Gcina abantwana bephephile ku-inthanethi

Vukuzenzele Unnamed

Ngenxa yokuthi umhlaba uguqukela kubuchwepheshe be-inthanethi, kubalulekile ukuthi abantwana basebenzise la mathuba kodwa bephephile.
UPhiko Lohlelo lukaHulumeni Lwezokuxhumana Nokudluliswa Kolwazi (i-GCIS) kanye ne-Digify Africa kamuva nje basingathe isithangami ku-inthanethi neMedia Monitoring Africa (i-MMA) kanye ne-Film and Publication Board (i-FPB) ukufundisa abantwana, othisha, abazali kanye nomphakathi indlela yokuziphatha kuinthanethi.
UPhakamile Khumalo, uMlawuli Wohlelo Lokuthu thukiswa Kwamakhono Abantu Nabezindaba e-MMA, uthe izingane eziyisikhombisa kwezilishumi eziphendule imibuzo njengengxenye yocwaningo olubizwa nge-SA Kids Online Study  zithe zisebenzisa i-inthanethi  ngaphandle kwemvume yabazali bazo. Zine kuphela izingane kwezilishumi ezithe zinolwazi oluthile mayelana nokuphepha kwi-inthanethi.
Lokhu kubonisa ukuthi izingane zidinga amakhono kanye nezinsiza ezizozisiza ukuthi zisebenzise i-inthanethi ngokuphepha.
U-Mmaletjema Poto, iSikhulu se-FPB’s Child Protection, uthe abazali kufanele babazi ubungozi abantwana babo ababhekana nabo kwi-inthanethi, kubalwa  nokubuka imifanekiso yabantwana yocansi noma yokuhlukunyezwa kwabantwana ngokocansi, kanye nokuqeqeshwa izigilamkhuba zocansi.
Abantwana bangahehwa izigilamkhuba zocansi kwiinthanethi ngokuthi bangene kwi-inthanethi bebheka into ethile emsulwa bese bechofoza ilinki okungafanele bayichofe.
Abantwana babe sebezithemba lezi zigilamkhuba bese ziqala ukubafundisa  ngocansi.
"Umntwana ujwayele ukuba namahloni ngakho-ke akakhulumi ngakho, lokho okwenza kube nzima ukuthi baphunyuke kulolu dobo lokufundiswa ngocansi," kusho u-Poto.
Uphinde wexwayisa ngokwabelana ngamavidiyo noma izithombe zocansi kubantwana ku-inthanethi.
“Sekujwayelekile nje ukwabelana ngokuthile ezinkundleni zokuxhumana.
Kodwa ukwabelana ngalolu hlobo lwemifanekiso kungubufakazi bokuhlukunyezwa kwabantwana. Ukuba nale mifanekiso noma ukwabelana ngayo kuyisenzo sobugebengu," kwengeza u-Poto.
Usizo olukhona
Kunezinsiza ezehlukene ezikhona ukusiza abantwana ukuthi basebenzise i-inthanethi ngokuphepha.
I-MMA iqhuba uhlelo lwe-Web Rangers , uhlelo olufundisa nge-inthanethi ukucijisa amakhono abafundi, othisha kanye nabazali. Ama vidiyo ezemfundo mayelana  nobuqhwaga obenzeka kwiinthanethi, ukuthunyelwa kwemiyalezo yezocansi kanye nokufundiswa ucansi kwiinthanethi, akhona ku-www.webrangers.co.zaI-MMA iphinde isize abantwana ngewebhusayithi yayo ye-Hashplay (https://hashplay.co.za) , ebandakanya inkundla yezokuxhumana evumela abantwana ukuthi bakhulume nosebenza kwi-inthanethi ngalokho abahlangabezana nakho ezinkundleni zokuxhumana.
IDigify Africa inohlelo lwamahhala lwe-Kitso WhatsApp olusiza abantwana ukuthuthukisa amakhono abo ezobuchwepheshe be-inthanethi. Vakashela kuhttps://digifyafrica.com/learnersresponsible-citizens.
Ungabika ngokuhlukunyezwa kwezingane ngokocansi kwi-inthanethi noma ngodlame kubantwana ku-FPB ngokuthumela i-imeyili ku-hotline@fpb.org.za noma ngokushayela ku-012 003 1400. Ungakwazi ukubika ungazisho ukuthi ungubani.

