Umkhakha kahulumeni nozimele ibalulekile ekukhuleni komnotho

Vukuzenzele Unnamed

Njengoba sisebenza ngokuzikhandla ukukhulisa umnotho futhi sakhe amathuba omsebenzi, kunenkulumo-mpikiswano enkulu mayelana nobudlelwano beqhaza elibanjwa nguhulumeni kanye namabhizinisi ekufezeni lezi zinhloso.
Abanye abantu baphakamise ukuthi kufanele sikhethe phakathi, ngakolunye uhlangothi, umbuso othuthukayo odlala indima esemqoka ekuguqulweni kwezomnotho kanye nezenhlalakahle,  ngakolunye uhlangothi, umkhakha ozimele, onomdlandla oqhuba ukukhula nokuqashwa.
Eqinisweni sikudinga kokubili lokhu. Sidinga umbuso okhonayo ukuthuthukisa kanye nomkhakha ozimele osebenza kahle nosheshayo. Sidinga ukuthi yomibili imikhakha isebenzisane futhi iphelelisane.
Leli cebo alikho lisha.
Eminyakeni engamashumi amathathu eyedlule, ngonyaka we-1992, iAfrican National Congress yemukela umqulu onesihloko esithi ‘Ready to Govern’. Lo mqulu ubeka imihlahlandlela yenqubomgomo yeNingizimu Afrika yentando yeningi labantu futhi, cishe iminyaka engamashumi amathathu, ubenomthelela ekuqondisweni kwenqubomgomo yokuphatha ngokulandelana kwentando yeningi labantu.
Umqulu othi ‘Ready to Govern’ wawuhlose umbuso wentando yeningi labantu onesibopho esikhulu ‘sokuxhumanisa, ukuhlela kanye nokuqondisa ukuthuthukiswa komnotho ukuze kuthuthukiswe umnotho ogcinekayo’ ngokubambisana nenhlangano yezinyunyana zabasebenzi, amabhizinisi kanye nezinye izinhlaka zomphakathi.
Ukhuluma ngesidingo senqubomgomo yezomnotho eyenza umnotho wentando yeningi labantu futhi udale namathuba omsebenzi akhiqizayo ngamaholo aphilisayo kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika.
Lo mqulu ubuye ubheke ‘umkhakha ozimele oguquguqukayo, osebenzisa amakhono kanye nekhono labo bonke abantu baseNingizimu Afrika kanye nemisebenzi yamabhizinisi enomthelela omkhulu ekudaleni amathuba omsebenzi, ukuthi ugqugquzelwe ngenkuthalo.’ENkulumweni Echaza Ngesimo Sezwe yakamuva nje, ngibalule ukuthi uhulumeni, amabhizinisi kanye nabasebenzi kufanele basebenze ngokubambisana, umuntu ngamunye asebenzise amakhono akhe ahlukile, ukudala amathuba omsebenzi.
Abanye futhi abangabasunguli ababalulekile bokukhula komnotho nemisebenzi ngamabhizinisi  kahulumeni (ama-SOE).
Aphehla ugesi, alawule amachweba, akha imigwaqo futhi ahlinzeka ngamanzi adingekayo ukuze umnotho usebenze.
Kusukela kwafika intando yeningi labantu, lawa ma-SOE anyuse izinga lokufinyelela kwezidingongqangi kwabampofu. Yingakho ingxenye esemqoka yohlelo lwethu kuwukuqinisa amabhizinisi kahulumeni, ukuwabuyisela esimweni esiyiso sezezimali, ukwenza ngcono ukusebenza kwawo kanye nokwenza ukuthi adlale indima egqamile futhi enenzuzo emnothweni wezwe lakithi.
Ngokuvumelana neqhaza elihlongoziwe emqulwini i-'Ready to Govern’, umbuso ulawula kokubili ukukhula kanye noguquko ngokusebenzisa imigudu efana nenqubomgomo yokuncintisana, ukufukulwa kwabamnyama kwezomnotho kanye nemithetho yokulingana kwezemisebenzi, nangokuxhumanisa ukuklonyeliswa kwezimvume ezihlukahlukene nomsebenzi womhlaba wonke kanye nokuzibophezela ekunikeni amandla.
Uhulumeni naye udlala indima eqondile ekudaleni amathuba omsebenzi  ngaphezu kwalabo bantu abaqashwe emisebenzini kahulumeni. Uhlelo Lwemisebenzi Kahulumeni Eyengeziwe, elokhu lwaba khona kusukela ngowezi2003, inikeze amathuba omsebenzi ezigidini zabantu.
Kamuva nje, ekubhekaneni nomthelela omubi wobhubhane lweCOVID-19 kwezomnotho, lo hulumeni wengamele ukwanda okukhulu kokuqashwa komphakathi emlandweni wezwe lethu.
UHlelo lukaMongameli Lokusungulwa Kwamathuba Omsebenzi luseke amathuba angaphezulu kwezi-850 000 ezinyangeni eziyi-16 nje kuphela.
Ngaphezulu kokwandisa ukuqashwa komphakathi, sihlinzeka ngosizo kubantu abasha abangasebenzi ukuze sibalungiselele umsebenzi, sibenze baqasheke kakhulu futhi sibabeke ebalazweni lamathuba omsebenzi.
Ziningi ezinye izindlela uhulumeni afaka ngazo isandla ngqo ekudaleni amathuba omsebenzi, okuhlanganisa ukutshalwa kwezimali okukhulu kwingqalasizinda, ukusungulwa kwezindawo zomnotho ezikhethekile kanye nokwesekwa kwezimboni eziqashe abasebenzi abaningi.
Okugxilwe kakhulu kukho kulo nyaka ngamabhizinisi amancane, amaphakathi nendawo kanye namancanyana, akwimifelandawonye yamabhizinisi kanye nomkhakha ongahlelekile.
Ngokuklanywa kabusha kohlelo lwesiqinisekiso semali-mboleko esethulwe  ezinyangeni zokuqala zobhubhane lweCOVID-19, senza imali ‘iphinde ibuye’ ukuthi ifinyelele kalula emabhizinisini amancane.
Sandisa isikhuthazo sentela yokuqasha futhi sibheka ezinye izinguquko zomthetho ukuze kube lula kumabhizinisi amancane ukuqasha abantu abaningi.
Njengoba ngishilo eNkulumweni Echaza Ngesimo Sezwe, lezi ngezinye zezinyathelo esizithathayo njengohulumeni “ukwenza izimo ezizokwenza ukuthi umkhakha ozimele omkhulu nomncane ubonakale, ukhule, ufinyelele kwizimakethe ezintsha, udale imikhiqizo emisha, futhi uqashe abasebenzi abaningi.”Umkhakha ozimele uqashe ingxenye yokuthathu kokune kubasebenzi baseNingizimu Afrika futhi ubhekene notshalomali olungaphezulu kwezingxenye ezimbili kwezintathu kanye nezindleko zocwaningo nentuthuko.
Ngokuhambisana nombuso okhonayo futhi othuthukayo, izwe lethu ngakho-ke lidinga umkhakha ozimele ophumelelayo otshala izimali kumakhono okukhiqiza.
Njengoba imisebenzi kumkhakha ozimele yanda, izindlela zabantu zokuziphilisa eziningi ziyagcineka futhi ziyesekwa. Izimpahla kanye nemisebenzi yethulwa ngezinga eliphakeme futhi umbuso wentando yeningi labantu uyakwazi ukuqoqa intela eyengeziwe yokuthuthukisa umphakathi.
Lo mqulu othi ‘Ready to Govern’ uthi indima yombuso “kufanele ihambelane nezidingo zomnotho kazwelonke ngendlela evumelana nezimo”, kungakhathaleki ukuthi ikhulisa umkhakha womphakathi ezindaweni ezibucayi noma inciphisa kwezinye.
Angeke sizuze umnotho onjalo ngaphandle kombuso othuthukayo futhi onamandla nonekhono kanye nomkhakha ozimele obandakanya wonke umuntu, okhula ngokushesha. Akufanele sicelwe ukuthi sikhethe okukodwa kwakho. Ngoba sikudinga kokubili.
