I-SoNA yangowezi-2022: Senza ngcono izimpilo kanye nendlela yabantu yokuziphilisa

Vukuzenzele Unnamed

Uhulumeni uzimisele ekubekeni abantu phambili, futhi uzinike izinsuku eziyi-100 ukuphothula uhlelo olubandakanya yonke imikhakha yomphakathi ekukhulisweni komnotho waseNingizimu Afrika, ukwakha amathuba omsebenzi kanye nokulwa nendlala.
Lokhu kugcizelelwe nguMongameli u-Cyril Ramaphosa eNkulumweni yakhe Echaza Ngesimo Sezwe yangowezi-2022.
“Lo msebenzi uzokwakhela phezu kwesisekelo soHlelo Lokwakhiwa Kabusha kanye Nokuvuselelwa Komnotho, olulokhu luwuhlelo olujwayelekile lokwakhiwa kabusha komnotho,” kusho yena.
UMongameli uthe uhulumeni ukubeka eqhulwini ukunqoba Isifo sobhubhane lwegciwane leCorona (iCOVID-19), ukwakhiwa kwengqalasizinda, ukwenyuswa komkhiqizo walapha ekhaya, ukwakhiwa kwamathuba omsebenzi kanye nokubhekana nezinkinga zokuntuleka kwamandla kagesi awenele.
“Uma ikhona into eyodwa  esingavumelana ngayo, ngukuthi isimo samanje – sobubha, ukwentuleka kwamathuba omsebenzi kanye nokungalingani – akuvumelekile futhi akugcineki.” Ukwakhiwa kwamathuba omsebenzi“Ngonyaka owedlule, ukuntuleka kwamathuba omsebenzi kwenyuka kwaze kwafika ezingeni elingakaze libonwe lama-34.9% kwikota yesithathu, emva kokukhahlamezeka komnotho ngenxa yeCOVID-19.
“Sonke siyazi ukuthi uhulumeni akawakhi amathuba  omsebenzi. Amabhizinisi yiwona akha amathuba omsebenzi. Umsebenzi osemqoka kahulumeni ngukwakha izimo ezizokwenza ukuthi umkhakha ozimele – yomibili omkhulu kanye nomncane – ibonakale ikhule, ifinyelele kwimakethe entsha, ikhiqize izimpahla ezintsha, futhi iqashe abantu abaningi,” kusho yena.
Babalelwa kuma-80% abantu abaqashiwe abasebenzela umkhakha ozimele.
UMongameli uthe uhulumeni wethule uhlelo oluqinisekisiwe lwemali-mboleko olusha ukuze lusize amabhizinisi ukuthi avuseleleke.
UHlelo lukaMongameli  Lokusungulwa Kwamathuba Omsebenzi, oseluseke amathuba omsebenzi angaphezu kwezi-850 000, luzoqhutshelwa phambili. Iningi labazuzile kulolu hlelo bekungabantu abasha; kanti abangaphezulu kwama-60% bekungabesifazane.
Lolu hlelo lukamongameli lokusungulwa kwamathuba omsebenzi luzovumela uMnyango Wezasekhaya ukuthi uqashe abantu abasha abangasebenzi abayizi10 000 ukuze bakwazi ukufaka imininingwane engamaphepha kubuchwepheshe bedijithali, futhi Isikhwama Sesibonelelo Somphakathi Sabangasebenzi sizokwakha amanye amathuba omsebenzi ayizi-50 000.  UMnyango Wezemfundo Ephakeme kanye Nokuqeqeshwa uzofaka abafundi abayizi-10 000 abathole iziqu zasemakolishi angama-TVET abafundele imisebenzi yezandla ezindaweni zokuqeqeshelwa ukusebenza kusukela ngoMbasa kowezi2022.  Inkundla iSAYouth.mobi  esiza abantu abasha abafuna amathuba omsebenzi ukuze bafinyelele emathubeni nasekwesekweni manje inabantu abasha abangaphezu kwezigidi ezi-2.3 asebebhalisile kuyona.
Abangaphezu kwezi-600 000 babo sebefakiwe emathubeni omsebenzi.
“Inhlangano Yabantu Abasha Kuzwelonke evuselelwe izonxenxa iqembu labantu abasha abayizi-50 000 ngonyaka ozayo [wezi-2023], idale amathuba omsebenzi abantu abasha ukuze babe negalelo emiphakathini yabo, bathuthukise amakhono abo futhi bakhulise amathuba abo okuqasheka.” ISibonelelo se-SRD siyaqhubekaIsibonelelo Soxhaso Lomphakathi Sabakhahlanyezwe yiCOVID-19 (i-SRD), esesisize abantu abangasebenzi abangaphezu kwezigidi eziyi-10, seselulelwe isikhathi esingangonyaka – kuze kube nguNdasa 2023.
Ngaphezu kwalokhu, uhulumeni kanye nalabo asebenzisana nabo bazobheka izindlela zokuqhubeka nokuseka abantu ngosizo lwezezimali ngendlela ekhonekayo ezweni isikhathi esithe ukweluleka.
Ukufinyelela kumhlaba
Uhulumeni uyaqhubeka loguquko kwezomhlaba futhi kulindeleke ukugunyazwa Komthethosivivinywa Wokubuyiselwa Komhlaba.
Ukusungulwa kwe-Ejensi Yezolimo kanye Noku thuthukiswa Koguquko Kwezomhlaba kuzophinde kuphothulwe kulo nyaka.
“UMnyango Wezemise benzi Kahulumeni kanye Nengqalasizinda uzophuthula ukudluliselwa kwamahektha ayizi-14 000 zomhlaba kahulumeni kwi-Ejensi Yokuthuthukiswa Kwezi ndlu,” kusho uMongameli.
Wengeze ngokuthi kuno mhlaba owanele ongalimeka ukusekela izigidi zabalimi abancane abafuya izinkukhu, imfuyo, izithelo kanye  nezitshalo.
Kwamanje, abalimi abangaphezulu kwezi-100 000 bathole amavawusha okwandisa imikhiqizo yabo futhi lolu hlelo luzonwetshwa ukuze lufinyelele kubalimi abaningi.
Inkohlakalo kanye nobugebengu
Kusukela ekusungulweni kweKhomishana Ephenya ngokuQhwagwa Kwamandla oMbuso, ukuya ekuphenyweni mayelana nezinkontileka zokuthengwa kwezimpahla ezihambisana neCOVID-19, uMongameli uRamaphosa wenza konke okusemandleni ukuvundulula aqede inkohlakalo.
“Awukho namunye umzamo wethu oyakuphumelela ekufukuleni umnotho wethu uma singasisusi lesi sihlava esibi senkohlakalo manje futhi unomphela,” kusho uMongameli.
Ungakashayi umhla zingama-30 kuNhlangulana, uMongameli uzokwethula  uhlelo-kusebenza lokubhekana nezincomo zeKhomishana.
Uchaze wathi ama-ejensi kahulumeni ahlukahlukene abesebenza ngokubambisana ukuveza obala izigilamkhuba, bazijezise, futhi bazikhokhise imali yoMbuso eyebiwe.
Ezokuphepha kanye nokuvikela zizoqiniswa ngokuthi kuqashwe amaphoyisa ayizi12 000 kanye nokusungulwa kabusha kwamaforamu amaphoyisa omphakathi.
Ukulwisana ne-GBVF
Uhulumeni uzophinde asebenze ngokuzikhandla ukulwisana Nodlame Olubhekiswe Kwabobulili Obuthile kanye Nokubulawa Kwabesifazane (i-GBVF) kulo nyaka, ngokuqaliswa ngokusemthethweni kweQhingasu Lohlelo Lukazwelonke mayelana ne-GBVF.
Imithetho emithathu emisha isivele iyasebenza njengamanje ukuqinisa  ubulungiswa kubugebengu kanye nokweseka labo abasindile. “Ukuqaliswa ngokusemthethweni kwalo mthetho kuzohambisana nokuqinisekisa ukuthi amacala ashushiswa ngokufanele, ukuthi labo abasindile bavikelekile futhi nokuthi ziningi izindlela ezisebenza kahle ezinganqanda lolu dlame.”  Owodwa wemithetho emisha uMongameli uRamaphosa abekhuluma ngawo uMthetho Ochitshiyelwe Wobugebengu kanye Nezindaba Ezihlobene nawo ovikela abantu ababuthakathaka ekubeni yizisulu kabili. Lo Mthetho uvumela izinkantolo ukuba ziqoke abalamuli abazosetshenziswa lapho ingane encane, umuntu okhubazekile noma umuntu omdala ehlolwa lapho kuqhubeka icala.
UMongameli ubephinde ebhekise eMthethweni Ochitshiyelwe Womthetho Wobugebengu (Amacala Ocansi kanye Nezindaba  Ezihlobene nawo) ovimbela ukunukubezwa ngokocansi kanye nokuheha ngokocansi abantu abakhubazekile ngokomqondo. Lo mthetho uthi ukunukubezwa ngokocansi okwenziwa kubantu abakhubazeke ngokwengqondo kumele kuqoshwe ku-Rejista Kazwelonke Yabahlukumezi Bezocansi.
Umthetho Ochitshiyelwe Wodlame Lwasekhaya ubhe kelela ezinye zezingqinamba ebudlelwaneni basekhaya obunodlame. Umthetho uvumela inqubo yokuthola imiyalelo yokuvikelwa, futhi wengeza izimo lapho kungafakwa khona isicelo somyalelo wokuvikelwa.
UMongameli uRamaphosa uthe lo Mthetho uphinde uvikele abantu abadala kuzo zonke izinhlobo zodlame lwasekhaya, futhi uvumela abamangali ukuthi bafake izicelo zokuvikelwa kuinthanethi, ukuze bonge isikhathi kanye nezindleko zokuhamba.