Ukuqoqwa kwentela kweseka komnothoukuvuselelwa nokukhula komnotho

Vukuzenzele Unnamed

Kamuva-nje, uMnyango Wokuqoqwa Kwentela eNingizimu Afrika (i-SARS) wamemezela ngaphambi kokuphothulwa kokuqoqwa kwentela ukuthi usuqoqe ngaphezu kuka-R1.5 trillion phakathi kukaMbasa wowezi-2021 noNdasa wowezi-2022.
Lokhu kungukwenza ngcono ngama-25% onyakeni owedlule kanye nokunyuka ngama-15% onyakeni owedlule ngaphambi kobhubhane lwe-COVID-19.
Esikhathini esifanayo, ihhovisi lakwa-SARS liphinde lakhokha inani eliphezulu kakhulu lokubuyisela intela selokhu lasungulwa eminyakeni engama-25 eyadlula.
I-ejensi enekhono lokuqoqa intela ingummongo wokwakha umbuso okhonayo.
Ukuqoqwa kwentela kuqhuba ukuthuthukiswa kwesizwe sethu. Imali eqoqwe ngu-SARS ikhokhela izidingonqangi kanye nengqalasizinda.  Ngemali engango-R17.8 trillion eqoqwe ngu-SARS selokhu asungulwa ngowe1997, sikwazile ukwakha izingqalasizinda zomphakathi eziningi ezifana nemitholampilo, izikole nezibhedlela, salungisa futhi sakha imigwaqo emisha, saphinde seseka umphakathi obuthakathaka ngezibonelelo zikahulumeni kanye nezinye izinyathelo.
Uma uhlelo-kusebenza lokuqoqwa kwentela kanye nemithetho eseka lokho isebenza kahle, ingaxaki futhi isebenza ngokulinganayo, ikhuthaza ukuthotshelwa kokukhokhwa kwentela.
Ukugcina uzinzo kanye nokwethembeka kwa-SARS bekungokunye okuseqhulwini uma ngikhethwa njengoMongameli ngowezi-2018.
Njengezinye izikhungo eziningi, u-SARS naye ushayeke kakhulu ngumthelela omubi wokuqhwagwa kwamandla ombuso, ukugxambukela kwezepolitiki, ukungaphathi ngomthetho kanye nezinye  izinto ezikhinyabeza ukusebenza kahle kwakhe.
Lokhu kube nomphumela hhayi nje kuphela wokudicilela phansi ukulunga kwabakhokhintela, kodwa nokulahleka kokuzithemba njengebhizinisi emnyangweni.
Ngowezi-2018, ngaqoka ikhomishana ezophenya ngokuphathwa nokwenganyelwa kwentela kwa-SARS usihlalo wayo kwakunguJaji osewathatha umhlalaphansi u-Robert Nugent. Ikhomishana yethula umbiko wayo wokugcina ekupheleni kwawo lowo nyaka.
Eminyakeni emine eyalandela, u-SARS useqalise cishe zonke izincomo eziyi16 kanye nezinye izincomo ezingama-27 ukugcina uzinzo kulo mnyango.
U-SARS useqhube iqhingasu lokushintsha indlela yokusebenza ukuthi azibeke phambili ekusebenzeni kahle nokwethula izinsiza ngendlela ehamba phambili. Usehlanganise uhlelo lokugqugquzela ukuziphatha kahle nokuthobela imithetho yentela.
Amanani aphezulu amanje empahla, aholela ekunyukeni kwentela yezinkampani, abe nesandla ekuqoqweni kwakamuva kwentela eyeqile. Okuphinde kwadlala indima izinyathelo u-SARS azithathile ukwenza ngcono ubuchwepheshe bokuthumela ulwazi nezinye izingqalasizinda, indlela yokusebenza yesimanje, ukuqasha abasebenzi abanekhono, kanye nokulwa nokubalekela ukukhokhwa kwentela kanye nobuge-bengu.
Esinye sezincomo zeKhomishana ka-Nugent kwakungukuthi u-SARS aphinde asungule ithimba elizoqapha liphinde liphenye ukuhweba okungekho emthethweni.
UPhiko Lomnotho Ongekho Emthethweni olwasungulwa ngowezi-2018 seluphumelele izikhathi eziningi ekuqedeni ukuhweba komnotho okungekho emthethweni, kubandakanya nokugxila ekungalandelini umthetho wentela yempahla ephuma kwamanye amazwe.
Ukuqoqwa kwentela ezinkampanini ezisohlwini lwe-JSE, abahlala kumazwe amaningi kanye nalabo bantu abagwilike kakhulu manje sekusebenza kahle kakhulu kulawulwa uPhiko Lwamabhizinisi Amakhulu, olwaphinde lwethulwa ngowezi-2020.
Umphumela woshintsho lwaka-SARS ludale ukuba ngcono ekuthotshelweni kwentela yomuntu ngamunye, intela yenkampani kanye neNtela Ngobungakomholo.
U-SARS uveza obala labo ababalekela ukukhokha intela, abazuza ezenzweni zobugebengu, kanye nalabo ababandakanyeka kwizenzo zenkohlakalo. Wakheke kahle kakhulu ngokuthi 'umqoqintela' ungomunye wamathuluzi asebenza kahle kakhulu ukuqeda inkohlakalo.
Ezigamekweni lapho indlela yokuphila yomuntu ayihambelani nalokho akuveza obala, u-SARS ubenza ucwaningo lwendlela yoku-phila. Onyakeni owedlule, u-SARS uphothule ucwaningo lwezindlela zokuphila okuholele ekuqoqweni kwezinye izigidi ezingamaR474.
Njengoba siphokophelele phambili nemizamo yokuqinisa amandla ombuso nokwakha kabusha izikhungo ebeziqedwe amandla ukuqhwagwa kwamandla ombuso, kuningi okusafanele sikufunde kulokho okuzuzwe ngu-SARS esikhathini esifushane.
Uma izikhungo zikahulumeni zilawulwa kahle futhi ngempumelelo, uma zibonisa ukuthembeka nokuba neqiniso ekusebenzeni kwazo, lokhu kufaka isandla ekwenyuseni ukuthembeka kuhulumeni.
Ukuzithemba kumabhizinisi nakubatshalizimali nakho kuba ngcono, kugqugquzeleka utshalomali olukhulu kanye nokukhula komnotho.
Ubuholi kanye nabasebenzi bakwa-SARS kufanele bethulelwe isigqoko ngomsebenzi wabo. Kufanele sibonge abakhokhintela abathembekile baseNingizimu Afrika. Ngaphandle kokusebenzisana nabo, lemali etholakele kamuva ngabe akwenzekanga.
Ukuthi u-SARS ukhulise umthamo wentela ngokubhalisa kwabantu abasha abayizigidi ezi-1.8 onyakeni owedlule kungenye yempumelelo enhle kakhulu.
Singaphinde sakhe iNingizimu Afrika kuphela uma siqhubeka nokuhlangabezana nale sibopho sethu sonke, futhi uma siqinisa umsebenzi osuqalile wokuqinisekisa ukuthi le ntela isetshenziswa ngobuhlakani nangendlela elungile.
