
Isibonelelo Sezikhukhula KwaZulu-Natali naseMpumalanga Kapa

Allison Cooper

Uhulumeni uzosiza  abahlali baKwaZulu-Natali naseMpumalanga Kapa ukwakha kabusha izimpilo zabo kanye namakhaya emva kwezikhukhula zakamuva ezishiye zibulele futhi zibhubhisile kulezi zifundazwe ezimbili.
UMongameli u-Cyril Ramaphosa uthe uMnyango Wezamafa Kuzwelonke uzokwenza ukuthi kube khona imali yemizamo yesibonelelo ezosiza labo abakhahlanyezwe yizikhukhula.
“UNgqongqoshe Wezezi mali uthe isigidigidi esi-R1 sesivele sikhona," kusho yena.
UMongameli uRamaphosa uzophinde aye ePhalamende ukuyonxenxa ezinye izinsiza.
Uhulumeni usebenza neSikhwana Sobumbano, umkhakha ozimele kanye nezinhlangano ezizimele nezomphakathi ukweseka izisulu.
ISikhwama Sobumbano sizovula enye i-akhawunti yasebhange ebhekelele izikhukhula ukuze abantu baseNingizimu Afrika kanye nalabo abazonikela abaphuma kwamanye amazwe bezofaka isandla emizamweni yokusiza.
Uhulumeni uzophinde ahlinzeke ngamavawusha ukusiza amakhaya ukuthi aphinde akhe izindlu ezibhidlikile, kusho uMongameli.
“Ukuhlolisiswa kwezindleko zomnotho zalezi zikhukhula kusazokwenziwa, kodwa kucace bha ukuthi kuzobiza izigidigidi zamarandi ukwakha kabu-sha ingqalasizinda kanye nokulahlekelwa umkhiqizo."Wengeze ngokuthi imali ebekwe eceleni yezisulu zezikhukhula kumele ifinyelele kulabo abayidinga ngempela.
“Kuzoba bucayi kakhulu, njengoba siqalisa lo msebenzi, ukuthi zonke izinsiza esizitholayo zisetshenzi-selwe lokho okuhlosiwe ngazo futhi zifinyelele kulabo ezibafanele. Angeke siyivumele inkohlakalo, ukungaphathi kahle noma ukukhwabanisa kwanoma iluphi uhlobo," kugcizelela uMongameli.
Usizo oluzigaba zintathu
UMongameli u-Ramaphosa uthe uhulumeni uzobhekana nale nhlekelele ngezigaba ezintathu.
Uzoqale agxile ekusizeni abantu ngokushesha, kuqinisekiswe ukuthi wonke umuntu othintekile uphephile futhi izidingonqangi zabo zikhona.
“Okwesibili, sizogxila ekuletheni uzinzo nokuvuselela, ukuthola indawo yokuhlala yabantu abalahlekelwe amakhaya kanye nokuqhubeka nokuhlinzeka ngezinsiza. Okwesithathu, sizogxila ekwakheni kabusha," kusho yena.
Isigaba sokwakha kabusha sizofaka phakathi ukwakhiwa kwezindlu ezindaweni ezifanele.
UMnyango Wezo kuhlaliswa Kwabantu usuvele uqalile ukuhlola umonakalo ezindlini kusosonke isifundazwe.
“Umsebenzi wamanje ukuhlalisa labo bantu abalahlekelwe amakhaya ngenxa yezikhukhula futhi amalungiselelo aseqalile ukuhlinzeka ngezindawo zokuhlala zesikhashana," kusho uMongameli u-Ramaphosa.
UMnyango Wezemi sebenzi Kahulumeni Nengqalasizinda uthola indawo kahulumeni efanele engasetshenziswa ukuhlalisa abantu.
Umonakalo omkhulu 
Izimvula zidale umonakalo omkhulu ezindlini; amabhizinisi; imigwaqo namabhuloho; amanzi, ugesi, ojantshi bezitimela kanye nengqalasizinda yezokuxhumana. Izikole, izikhungo zezempilo, izite-shi zamaphoyisa kanye nezinkantolo zikamantshi nazo zakhahlamezeka, kanjalo nezinsiza zikawoyela nokudla.
“Balinganiselwa ngaphezu kwezi-270 000 abafundi abakhahlamezekile kanye nezikole ezingaphezu kwama-600 zibe nomonakalo, eziyi-16 kulezi zikole akufinyeleleki kuzona ngenxa yomonakalo ekuxhumaneni kwemigwaqo namabhuloho.
“Izikhungo zezempilo ezingamashumi ayisithupha nesithupha zithintekile, yize kube khona ukuphazamiseka okuncane ekulethweni kwezinsiza zezempilo ezifundeni eziningi ezithintekile," kusho uMongameli.
Umsebenzi omkhulu uyaqhubeka ukugcina ukuhlinzekwa kwezidingonqangi ezi ndaweni ezehlukahlukene KwaZulu-Natali.
Bangaphezu kwama-400 abantu abashonile KwaZulu-Natali futhi abaningi basalahlekile. Kubikwe ukushona komuntu oyedwa eMpumalanga Kapa.
Amakhaya angaphezu kwezi-4 000 amoshekile kwathi ayizi-8 300 aba nomonakalo ongemkhulu kakhulu, okushiye abantu abayizi-40 000 bengenamakhaya.
UMongameli uthe uPhiko Lwamaphoyisa eNingizimu Afrika (i-SAPS) kanye noMbutho Kazwelonke Wezokuvikela eNingizimu Afrika (i-SANDF) bebelokhu behamba phambili emizamweni yokuthungatha nokuhlenga abantu.
Lokhu kubandakanya ukuphakwa kwabasebenzi be-SAPS, amaqembu abatshuzi, amaphoyisa asebenza ngezinja nezikebhe, izindiza ezinophephela emhlane nezindizamshini ezindaweni ezikhahlamezeke kakhulu.
“Izindiza ze-SANDF bezilokhu zisetshenziswa ekutakuleni nasekuha njisweni kwezinsiza ezifana nokudla, amanzi, amathende kanye nezingubo zokulala kubantu abasezindaweni okungafinyeleleki kuzona.
“Sengigunyaze i-SANDF ukuthi ilethe abanye abasebenzi, iziqukathi zamanzi nezinsiza zokuhlanza kanye nonjiniyela abazosiza ukubuyisa ugesi namanzi,” kusho yena.
Ukwengeza kulokhu, iminyango kahulumeni kuzwelonke nasezifundazweni; omasipala; izinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni kanye namabhizinisi bebelokhu behambisa izinto ezilusizo ezifana nokudla, izingubo zokulala, omatilasi, izingubo zokugqoka, imithi yokwelapha izifo eziyimbelesela, okokugeza kanye nokupheka.
IKhabhinethi kamuva libeke iSimo Senhlekelele Kuzwelonke njengendlela yokubhekana nezikhukhula.
UMongameli uchaze izikhukhula njengenhlekelele kubantu edinga "ukusukunyelwa okukhulu futhi okuphuthumayo."“Izimpilo, impilo kanye nenhlalakahle yezinkulungwane zabantu kusalokhu kusengcupheni. Izikhukhula zidale umonakalo omkhulu kwezomnotho nakwezenhlalo," ubeke kanjalo.
IChweba laseThekwini, elibaluleke kakhulu emnothweni waseNingizimu  Afrika futhi lingelinye lemigudu emikhulukazi nehlale isebenza ukuthutha impahla ezwenikazi, likhahlamezeke kakhulu.
“Ukubaluleka kweChweba laseThekwini kanye nengqalasizinda ehlobene nalo ukuze kuqhubeke ukusebenza komnotho wezwe kusho ukuthi le nhlekelele inomthelela ongale kwaKwaZulu-Natali,"  kusho uMongameli.
Inqubekelaphambili isiyenziwe ekubuyiseleni ukusebenza eChwebeni laseThekwini, kwavulwa ezinye izindlela zamaloli ukuthi akwazi ukufi nyelela kwimigudu yechweba kwahlanzwa nokungcola ezibukweni lolwandle.