Abahlengikazi bezilwane bokuqala baseNingizimu Afrika bathweswa iziqu.

Allison Cooper

Ukuba ngomunye wabahlengikazi bezilwane bokuqala ezweni kuwukufezeka kwephupho kusakhamuzi sase-Randburg uPhumelela Mthimkhulu (21), owaqala ukuthanda izilwane esayingane.
UMthimkhulu usanda kuthweswa iziqu zeBachelor of Veternary Nursing  eNyuvesi yasePitoli (i-UP), okuyisona kuphela isikhungo esiqeqeshela ukwelashwa kwezilwane eNingizimu Afrika.
"Angikakholwa namanje.
Ukwazi ukuthi ngibe yingxenye yekilasi lokuqala elifundele iziqu zebachelor, okuthathe iminyaka ukuzithola, kuyintokozo enkulu.
“Ngiyabonga ngamathuba kanye neminyango ezosivulekela ukuze siqhubeke nezifundo zethu futhi sibe ngongoti emkhakheni wethu, okwakunzima ukukwenza phambilini."U-Tariman Fisher, uMongameli weNhlangano Yabahlengikazi Bezilwane yaseNingizimu Afrika, uthi le yingqopha-mlando kulo mkhakha eminyakeni engama-42 waba khona.
"Iziqu ezintsha zeminyaka emithathu zizonika abahle ngikazi abaneziqu ithuba lokubhalisela izifundo zepostgraduate, okwethenjwa ukuthi kuzogcina ngokuholela ekuthwesweni iziqu zehonours, zemasters nezePhD." Odokotela bezilwane belapha izilwane lapho zilimele nalapho zigula, okufana nemisebenzi ehlinzekwa wudokotela   lapho elapha abantu. Abahle  ngikazi bezilwane babalulekile emathimbeni omsebenzi wabelaphi bezilwane, kusho uMthimkhulu.
"Amanye amakhono abalulekile abahlengikazi wukubonisa ukunakekelwa kweziguli, ukuxoxisana  namaklayenti, ukusiza odokotela bezilwane ngezinqubo zokwelapha, kanye nanoma yini ezosiza isibhedlela sezilwane sisebenze ngokusezingeni eliphambili.
"Kungeminye yemisebenzi enenzuzo enkulu.
Uma ufuna ukuba ngumhlengikazi wezilwane, ungavumeli ukwesaba noma ukuswela ulwazi kukunqande ekukuzameni nasekukuthokozeleni ngoba kuzoshintsha impilo yakho ngendlela engcono,” kusho uMthimkhulu.
Imifundaze yokubhekana nokuntuleka kwamakhonoNgenxa yokuntuleka kwamakhono kulo mkhakha, uMthimkhulu akabanga nenkinga yokuthola umsebenzi.
"Ngibe senhlanhleni yokuthola umsebenzi Esibhedlela Sezilwane sase-Fourways ngonyaka wami wokugcina ngifunda. Ngaqala ukusebenza  khona cishe emuva kwenyanga ngibhale izivivinyo zokuhlolwa zokugcina zami futhi ngikuthokozela ngazo zonke izikhathi," usho kanje.
IHealth and Welfare Sector Education and Training Autho rity (i-HWSETA) izibophezele ekubhekaneni nokuntuleka kwamakhono okukhulu emkhakheni wezokwelashwa kwezilwane kanye nokuqinisekisa uguquko.
Isanda kwethula uMkhakhanso iVeterinary Science Career Guidance Campaign , ngokubambisana noMnyango Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqesha, futhi izovakashela izikole zasemakhaya ukukhuthaza abafundi ukuba bacabange ngokuthatha umkhakha wokufundela umsebenzi wezokwelashwa kwezilwane.
Imemezele imifundaze engama-60 yokubhekana nokuntuleka okubucayi kodokotela bezilwane ezindaweni zasemakhaya eNingizimu Afrika.
"Imifundaze ibheke kakhulu abafundi basezindaweni zasemakhaya njengoba bengathatha ulwazi lwabo balubuyisele emakhaya," kusho uDkt. Nomfundo Mnisi, uSihlalo we-HWSETA.
IPhini likaNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme, Ezesayeni Namasu Amasha, uButi Manamela, uyamukele imifundaze.
Isigaba Semfundo Sezesayensi Yokwelashwa Kwezilwane sase-UP sizosiza i-HWSETA kwezokwazisa, ukuxhasa imifundaze kanye nemikhankaso yokuhehela abafundi kulo mkhakha.
"Sizophinde sisize i-HWSETA ekuphatheni imifundaze, ezokhishelwa abafundi bezesayensi yokulashwa kwezilwane abasonyakeni wokuqala abavela emaqoqweni aqokiwe,”  kusho u-Chris van Blerk, iNhloko Yezokuxhumana Nezemithombo Yezindaba kwiSigaba Semfundo Sezesayensi Yokwelashwa Kwezilwane sase-UP.
Uthi intsha efisa ukulandela ezinyathelweni zikaMthimkhulu ngokubhalisela iziqu zebachelor's degree yokuqala e-UP kudingeka ukuba ibe neSitifiketi sikaMatikuletsheni (i-NSC), noma iziqu ezilingana nalezo, futhi ihlangabezane nezidingo zalo mkhakha.
“Ukuze ifundele iziqu zeBachelor of Veterinary Nursing , kumele ibe noMphumela wamaPhuzu Okwamukelwa angekho ngaphansi kwama28 kanye ne-NSC eneSingisi Ulimi Lwasekhaya noma IsiNgisi Ulimi Lokwengezela Lokuqala, izibalo, kanye nephysical science noma ilife sciences,” esho engezela.
Ukuze uthole olunye ulwazi ngomkhakha, intsha ingaxhumana nezikhungo zokwelashwa kwezilwane ezizimele  noma ikhulume nodokotela bezilwane bakucompulsory community service (i-CCS) abayingxenye yoMnya ngo Wezolimo, Izinguquko Kwezomhlaba kanye Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya (i-DALRRD) ezweni lonke.
"Uhlelo lwe-CCS luhlose ukuhlinzeka ngemisebenzi yokwelashwa kwezilwane okufinyelelekayo kuyo nengambi eqolo ezindaweni ezingahlinzekelwa ngokwanele nezingenazo izinsiza ezifanele eNingizimu Afrika.
Ngakho, odokotela bezilwane abasohlelweni bazohlala besebenza njengemithombo yolwazi ethembekile," kusho u-Van Blerk.