Yilwa nobugebengu, hhayi nabokufika

Vukuzenzele Unnamed

Eminyakeni engamashumi amabili nanhlanu eyadlula, uMthethosisekelo wethu omusha wentando yeningi labantu waqala ukusebenza. Ekwamukeleni lo Mthethosisekelo, saqinisekisa ukuzinikela kwethu emphakathini onesisekelo sentando yeningi labantu, ubulungiswa kwezenhlalo kanye namalungelo  abantu.  Futhi sasilishiya ngempela imuva lethu. Leli bekuyimuva elalakhelwe phezu kobuhlanga okwaholela ekulawulweni, ekubekeni imisebenzi, izindawo zabantu abathile kanye nokuphathwa  kodompasi.
Ngesikhathi izingqalabutho zakithi zenza uhlaka loSomqulu Wenkululeko ngowe-1955, izimiso zawo ezifakwe kuMthethosisekelo wethu, babeka ukuthi iNingizimu Afrika eyawo wonke umuntu ohlala kuyona, babehlose umphakathi ongenako ukuzibeka phambili ngokobuhlanga, ngokobuzwe, ukucwasana ngokwebala  nangokobulili.  Ngakho-ke kuyaphazamisa kakhulu ukuthi izigameko zakamuva zokulwa nabantu bokufika ezingxenyeni zezwe zibuyisa imuva lethu lobandlululo. Sibone abantu bemiswa emigwaqeni ngabantu abathile abayizakhamuzi bephoqwa ukuba bakhiphe omazisi abaqinisekisa isimo samo sokuba kuleli lizwe.
Sibone abanye abaholi bezepolitiki benza inkulumo engaqinisekisiwe ngabokufika bexhaphaza izikhalo zabantu ukuze bezozuza okuthile kupolitiki. Sibone imibhikisho ebiya emakhaya abantu nasezindaweni abahlala kuzona kuyofunwa ubufakazi bobugebengu. Sibone abantu behlaselwa, belinyazwa futhi bebulawa ngenxa yokuthi babukeka kanjani noma bakhuluma ngayiphi indlela.
Le indlela ababeqhuba ngayo abacindezeli bobandlululo.
Babethi abanye abantu bangahlala ezindaweni ezithile, baqhube amabhizinisi athile noma bathathe imisebenzi ethile. Ngaphansi kombuso wobandlululo, abantu abamnyama babevele nje bengabasolwa futhi babemiswa ngamaphoyisa uma betholakala besezindaweni ezaziwa ngokuthi ezabamhlophe. Abantu abamnyama babephoqelekile ukuthi baveze udompasi futhi uma bengawuphethe, babeboshwa.
Angeke sivumele lokho kungabi nabulungiswa ukuthi kwenzeke futhi.
Izigameko zakamuva elokishini lase-Gauteng i-Diepsloot bezithusa.
Ngempelasonto eyodwa nje, abantu abayisikho mbisa babulawa, okwaholela emibhikishweni.
Lokhu kulahleka kwempilo kuyadabukisa, njengoba kungukubulawa komuntu wase-Afrika ophuma e-Zimbabwe ezandleni zezingqapheli ezizibeke zona.  Ubugebengu buyinkinga enkulu kuleli lizwe.
Buthinta yonke imiphakathi futhi nabantu kuyezwakala ukuthi sebekhathele ukuphila ngokusaba izigebengu. Okuphambene nalokho okushiwo amaqembu kanye nalabo bantu abalwisana nabokufika, ababhebhezeli bobugebengu ngabantu abamnyama nabamhlophe, abesilisa nabesifazane, abokufika kanye nezakhamuzi.  Ubugebengu, hhayi abokufika, isona isitha okumele sisebenze ngokubambisana ukuthi sisinqobe.  Ngeke sinqobe ubugebengu ngokugqugquzela ukwephula umthetho, udlame, ukusabisa kanye nokuzithathela umthetho ezandleni kwezingqapheli ngokungemthetho okubhekiswe kwabokufika kuleli, futhi ikakhulukazi kubantu abavela kumazwe aseAfrika.  Siyabona ukuthi imiphakathi eminingi isikhathele ukuhluleka kwamaphoyisa ukubhekana nezigebengu.
Phakathi kwezinyathelo esizithathayo ukucijisa amaphoyisa ukuthi siqashe amanye amaphoyisa ayizi12 000.
Siphinda futhi sisungula kabusha amaforamu amaphoyisa omphakathi ezweni lonkana. La maforamu ahlanganisa imiphakathi kanye nabamele amaphoyisa ukuze kuzothuthukiswa ukuphepha komphakathi nokuthi amaphoyisa aziphendulele.
Ngisho sesiqinisa ukulwa kwethu nobugebengu, akukho ukuthethelela abantu ekuthatheni umthetho ngezandla zabo. Ngaso leso sikhathi, siyabona ukuthi ukungena kuleli ngokungemthetho kubeka engcupheni ezokuvikela zaseNingizimu Afrika, uzinzo kanye nenqubekelaphambili yomnotho.
Ukungena kuleli ngokungemthetho kuphazamisa ukuhanjiswa kwezidingonqangi futhi kubeka omunye umthwalo ezinsizeni ezinqala ezifana nokunakekelwa kwezempilo kanye nezemfundo.  Njenganoma iliphi izwe elizimele, sinelungelo lokubeka imithethomgomo kanye nezinyathelo eziqinisekisa ubuqotho bemingcele yethu, zivikele amalungelo abantu baseNingizimu Afrika futhi zihlinzeke ngokuthi bonke abahlala ngaphakathi kwemingcele yethu banelungelo elisemthethweni lokuba lapha.  Ukulawula ukungena kwabantu bokufika kuleli kungumsebenzi kahulumeni.
Asikho isakhamuzi esingathatha umsebenzi wezikhulu ezisebenza ngabokufika noma izikhulu zomthetho ngokuphoqa ukuthi abokufika kuleli bakhiphe omazisi.
Ngaphansi kweSahluko sama-41 soMthetho Woku fuduka, iphoyisa kuphela noma isikhulu esisebenza ngabokufika esingakwazi ukucela umuntu ukuthi akhiphe umazisi njenge sakhamuzi, njengowokuhlala lapha noma njengowokufika.
Uma izikhulu zikholwa ukuthi, ngandlela thize, loyo muntu ukuleli lizwe ngokungemthetho, angaboshwa ngesikhathi uphenyo  ngesimo sakhe lusaqhubeka.
Ngesikhathi kwenziwa njalo, abezomthetho kumele bahloniphe amalungelo nesithunzi salowo muntu.
Ukuthotshelwa komthetho wokufuduka kuseqhulwini kuhulumeni. Sisebenza ukuqinisekisa ukuthi ababhebhezeli bokukhwabanisa kwezokufuduka bekanye nezikhulu ezikhohlakele babhekana nomthetho.
Njengawo wonke amanye amabhizinisi, amabhizinisi aqhutshwa ngabantu bokufika kumele alandele imithetho efanele, kubandakanya imithetho yezempilo nokuphepha, abe nazozonke izimvume namalayisensi adingekayo, futhi akhokhe intela efanele.
Siyintando yeningi labantu esekelwe phezu komthetho.
Izenzo ezingenamthetho eziqondiswe kwabokufika, noma ngabe banamaphepha noma abanawo, angeke zibekezelelwe. Namuhla, intukuthelo yethu singayiqondisa kubantu base-Zimbabwe, e-Mozambique, e-Nigeria noma e-Pakistan. Kusasa, intukuthelo yethu izoya komunye nomunye. Masigxile ekunqobeni ubugebengu, noma ngabe ngubani obenzayo.