Ukwakha kabusha impilo nendlela yokuphila emuva kwezikhukhula.

Vukuzenzele Unnamed

Sekucishe kuphele izinyanga ezimbili izingxenye zaKwaZulu-Natali, eMpumalanga Kapa naseNyakatho Ntshonalanga zikhahlanyezwe yizikhukhula, okwadala ukudlula kwenqwaba yabantu kanye nomonakalo wempahla nengqalasizinda.
Kamuva nje bengivakashele eThekwini KwaZulu-Natali ukuyohlangana nosomabhizinisi edolobheni ukuze sibasize ezinhlelweni zabo zokuvuselela imisebenzi yabo.
Kwathi lapho kugasela lo monakalo wemvelo, kwaba nokukhathazeka ngokuthi iziphathimandla zazingenawo amakhono futhi zingeke zikwazi ukubhekana ngokufanele nangokugculisayo nesimo esibucayi salabo abalahlekelwa yikho konke.
Emuva kokuvakashela leli dolobha okwesibili selokhu kwaba nezikhukhula, kungicacele ukuthi lokhu kukhathazeka kwakuyiphutha. KwaZulu-Natali, njengaseMpumalanga Kapa naseNyakatho Ntshonalanga, bonke ababambiqhaza bebesebenza kanzima ukuze lezi zifundazwe zivuke emuva komonakalo.
Isikhungo Sokuphatha Izinhlekelele Kuzwelonke besididiyela zonke izinhlaka zikahulumeni ezinhlelweni zazo zokuhlinzeka ngosizo kubantu emakhaya amaningi akhahlamezeka. Kuye kwathokozisa ukubona  izinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni, amabhizinisi kanye nezinhlangano zosizo zihlanganyela nohulumeni ekuhlinzekeni ngosizo oludingeka kakhulu.
Bonke laba babambiqhaza bahlinzeke ngokudla, izingubo zokugqoka, izingubo zokulala, okokunakekela umzimba kanye nemifaniswano yesikole emindenini eswele ukuze ihlangabezane nezidingo zayo eziyisisekelo.
Njengamanje kunabantu abangaphezu kwezi-7 000 abahlinzekwa ngosizo lokufihla ikhanda ezifu ndeni ezine ezikhahla  mezeke kakhulu KwaZulu Natali. Umsebenzi sewuqalile wokwakha izindawo zokuhlala zesikhashana zemindeni ethintekile, emhlabeni kahulumeni ohlonziwe KwaZulu-Natali ukuze kuzanywe ukuba bahlale khona.
IMinyango kahulumeni, okungowaseKhaya, owezeMpilo nowezokuThuthukiswa Komphakathi ubusiza imiphakathi ethintekile ngokuthola usizo olusemqoka. Isibonelo, kusetshenziswa amahhovisi angomahambanendlwana ukusiza labo abalahlekelwa yimibhalo esemqoka ezikhukhuleni ukuze bathole omazisi bamakhadi kanye nokuba bakhishelwe izitifiketi zokuzalwa kabusha.
Imisebenzi yezempilo ekomahambanendlwane, okubandakanya ukugomela iCOVID-19, ihlinzekelwa abantu ezindaweni lapho zingakasebenzi ngokugcwele izikhungo ngqo. Kumiswe izindlela zokukhokha izibonelelo zikahulumeni kubantu abathintekile.
Kuthengwa amaklasi angomahambanendlwane ukuze ukufunda noku fundisa kungezukuphazamiseka isikhathi eside ngaphezu kwalokho okufanele ezikoleni ezithintekile.
Umsebenzi uyaqhubeka woku lungisa uhlelo lokuhlanzwa kwamanzi oluthintekile, izite shi zokuphampa amanzi namapayipi ahambisa   amanzi. Imigwaqo elimele iyalungiswa. Kuhlelwe ukuba kwakhiwe amabhu loho ayishumi nesishiyagalombili amasha njengengxenye yohlelo   lweWelisizwe Rural Bridges.
Kube nenqubekela phambili enkulu ekulungiseni ingqalasizinda esemqoka eyesekela iChweba lase Thekwini. Ngenxa yokubaluleka kwechweba emnothweni wezwe kanye nasezwenikazi, ukungena nokuphuma kwezithuthi echwebeni sekuvuselelwe, imisebenzi yasechwebeni iqhubeka ngokugcwele   futhi imisebenzi yokulungisa ingqalasizinda yojatshi iyaqhubeka.
Kumiswa izindlela zokwengezela zokuhlinzeka ngosizo lwezimali ukusekela amabhizinisi amakhulu namancane akhahlamezekile. Lokhu kudingeka ngokuphuthumayo ukuqinisekisa ukuthi amabhizinisi ahlala ese benza futhi kungabi nokuphela kwemisebenzi.
Ezikhathini ezahlukene emlandweni wentando yeningi labantu yethu, siye sabhekana nezigameko kanye nezimo ezihlole ubungako bamandla   abantu bakithi kanye nokusebenza ngempumelelo kwezikhungo   zethu.
Sikubonile ukubumbana nokusekelwa okumangalisayo kwemiphakathi ethintekile KwaZuluNatali, eMpumalanga Kapa naseNyakatho Ntshonalanga.
Ohulumeni bomasipala kanye nabesifundazwe bebesebenzisana ngokusondelana neminyango kazwelonke kanye namaejensi ukuze abantu bakwazi ukwakha izimpilo zabo kabusha futhi bavuselele imisebenzi yezomnotho yasendaweni.
Bebesebenzisana nabo bonke ababambiqhaza kuzo zonke lezi zindawo ukuqinisekisa ukuthi sibambisana ngempumelelo ezinhlelweni zokuvuselela kanye nokuthi siyahlela futhi sakhe kabusha ngendlela ekwazi ukumelana nezigameko ezinzima zalolu hlobo ngomuso.
Ukubekezela kwemiphakathi ethintekile, ukuzimisela kwayo ukuphumelela kanye namandla ayo okubambana ngezikhathi zokuxakeka kudale ukukhuthazeka. Sibethulela isigqoko bonke ababe yi ngxenye yezinhlelo zokusiza abantu basezifundazweni ezithintekile.
Njengohulumeni, sihlanganisa zonke izinsiza ezikhona futhi senza yonke imizamo ukuqinisekisa ukuthi, njengoba sakha kabusha, angabibikho noyedwa osala ngaphandle.
