Imithetho emisha iqinisa ukulwisana ne-GBV 

Vukuzenzele Unnamed

Masekupheleni konyaka owedlule, ngathola incwadi eyayibhalwe yiqeqebana lezakhamuzi ezazikhathazekile zinxusa uhulumeni ukuthi avikele abesifazane kanye nezingane zakuleli lizwe kudlame.
Baphawula ngokwenyuka kokudlwengulwa kanye namacala ezocansi, babhala ngokuthi abesifazane basaqhubeka nokuhlalela ovalweni; futhi sebelahla ithemba kumthetho.
Ngathinteka kakhulu futhi ngaphinde ngathintwa wukulandisa kwabo ngokwesaba abanakho abesifazane bezwe lakithi ababhekana nakho imihla namalanga.
Ukubhekana nokuhlupheka abesifazane kanye nezingane ababhekene nakho siphasise imithetho eklanyelwe ukubavikela. Kodwa naphezu kwezijeziso zokususa ababhebhezeli balezi zenzo ezimbi emphakathini, abesifazane kanye nezingane bayaqhubeka nokuhlushwa futhi bayabulawa.
Ngisanda kusayina ukuphasisa iziqephu ezintathu zomthetho ukugcina izithembiso zethu zokuqinisa uhlelo lwezobulungiswa kwezobugebengu, ukuthuthukisa ukuziphendulela kuhulumeni futhi nokwesekwa kwabasindile ukuthi kube kummongo wayo yonke imizamo yethu.
UMthetho Ochitshiyelwe omusha woBugebengu kanye Namacala Ahlobene Nawo uvikela ababuthakathaka ekuhlukunyezweni kwesibili ngokuvumela izinkantolo ukuthi ziqoke abalamuli abazoba khona lapho ingane encane, umuntu ophila nokukhubazeka noma umuntu osekhulile ephoswa imibuzo ekuqulweni kwecala.
Uphinde uvumele ukusetshenziswa okwengeziwe kobufakazi kusetshenziswa ubuchwepheshe bokukhuluma ngevidiyo. Lokhu kusiza ukuvikela ufakazi ekulimaleni, kunqanda ukubambezeleka okungenasidingo futhi konga izindleko zokuqulwa kwecala.
Umthetho omusha nawo uqinisa kakhulu uhlelo lwethu lokukhululwa ngebheyili.
Umshushisi ongaphikisani nebheyili emacaleni aqokiwe kumele izizathu zakhe ezihambisana nalokho zibhalwe phansi.
Inkantolo kumele izicabange noma yiziphi izinsongo zodlame ezingaba khona ezenziwa ummangali kanye nombono wommangali ngokuphepha kwakhe.
Ngaphandle uma inkantolo yenelisekile ukuthi kunezimo ezingavamile ezinikeza imvume yokukhululwa ngebheyili, ibheyili kumele inqatshwe.
UMthetho Ochitshiyelwe omusha Wobugebengu (Amacala Ezocansi kanye Namacala Ahlobene nawo) uyakwenqabela ukuxhashazwa ngokocansi futhi nokuheha ngenhloso yocansi abantu abaphila nokukhubazeka ngokwengqondo, futhi uhlinzeka ngokuthi amacala ocansi abhekiswe kubantu abaphila nokukhubazeka ngokwengqondo kumele aqoshwe kuRejista Kazwelonke Yabahlukumezi Bocansi (i-NRSO).
Siziphendulile izikhalo zokuthi siqinise ukulawulwa kwe-NRSO.
Labo abake balahlwa ngamacala ocansi ezinganeni noma kubantu abakhubazeke ngokwengqondo, abake bagwetshwa ngaphambilini mayelana nalokhu, futhi abagwetshwe izikhathi ezingaphezu kwezinyanga eziyi-18 bangakwazi kuphela ukufaka isicelo sokuthi amagama abo akhishwe kurejista ngemuva kweminyaka engama-20.
Lo Mthetho uphinde ulawule umsebenzi wokubika kwabantu abaziyo ukuthi amacala ocansi enziwe kubantu ababuthakathaka.
UMthetho omusha Ochitshiyelwe Wodlame Lwa sekhaya ubhekelela ezinye zezinselele ebudlelwaneni basekhaya obunodlame.
Siqinise inqubo yokuthola imiyalelo yokuvikela, futhi sandisa izimo okungafakelwa kuzo isicelo.
Silukhulumile udaba lokuhlukunyezwa kwabesifazane kanye nezingane naphezu kokuba, besafake isicelo somyalelo wokuvikelwa.
Uma inkantolo ikholelwa ukuthi ummangali usengozini engenzeka noma inini ingakhipha incwadi yokuvikela ngokushesha ngaphandle kokuthi inikeze ummangalelwa isaziso ngokukhishwa komyalelo. Okubalulekile, uma inkantolo idedela umuntu obekwe icala lodlame lwasekhaya ngebheyili ongenayo incwadi yokuvikelwa anikezwe yona, inkantolo kumele ikhiphe eyodwa ngemuva kokwenza uphenyo.
Lapho inkantolo ikhipha incwadi yokuvikelwa kumele ngaso leso sikhathi igunyaze ukukhishwa kwencwadi egunyaza ukuboshwa, elengisiwe, okumele inikwe uMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS).
Uma ilungu le-SAPS lisola ukuthi ummangali usengozini ngenxa yokwephula umyalelo, kumele libophe ummangalelwa ngokuphazima kweso.
Umthetho manje usuvikela ngokusobala abantu abadala kuzo zonke izinhlobo zodlame lwasekhaya, futhi uvumela abamangali ukuthi bafake izicelo zokuvikelwa ngobuchwepheshe be-inthanethi, ubongele isikhathi kanye nezindleko zokuhamba.
Ukuvikela abamangali ekuhlukunyezweni okuqhubekayo, inkantolo ingakhipha Isaziso Sokuqapha Ukuphepha i-Safety Monitoring Notice esizodinga ukuthi ilungu le-SAPS lithintane nommangali ngaphandle kolwazi lomnukubezi.
Izisulu ezisinde ku-GBV zijwayele ukukhala ngokuphathwa kabi noma ukushaywa indiva kwezinkinga zabo lapho befaka izikhalazo eziteshini zamaphoyisa. Amalungu e-SAPS ehluleka ukuthobela izibopho zawo ngaphansi komthetho omusha ayobekwa icala lokungaziphathi kahle.
Bonke abantu abadala abanolwazi noma abasola ukuthi kukhona udlame lwasekhaya olwenziwa enganeni, umuntu okhubazeke ngokwengqondo noma umuntu osemdala banesibopho sokubika  izenzo ezifana nalezo kusonhlalakahle noma emaphoyiseni. Ukwehluleka ukwenza lokho kuyicala  elibomvu.
Lokhu kubeka emthethweni umgomo wokuthi udlame olubhekiswe kwabesifazane kanye nezingane kuwumsebenzi wawo wonke umuntu.
Ukuphasiswa kwale mithetho emisha kuyisinyathelo esiya phambili kule ndlela. Kodwa akusisona isixazululo. Kumele silunqande udlame kanye nokuhlukumeza kungenzeki kwasekuqaleni.
Ngokusebenza ngokubambisana njengomphakathi, kumele sisebenzise izwi lethu, ama-ejensi ethu ezomthetho kanye nesibindi sethu esisele naso ukuqeda unomphela udlame olwenziwa amadoda kwabesifazane kanye nezingane.