Zivikele kwi-COVID-19  ngaphambi kobusika  

Allison Cooper

Njengoba izigameko ze-COVID-19 eNingizimu A frika zilokhu zikhuphuka ngaphambi kwehlandla lesihlanu eliqaguliwe kanye nezinyanga ezibandayo zobusika esezisemome, uhulumeni uyaqhubeka nokunxusa umphakathi ukuthi ugomele igciwane futhi ungasaleli emuva ngemijovo yokuvuselela.
Ngokusho kukaNgqongqoshe Wezempilo uDkt. Joe Phaahla, mhla zingama-25 kuMbasa iNingizimu Afrika yaqopha ukukhula kwezigameko ezintsha ze-COVID-19 ngama-137%, uma kuqhathaniswa nezinsuku eziyisikhombisa ezedlule, okuholwa kakhulu ngamazinga aphezulu okusuleleka ezifundazweni zase-Gauteng, KwaZulu-Natali kanye naseNtshonalanga Kapa.
“I-COVID-19 isalokhu iyingozi futhi ngeke sikwazi ukuyekela zonke izindlela zokuyivikela," kusho uNgqongqoshe uPhaahla.
“Siyaphinda futhi sinxusa bonke labo abangakagomi ukuthi beze bezogoma.
Sisalokhu singaphansi kwama-50% wabantu abadala asebethole okungenani umjovo owodwa kanti lokho akukuhle neze.
Sinxusa intsha esikhulile ukuthi isondele. Ukuqina kwamasotsha omzimba ngokwemvelo kuyafadalala  ngokuhamba kwesikhathi futhi akufani nokugoma, ngeke ukubekele isikhathi. Sinxusa bonke labo abafanelekile ukuthola umjovo wokuvuselela ukuthi basebenzise leli thuba kungakafiki ubusika," kwengeza yena.
UMnyango Wezempilo eNtshonalanga Kapa uthi imininingwane yalapha kuleli lizwe neyasemhlabeni jikelele iqinisekisa ukuthi ukugomela i-COVID-19 kusalokhu kuyisona sikhali  esihamba phambili ekulweni negciwane. Lokhu kusiza kakhulu kubantu abanamasotsha omzimba abuthakathaka.
I-COVID-19 angeke inyamalale maduze nje.
Ukuze inqotshwe, kufanele siyiqede ngokuqinisekisa ukuthi kugoma abantu abaningi futhi siqhubeke nokuthola imijovo yokuvuselela, kusho umnyango.
Ihlandla lesihlanu
Yize izigameko ze-COVID-19 zikhula futhi izwe lilindele ukuthi maduze lingene ehlandleni lesihlanu, akukaziwa ukuthi lizoba libi kangakanani.
“Okungakaqinisekiswa yilokho esikutshelwa ngososayensi bethu ukuthi umxhantela wegciwane omusha uzofika ngomxha ntela omusha oteketiswa ngelikaPi, ozofuna ukusabalala ngesivinini futhi wehlule namasotsha omzimba aqinile. Kodwa kulesi sigaba, osekuqinisekisiwe ukuthi yikhona  okudlangile yimixhantela yegciwane iOmicron ebizwa nge-B.4 ne-B.5," kusho uPhaahla.
Gwema ukusulelana
Ungasiza ukugwema ukusulelana nge-COVID-19 ngokuqinisekisa:
• Ukuthi awushiywa isikhathi ekuthatheni imigomo yakho ye-COVID-19 kanye nemijovo yokuvuselela.
• Ukuthi izindawo zangaphakathi zingenisa umoya ngokwanele.
• Ukuthi ugqoka isifonyo uma ungaphakathi kwesakhiwo kanye nasezindaweni ezigcwele abantu.
• Ukuthi ugomela umkhuhlane.
• Ukuthi uyazi kumele wenzeni uma unezimpawu ezifana nezomkhuhlane.
• Ukuthi uhlanza izandla zakho futhi usebenzisa izibulali-magciwane.