I-Operation Vulindlela ivula indlela yokukhulisa umnotho

Vukuzenzele Unnamed

Umnotho waseNingizimu Afrika, njengawo wonke umnotho, ngeke usebenze, angiphathi-ke ukuthi ukhule, ngaphandle kwezimboni ezinekhono nezisezingeni lokuncintisana. Lezi zimboni ezibandakanya ugesi, amanzi, ezokuthutha kanye nezokuxhumana ngobuchwepheshe ziyimithambo ephethe ukuphila komnotho.
Izinkinga zokwakheka kwale mikhakha kudala zabekwa njengezinye zezithiyo ekukhuleni komnotho waseNingizimu Afrika. Ukungabikho kwamakhono kanye nezindleko eziphezulu zezinsizakalo zenethiwekhi kuyisithiyo ekuqhubeni ibhizinisi kuleli lizwe.
Ukubhekana nokusombulula lezi zinselele, sisungule umkhankaso iOperation Vulindlela ngoMfumfu ngowezi-2020 njengomzamo weHhovisi likaMongameli kanye neHhovisi likaMgcinimafa Kuzwelonke ukuqhuba ngesivinini ukuguqulwa kwezakhiwo kulezi zimboni. Ngesikhathi iminyango kahulumeni esebenzayo kanye nezinhlangano ziqhuba lezi zinguquko, iOperation Vulindlela  iqapha futhi ithole izinselele kanye nezithiyo. Lapho kudingeka khona, ilawula ukwesekwa kweminyango ngokobuchwepheshe.
Umbiko wekota wakamuva ucacisa inqubekelaphambili eyenziwe  iOperation Vulindlela  kanye neminyango ebhekene nalezi zinguquko.
Kuwona wonke uhulumeni, sigxile kwizinguquko eziyisisekelo futhi eziguqukayo; ezakha kabusha indlela umnotho wethu osebenza ngayo.
Lokhu kubandakanya ukufakwa endalini kobuxhakaxhaka bezokuxhumana ngamagagasi omoya okudingeka kakhulu, obekumiswe iminyaka engaphezu lwelishumi nokuze kwagcina sekuphothuliwe ngoNdasa.
Ukuvulwa kobuxhakaxhaka obusha buzokwenza ngcono ukuxhumana futhi kwehlise izindleko zedatha.
Ukusungulwa kweSigungu Samachweba Kuzwelonke njengophiko olwehlukile olungaphansi kwe-Transnet ngonyaka owedlule bekumiswe iminyaka engaphezu kwe-15.
Lokhu kwakuyisinyathelo esifanele ekuvumeleni ukubandakanyeka komkhakha ozimele kanye nokukhulisa ikhono lokusebenza kwamachweba ethu.
Siphinde sabuyisela uhlelo lweBlue Drop, olweGreen Drop kanye nolweNo Drop okokuqala ngqa kusukela ngowezi-2014 ukuqinisekisa ukuqapha kangcono amanzi kanye nomgangatho wokuhlanzwa kwamanzi angcolile. Sishicilele futhi sabuyekeza uHlu Lwamakhono Angandile, okokuqala ngqa futhi kusukela ngowezi-2014.
Lezi yizibonelo nje, uma sigxila ekunikezeni  amandla futhi sinaka inani elithile kwizinguquko ezibekwe eqhulwini, lo hulumeni ukwazile ukwenza inqubekelaphambili.
Ngokusebenzisa iOperation Vulindlela , siphinde sakwazi ukusebenzisa indlela egxile emsebenzini ngokuphelele, lokho okuqinisekise ukulawula kangcono lapho iminyango nezinhlangano eziningi zibandakanyeka.
Isibonelo esihle salokhu sikumkhakha wezamandla, lapho izinguquko eziningi ezibalulekile, ezihlobene ziqhubeka ukushintsha indlela esiphehla ngayo futhi esisebenzisa ngayo ugesi.
Okunye okuyingqophamlando kufaka phakathi ukwenyuswa kwesilinganiso sezimvume semiklamo emisha yokuphehla ugesi saya kwi-100MW, lokho okuvumele le miklamo ukuthi ixhume kwisizinda bese ikwazi ukudayisela amakhasimende ugesi.
Sivuselele uHlelo Lwendali Lomkhiqizi Ozimele Wogesi Ovuselelekayo ngokuvulela ezinye izikhathi zokufaka izicelo.
Izinguquko kwimithethonqubo yokuphehla ugesi omusha zivumele omasipala ukuthi bazithengele ngokwabo ugesi okokuqala ngqa. Izinguquko zomthetho zizogcina ngokuba nomphumela wemakethe entsha encintisayo kagesi, ngokwesekwa ukushicilelwa koMthethosivivinywa Ochitshiyelwe Womthe thonqubo Wogesi kanye nomsebenzi oqhubekayo wokuchibiyela iNqubomgomo Yentengo Kagesi.
Umsebenzi wokucozula u-Eskom uyaqhubeka, futhi njengoba le nkampani yakwazi ukuhlangabezana nomnqamulajuqu kaZibandlela wezi-2021 wokusungulwa kweNkampani Kazwelonke Yokudluliswa Kukagesi.
NgoZibandlela kulo nyaka siyathemba ukuthi sizophothula ukucozulwa kweziphehlimandla kanye nezigaba zokuthunyelwa kukagesi zakwa-Eskom.
Umbiko wekota ugqamisa impumelelo ebalulekile eningi, kanjalo nezindawo lapho umsebenzi omkhulu uqhubeka khona.
Emkhakheni wamanzi, umkhankaso iOperation Vulindlela ubulokhu uhlinzeka ngosizo lobuchwepheshe kuMnyango Wamanzi Nokuthuthwa Kwendle ukuqalisa uhlelo lokulungisa isimo sokukhishwa kwezimvume zokusebenzisa amanzi, ngenhloso yokucubungula izicelo ezingama-80% ezinsukwini ezingama-90.
Umsebenzi uyaqhubeka futhi wokusungula i-Ejensi Kazwelonke Yengqa lasizinda Yemithombo Yamanzi ezoqinisekisa ukulawulwa okungcono kwemithombo yamanzi kuzwelonke.
Emkhakheni wezokuthutha, ukungasebenzi kahle kumachweba nakojantshi bezitimela kukhahlameze kakhulu ikhono lethu  lokuthumela impahla kwamanye amazwe. Umsebenzi uyaqhubeka wokusungula ubudlelwano nomkhakha ozimele ukuthi utshale izimali kwingqalasizinda yamachweba futhi kwenziwe ngcono ukulawulwa kwemigudu yeziqukathi emachwebeni aseThekwini naseNgqura.
UMthetho Odingidwayo ngeNqubomgomo Yojantshi Bezitimela Kuzwelonke, owagunyazwa yiKhabhinethi ngoNdasa, ucacisa izinhlelo zokuvuselela ingqalasizinda yojantshi bezitimela nokuvumela ukungena kwabangaphandle kulolu hlelo lwezitimela zempahla.  Uhlelo Lomzila Wezitimela Zempahla kwa-Transnet seluvele luqalile ukuvula izikhala zabasebenzisi bojantshi abazimele.
Uhlelo olusebenza ngokugcwele lwee-Visa selwethulilwe emazweni ayi-14, kubandakanya nezimakethe zethu ezinkulukazi zabavakashi. Ukubuyekezwa okuphelele kohlelo lwevisa nako kuyaqhubeka ukusivumela ukuthi sihehe amakhono adingwa ngumnotho wethu.
Lezi zinguquko zifezeke ngenxa yokusebenzisana kuhulumeni ngokulandela uhlelo loguquko olulodwa.
Sicela amabhizinisi nabatshalizimali ukuthi basebenzise lezi zinguquko eziqhubekayo ngokuthatha iminikelo nezibophezelo zabo zibe utshalomali oluphathekayo nolusungula amathuba emisebenzi.