komnotho waseNingizimu Afrika, nokuthi yini eyayidingeka ukuguqula umnotho, kukhuliswe amabhizi nisi abantu abamnyama, kuqinisekiswe ukwanda kwabaphathi abamnyama kanye nobunikazi kubantu abamnyama emabhizinisini, kanye nokubuyisa abesifazane abamnyama kuchungechunge lomnotho.
Ngonyaka ozayo, kuzobe kuyiminyakashumi emibili selokhu uMthetho Woku thuthukisa Umnotho Waba ntu Abamnyama (i-B-BBEE) – okuyiwona owasungula umkhandlu – waphasiswa.
Ukuzinikela kwethu ukuqinisa nokujulisa uku thuthukiswa komnotho akungabazeki. Yingakho ukuthuthukiswa komnotho wabamnyama kungummo ngo wokwakhiwa kabusha nokuvuselelwa komnotho wethu ngemuva kobhubhane lwe-COVID-19.
Lesi ngesinye seziqiniseko engazisho kuMkhandlu Wosomabhizinisi Abamnya ma ekuqaleni kwenyanga eyedlule, lapho sadingida khona isimo se-B-BBEE kuleli lizwe, inqubekelaphambili esiyenziwe nokuthi yini edinga ukuthi siyenze ngokubambisana ukuze sakhe kulokho esikuzuzile.
Ngesikhathi bekulokhu kukhona inqubekelaphambili ebonakalayo kule minyakashumi emibili eyedlule, kunezinye izindawo lapho kube khona ukudodobala.
Sibuyele emuva uma kuziwa ekwandiseni abantu aba mnyama abalawula amabhizinisi, ukuthuthukiswa kwamakhono, ukuqinisa ukuthuthukiswa kwamabhizinisi kanye nokwandisa izindlela zokuthengiselana ukuze kuzonikwa abesifa-zane abamnyama nentsha amathuba.
Uhulumeni wesikhathi sobandlululo wenza ngamabomu wakha umnotho ohlanekezelwe owawakhe lwe ukuthi kuzuze abantu abamhlophe. Iningi labantu baseNingizimu Afrika babekhishwe inyumbazane emnothweni, nosomabhizinisi babevaleleke ekubeni nezitolo ezincane emalokishini.
Ekupheleni kobandlululo, ubunikazi babantu abamnyama ezinkampanini ezisohlwini lwe-JSE babungaphansi kwephesenti elilodwa. Leli nani alikabi ngcono kangako eminyakeni engama-28 eyedlule.
Ngaso leso sikhathi, sekube nemizamo ebalulekile yomkhakha ozimele kanye nezinyathelo zikahulumeni zokulawula ukubamba iqhaza okukhulu nokubonakalayo kwabantu abamnyama emnothweni.
Phakathi kowezi-2017 nowezi-2020, cishe izicelo zokuthuthukiswa kwamabhizinisi ezingama-500 zalethwa ukuze zibhaliswe kuKhomishana ye-B-BBEE.
Emkhakheni ehamba pha mbili efana neyokwakha,  eyezakhiwo, ulwazi nobuchwepheshe bezokuxhumana, ezokuvakasha  nezokuthutha, ubunikazi babantu abamnyama sekwedlulele kulokhu obekubhekiwe.
Ukuguqulwa nokukhula komnotho kungamathe nolimi. Ngeke kube khona okunye ngaphandle kokunye.
Ngokuhlanganisa uguquko kwinqubo yokuthuthukiswa kwezimboni, senza ngcono indlela yokukhulisa umnotho efaka wonke umuntu eyabelanayo, kunokugxila emnothweni.
UMnyango Wezokuhwe-belana, Izimboni kanye Nokuncintisana (i-DTIC) iphishekela ukuzuza lokhu ngokusebenzisa izinhlelo ezahlukahlukene. Lezi zinhlelo zibandakanya uhlelo lokweseka amabhizinisi asemalokishini, uqeqesho mayelana nokuthunyelwa kwempahla kwamanye amazwe olwenziwa Abezokuthuthukiswa Kwezimboni i-Industrial Development Corporation (i-IDC) kubantu besifazane abamnyama kanye namabhizinisi aphethwe yintsha, kanye nokukhulisa isabelomali sengqalasizinda kwezokuThuthukiswa Kwezomnotho eTshwane.
Ngokulandela izinhlelo ezinkulu kulo mkhakha siqhuba ukuqhutshwa kwamabhizinisi khona lapha ekhaya okuzozuzisa amabhizinisi abantu abamnyama. Isibonelo, izindawo zabalimi abamnyama zokufuya izinkukhu eziyishumi zisunguliwe ngotshalomali lwezigidi ezingama-R336 njengengxenye yohlelo olukhulu lomkhakha wezinkukhu. Uhulumeni uphinde wethula uchungechunge lwabamnyama lokuthunyelwa kwempahla kwamanye amazwe oluzoxhumanisa izinkampani zabamnyama zokudla, zemikhiqizo yobunjiniyela, ezezingxenye zemoto, ezemikhiqizo yokunakekela isikhumba kanye neminye imikhakha yomnotho.
Njengengxenye yomkhankaso wethu wokusungula isizukulwane esisha sosozimboni abamnyama, ngonyaka owedlule uhulumeni wagunyaza izigidigidi ezi-R2.5 ukweseka kabusha osozimboni abamnyama abayi-180 ngendlela yemalimboleko yakwa-IDC kanye ne-National Empowerment Fund (i-NEF) kanye nezibonelelo eziphuma ohlelweni lokukhuthaza lakwa-DTIC.
Eminyakeni emithathu ezayo ezinye izigidigidi ezingamaR21 zithenjiswe yi-IDC, i-NEF kanye nezinye izikhungo ukuze kuzokwesekwa osozimboni abamnyama.
Ezinye izigidigidi ezingamaR25 zithenjisiwe ukuze kuzokwesekwa izinkampani zabesifazane abamnyama, intsha kanye neziphethwe ngabasebenzi.
Kucace bha ukuthi usemuningi umsebenzi okumele wenziwe ukubhekana nezinselele amabhizinisi abamnyama abhekana nazo.
Lokhu kubandakanya ubunzima ekufinyeleleni emalini yokuqala ibhizinisi kanye nokulikhulisa kanye nekhono lama-SMME ukuthola imakethe yemikhiqizo yawo.
Amabhizinisi aphethwe ngabesifazane abamnyama, ikakhulukazi, abhekana nobunzima ekuthatheni ithuba lokuthengiselana ngempahla enkulu.
Ukunqamula ukhondolo lokungathuthuki ngokusebenzisa ukuthuthukiswa komnotho wabamnyama akukona nje ukulunga okuyimpoqo; kodwa kulungele nebhizinisi.
Ukukhishwa inyumbazane kweningi labamnyama okuqhubekayo emnothweni kucindezela ukukhula komnotho, okuthunaza wonke amabhizinisi. Ukukhulisa isisekelo samabhizinisi kuleli lizwe kubaluleke kakhulu ekukhuleni komnotho.
Sabelane ngesibophezelo sokuqhubela phambili ukuqiniswa kwe-B-BBEE ngoba lokhu kumayelana nokuqeda nya ukungalingani.
Iminotho engalingani iholela emiphakathini engalingani, futhi imiphakathi engalingani ayikhuli idlondlobale.
Hhayi nje ukuthi kuyiphutha kuphela, kodwa futhi akusimeme, ukuthi amabhizinisi agcine izikhundla zabaphathi nezobunikazi kungezabamhlophe noma amadoda.
Ekugcineni, ngumphakathi waseNingizimu Afrika ongabathengi abahamba phambili bezimpahla zabo kanye nezinsizakalo. Lokhu kumele kugqanyiswe ekwahlukahlukaneni kokuqashwa nasezindleleni zokuphatha, ebunikazini kanye nasekuthengiselaneni.
Ukuthuthukiswa komnotho wabantu abamnyama kuzophumelela kuphela ngokusebenza ngokubambisana kanye nokuzimisela okufanayo kuguquko lomnotho.
Ukubekwa koMkhandlu we-B-BBEE kuzosisiza ukuthi sinwebe imingcele yokuthuthukiswa komnotho wabantu abamnyama.
Nginxusa amabhizinisi, abasebenzi kanye nezimboni ukuthi basebenzisane nomkhandlu njengoba uqala lo msebenzi obalulekile.
