Uhlelo lokudla esikoleni luqinisekisa ukuthi abantwana abalambi 

Vukuzenzele Unnamed

Abantwana abangaphezu kwezigidi eziyisishiyagalolunye bathola ukudla okunomsoco esikoleni ngalokho sibonga uHlelo lukahulumeni Lokudla Ezikolweni Kuzwelonke (i-NSNP), olwethulwa ngowe1994.
Lolu hlelo luhlose ukuthuthukisa ikhono labantwana lokufunda, ngokunciphisa ukungondleki kahle nendlala kanye nokwenza ngcono ukuya kwabo esikoleni, ikakhulukazi ezikoleni ezincishwe amathuba.
“Lolu hlelo lubaluleke kakhulu ekuqhubeleni phambili amalungelo omthethosisekelo abafundi okuthola ukondliwa kanye nemfundo eyisisekelo," kuchaza iPhini likaNgqongqoshe Wemfundo Eyisisekelo u-Dkt Reginah Mhaule.
Ngenxa ye-NSNP, abantwana abaningi baya esikoleni ngesikhathi futhi njalo nje, futhi nokulalela kwabo ekilasini sekungcono.
NgokoMnyango Wemfundo Eyisisekelo (i-DBE), abafundi bafundiswa imikhuba emihle yokudla kanye nendlela yokuphila.
Izikole nazo ziyagqugquzelwa ukuthi zenze izivande zazo zokudla ukuze zizokwengeza ekudleni kwe-NSNP. Abafundi, othisha kanye nabazali bafundiswa ukuzitshalela ukudla kwabo.
Imiklomelo ye-NSNP
Isikole i-Thabang Primary School esise-Bethlehem, eFreyistata, singesinye sezikole ezihlomula ohlelweni lwe-NSNP.
Lesi sikole sisanda kuhlabana ngoMklomelo we-NSNP Wesikole Esihamba Phambili.
Imiklomelo ibungaza izinhlelo zezikole zokudla ngokubheka inhlanzeko kanye nokuphepha kwazo, ukudla okunomsoco, izivande zokudla kanye nokufundiswa ngokudla okunomsoco.
“Ngiyabonga kakhulu ukuthi isikole sihlomule umklomelo," kusho u-Seyanokeng Sejake, osebe nguthishanhloko waseThabang Primary iminyaka engama-24.
I-Thabang Primary School isiqhube uhlelo lwayo lokudla kusukela ngowe-1994.
Namuhla, iqinisekisa ukuthi abafundi bayo abayi-1 065 bathola isidlo sasekuseni esinempilo nsuku zonke kusomabhizinisi wendawo.
Ukudla kuphekwa ngamalungu omphakathi angasebenzi, aqashwe umkhandlu owengamele isikole (i-SGB).
“Abapheki bethu abayisithupha abaqashiwe (amaVFH) bapheka ukudla okuhlinzekwe uMnyango Wezemfundo ngesabelo sezi -mali esithunyelwa esikoleni,” kusho u-Sejake.
Ama-VFH ngamanye athola inkokhelo ngokupheka ukudla.
I-Thabang Primary School ihambe phambili kwimiklomelo ngenxa yokusebenza kanzima nangokuzimisela kwe-SGB yayo, ithimba labaphathi kanye neKomidi elibhekelele ukusebenza kweNSNP, kusho u-Sejake.
“Ukugcina isikhathi kuhamba phambili osukwini.
Asikuvumeli ukuphutha esikoleni, ngaphandle kwesizathu esizwakalayo, futhi asinabo abafundi abayeka isikole. Ukulalela kwabafundi bethu kanye nokuphumelela kwabo ezifundweni nakho sekungcono kakhulu," engeza.
Njengoba umklomelo ohlonyuliwe kulikhishi likanokusho elakhiwe inkampani i-Tiger Brands Foundation, uhlelo lwesikole lokudla seluzoba ngcono kunakuqala.
Isikole futhi siqinisekisa ukuthi kunezinsiza zokudla ezanele ezilawulwa ngokufanele, ukuqinisekisa ukuthi kuhlale kunokudla ukuqhuba lolu hlelo.
“Isibonelo, sinesivande sokudla esisinika izitshalo ukwengeza ekudleni kweNSNP," kuchaza u-Sejake.
Abahlomule Imiklomelo
Esigabeni Sezikole Ezihamba Phambili, isikole i-Grootdrink Intermediate, esiFundeni i-Mgcawu eNyakatho Kapa,  sithathe indawo yesibili; kwathi i-Aaron Gqedu Primary School, ese-Nelson Mandela Bay eMpumalanga Kapa, yaphuma isithathu.  Zizothola impahla yasekhishini evela kuMnyango Wemfundo Eyisisekelo.
Umklomelo WesiFunda Esihamba Phambili utholwe isifunda saseMzinyathi (KwaZulu-Natali). ISifunda i-ZF Mgcawu (eNyakatho Kapa) siphume isibili kwathi i-Metro North (eNtshonalanga Kapa) yaphuma isithathu. Isifunda ngasinye sihlomule ihhovisi kanye nekhompyutha.
Ngowezi-2020/21, i-NSNP yahlinzeka ngokudla kubantwana ezikoleni eziyizi-21 189.