Landa ikhadi lakho lelayisensi yokushayela 

Vukuzenzele Unnamed

Abashayeli abafake isicelo esisha noma sokuvuselela sekhadi lelayisensi yokushayela noma imvume yokushayela ngokomsebenzi iprofessional driving permit (i-PrDP) phakathi kukaMfumfu noZibandlela ngonyaka odlule banxuswa ukuba bawalande.
NgokweNhlangano Elawula Izimoto Emgwaqeni (i-RTMC), ngama-42% kuphela amakhadi elayisensi yokushayela kwayizi-32 748 akhiqizwe ngalesi sikhathi aselandiwe.
UNgqongqoshe Wezo kuthutha uFikile Mbalula uvule izikhungo ze-RTMC eziqondene namalayisensi okushayela e-Midrand naseEco Park ngonyaka odlule, ukuze kubhekanwe nokusilela emuva komsebenzi wamalayisensi okushayela aphelelwe yisikhathi ngenxa ye-COVID-19.
I-Akhawunti Yekhadi Lelayisensi Yokushayela, ephrinta amalayisensi, isebenza ngaphandle kokunqamuka ukuze kusheshiswe ukukhiqiza futhi ihambisana nezinhlelo zokuqeda ukusilela emuva ekupheleni kukaNhlangulana.
I-RTMC ithi abantu bangabheka isimo sesicelo sabo ngaphambi kokuya esikhungweni sezamalayisensi ukuyolilanda.
Lokhu kungenziwa ngeSMS noma nge-inthanethi.
Ukubuza ngeLayisensi yokushayela nge-SMS
Ukubuza ngelayisensi yokushayela, abafakizicelo bangathumela izinombolo zikamazisi zabo nge-SMS ku-33214. Bazothola enye yama-SMS alandelayo:
• Application received: The application was received, but has not yet been processed.
• Production queue: The card is still being processed and manufactured.
• Produced and ready for collection: The card will be ready for collection in 21  days. However, due to the high number of cards being processed, the RTMC advises you to wait 35 days before going to collect.
• Problem card: There is a problem with the production of your card. Please return to the testing centre.
Maqondana nombuzo ngesicelo se-PrDP, thumela inombolo kamazisi yakho ku-44220.
Ukubuza ngeLayisensi yokushayela ngeinthanethi
Ungakwazi nokubona isimo sesicelo sakho mahhala ngeinthanethi.
• Vakashela u online.natis.gov.za.
• Akha iphrofayili bese ungena.
• Cofa isimo sesicelo sakho  kudeshibhodi.
Labo abanamalayisensi aphelelwa yisikhathi phakathi kukaNdasa 2020 nomhla ka-31 kuNcwaba 2021, abeqiwa umnqamulajuqu wokuvuselela ngomhla wesi-5 kuNhlaba, belulekwa ukuba bathole amalayisensi okushayela esikhashana   uma befaka izicelo zabo   zokuvuselela ukuze baqhubeke nokuhambisana nomthetho.
Nakuba izikhungo ze-RTMC zivula ngoMsombuluko kuze kube yiSonto kusukela ngehora lesi-7 ekuseni kuya kwelesi-9   ebusuku, amalungu omphakathi akhuthazwa ukuba ajoyine olayini abafishane ngoLwesihlanu nangempelasonto.
