Inkantolo ekhethekile ibonisa ukuthi ubugebengu abubuyiseli

Allison Cooper

Ngesikhathi seMbizo kaMongameli e-Mahikeng, izakhamuzi eziningi zizwakalise ukukhathazeka ngokuhambisa ngonyawo lonwabu ukulwa nenkohlakalo. Bangitshele lokho esengikuzwile kweminye imiphakathi kulo lonke izwe: ukuthi ababhebhezeli bale zenzo ezimbi bayaziwa, ngoba baqhosha ngalokho abakuzuze ngenxa yobugebengu babo.
Kodwa ingalo yomthetho yinde. Labo abebele umbuso bangacabanga ukuthi baphumelele.
Kodwa izenzo zabo kungekudala zizobafica, noma ngabe bangobani, futhi noma ngabe bakusiphi isikhundla.
Bazofunda ukuthi ubugebengu abubuyiseli.
Kulolu daba, esinye sezi khali zethu esisebenzayo ekulweni nenkohlakalo kanye nokuqhwagwa kwamandla ombuso iNkantolo Ekhethekile yoPhiko Lwezokuphenywa Kwamacala Akhethekile (i-SIU), enga yisungula ngowezi-2019.
Ihlulela amacala alethwa i-SIU ukuze ezoqulwa emuva kokuthi isiphothule uphenyo lwayo. INkantolo Ekhethekile yasungulelwa ukuhambisa ngesivinini ukuqulwa kwamacala. Le ndlela seyenze kwenzeka ukuthi izimali zikahulumeni kanye nempahla yombuso eyalahleka ngenxa yezenzo zenkohla kalo zibuye ngokushesha, ngokugwema ukuchitha isikhathi ezinkantolo ezi phakeme, lapho i-SIU kumele ilinde isikhathi sayo kanye nabanye abamangaleli.
I-SIU ingafaka isicelo senkantolo sokumisa ukusebenza kwesakhi wo noma kwempahla ukunqanda okunye ukulahlekelwa koMbuso.
Lokhu kubalulekile uma kucatshangwa ukuthi ababhebhezeli abasolekayo bahlezi bengenza noma yini ukuhambisa, bacashise noma balahle ubufakazi benkohlakalo.
Akukho ukungabaza ukuthi iNkantolo Ekhethekile ikushintshile ukwenza.
Selokhu yasungulwa, iNkantolo isibuyise izigidigidi eziyisi-R8.6 kwizinkontileka ezakhishwa ngokungemthetho.
Ukuze konke ukulwisana nenkohlakalo kuzophumelela, akwanele ukuthi ababhebhezeli bayashu shiswa. Konke abakuzuze ngenxa yobugebengu babo kumele kubuyiswe. Le mali ngeyezakhamuzi futhi kumele isetshenziselwe ukuhlangabezana nezidingo zazo.
INkantolo Ekhethekile kamuva iyalele izinka mpani zokwakha ezimbili ukuthi zibuyise inzuzo eziyithole kwizinkontileka ezibiza izigidi ezingamaR40 zokwakha ucingo lokubiya emngceleni i-Beit Bridge. Lokhu kulandela uphenyo olwenziwe i-SIU oluthole ukungalandelwa komthetho okuningi, kubandakanya nokukhokhelwa kwezinkampani zingakawenzi umsebenzi nguMnyango Wezemi sebenzi Yomphakathi  Nezingqalasizinda.
Emavikini ambalwa edlule, iNkantolo Ekhethekile isibuyekeze futhi yabekela eceleni izinko ntileka ezingalandelanga umthetho zenani elinga phezu kwezigidi eziyi-R100 eziphume ekuthengweni  kwempahla yeCOVID-19.
INkantolo Ekhethekile iphinde yaphumelela ekubuyiseni imali kwizikhulu eziphezulu zezinkampani eziphethwe nguhulumeni ezazenza imisebenzi yamabhizinisi ngokungalandeli umthetho. Isibonelo, ngonyaka owedlule isikhulu saphambilini saseTransnet sayalelwa ukuba sikhokhe izigidi ezingama-R26 esazithola njengomnini-zabelo wenkampani yonjiniyela eyanikwa inkontileka ye-Transnet ngesikhathi sisesengumsebenzi wa khona ngokuphelele.
I-SIU emacaleni amaningi icele iNkantolo Ekhethekile ukuthi ibambezele ukukhokhwa kwezinzuzo zempesheni, kusalindwe umphumela wophenyo lwayo, kubasebenzi baka hulumeni abathinteka ekungahambisini ngomthetho kwezimali noma ukuthenga ngokungenasidingo kanye nokumosha imali.
Amacala aseNkantolo Ekhethekile abonisa ukuthi umsebenzi omkhulu kusamele wenziwe ukuqinisa ukuphatha kanye nokulawula kuzo zonke izinhlaka zombuso. Abonisa igebe elikhulu phakathi kwezikhulu eziziphendulelayo kanye nokuhluleka ukulandela imithetho nemithethonqubo ephethe  ukuthengwa kwempahla nokukhishwa kwezinko ntileka.
Ngasho ngaphambilini ukuthi ukunqoba impi yenkohlakalo kuzoba nzima, futhi kuzothatha isikhathi ukusiphula izimpande zala mandla okwenzelelana esezinabe zasabalala.
Ngisamile futhi ekutheni kumele silwe nenkohlakalo emkhakheni ozimele ngo mfutho olinganayo, ngoba wonke umsebenzi osebenza emkhakheni kahulumeni ofuna ukufunjathiswa, kusho ukuthi kukhona usomabhizinisi ofunayo ukukhokha intshontsho.
Lobu budlelwano benkohlakalo sebuqede ikhono lombuso lokufeza igunya lalo. Babuyisele emuva imizamo yombuso yokuhli nzeka ngezokunakekelwa kwezempilo okusemga ngathweni, ukuhambisa amanzi ahlanzekile, kanye nokuqinisekisa ukuthunyelwa okungaguquki kogesi emiphakathini nasemabhizinisini.
Kodwa-ke, njengoba iNkantolo Ekhethekile ibonisile, kancane kanca ne siyasiguqula isimo.
Hhayi nje kuphela ukuthi ababhebhezeli bayaboshwa futhi bayiswe nasenkantolo; baphinde baphucwe yonke inzuzo abayenze ngobugebengu babo.
Luselude uhambo, futhi ziningi izimali zikahulumeni ezetshiwe okusamele zibuyiswe. Kodwa i-SIU neNkantolo Ekhethekile baqale ngonyawo oluhle, futhi nginethemba lokuphumelela futhi ezinyangeni naseminyakeni ezayo.