Ukuqedwa Kwesimo Senhlekelele Kuzwelonke kusondele eNingizimu Afrika

Vukuzenzele Unnamed

UMongameli u-Cyril Ramaphosa usanda kumemezela enkulumweni yakhe Echaza Ngesimo Sezwe yowezi-2022 (i-SoNA) ukuthi uhulumeni uhlela ukuqeda Isimo Senhlekelele Kuzwelonke njengoba izwe lingena esigabeni esisha sokulawu lwa kwesifo sobhubhane segciwane leCorona (iCOVID-19).
“Kuyinhloso yethu ukuqeda Isimo Senhlekelele Kuzwelonke ngokushesha uma nje sesiqedele ezinye izinyathelo ngaphansi koMthetho Wezempilo Kuzwelonke kanye neminye imithetho yokunqanda lolu bhubhane," kusho uMongameli. Mhla ziyi-15 kuNdasa 2020, uMongameli u-Ramaphosa wamemezela Isimo Senhlekelele Sikazwelonke ngokoMthetho Wokulawulwa Kwenhle kelele futhi wamemezela inqwaba yezinyathelo zokunqanda ukubheduka kweCOVID-19.
UMongameli u-Ramaphosa uthe cishe yonke imikhawulo yemisebenzi yezomnotho nezenhlalakahle isivele ixegisiwe, lokhu kuyabongeka kakhulu ngenxa yohlelo lokukhishwa ngempumelelo komgomo.
Ukhumbuze izakhamuzi ukuthi imigomo iyindlela engcono kakhulu yokuzivikela ekuguleni, ukufa kanye neCOVID-19, esibulale abantu abacishe babalelwe kwizi-100 000 lapha ezweni lakithi.
“Bengihlala ngisho ngokwami ukuthi, ukube angizange ngigonywe, ngoZibandlela lapho ngesuleleka ngeCOVID-19, mhlawumbe ngabe angimile lapha,” esika kwelijikayo.
UMongameli uzinike isikhathi sokunxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bathathe umgomo osindisa impilo futhi baqhubeke nokulandela izinyathelo eziyisisekelo sezempilo futhi bahlale beqaphile.
“Sizokwazi ukuqhubeka nempilo yethu, ngisho naleli gciwane liphakathi kwethu,” usho kanje,  wengeza ngokuthi lolu bhubhane selubhebhethekise uqhekeko phakathi kwalabo abasebenzayo kanye nabangasebenzi.
Isikhwama Sobumbano 
UMongameli uRamaphosa umemezele ukuthi Isikhwama Sobumbano siqoqe izigidigidi ezi3.4 zamarandi kubantu baseNingizimu Afrika kanye nasezinkampanini ezingaphezu kwezi300 000, ngesikhathi abantu abangaphezu kwama-400 kanye nezinkampani eziyi100 bezinikele ngesikhathi nemisebenzi yabo.
“Lesi sikhwama sidlale indima esemqoka ekwesekeni indlela yezempilo kuzwelonke yokubhekana kanye nokunciphisa inkinga yabantu ebibhekene nezwe lethu kanye nabantu  bakithi.”Ubonge wonke umuntu ofake isandla kulesi sikhwama, okuhlanganisa namaLungu ePhalamende kanye nezinye izinhlelo zokweseka labo abakhahlanyezwe yilolu bhubhane.
UMongameli uphinde wethulela isigqoko inqwaba yabasebenzi bezokunakekelwa kwempilo kanye nabasebenzi abahamba phambili abadlala indima esemqoka ekulwisaneni neCOVID-19.
“Isizwe sinesikweletu esikhulu sokubonga kubasebenzi bezempilo abazinikele kanye nakwabanye abasebenzi abasebenza phambili ababeka impilo yabo engcupheni ukuze banakekele abagulayo nababuthakathaka ngalesi sikhathi,” kusho yena. – SAnews.gov.za