I-CACH ixhumanisa abafundi namathuba okufunda 

Silusapho Nyanda

Intsha engakazitholi izikhala zokufunda ezikhungweni ze mfundo ephakeme ingaxhumana noHlelo Lwesizinda Sokuhlungwa Kwezicelo zokufunda (i-CACH) ukuze ithole usizo.
I-CACH iyinsiza yezobuchwepheshe kahulumeni ephethwe nguMnyango Wezemfundo Ephakeme kanye Nokuqeqeshwa (i-DHET). Lolu hlelo lusiza labo bafundi abafuna intuba yokuthola izikhala zokungena enyuvesi, emakolishi Ezemfundo kanye Nokuqeqeshwa Kwezobuchwepheshe Bemisebenzi Yezandla (ama-TVET) kanye namathuba okuthuthukiswa kwamakhono.  “Izinsiza ze-CACH bezilokhu zivuliwe kusuka mhla zingama-24 kuMasingana 2022, futhi zizovalwa mhla zingama-31 kuNdasa ukuze zisize labo bafundi abafuna ukungena ezikhungweni zemfundo ephakeme kodwa babhekene nezinkinga zokuthola izikhala zokufunda,” kusho uNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme kanye Nokuqeqeshwa u-Dkt Blade Nzimande.
I-CACH ingabasiza nalabo bafundi abafake izicelo zokufunda enyuvesi noma ekolishi kusenesikhathi ngonyaka wezi-2021 kodwa abangazange basithole isikhala sokufunda kuhlelo lokufunda abebefisa ukulufundela.
I-DHET ichaze yathi lokhu kujwayele ukwenzeka lapho umfaki-sicelo engahlangabezani nezidingo ezidingekayo noma isikhungo sesifinyelele kumkhawulo waso wenani labafundi esingababhalisa kulolo hlelo lokufunda.  I-CACH ingaphinde futhi isize nalabo ababefake izicelo esikhungweni semfundo ephakeme base bemukelwa, kodwa manje sebefuna ukushintsha umkhakha wokufunda ababewukhethile.
I-CACH izodlulisela labafundi ezinhlelweni zokuthuthukiswa kwemisebenzi futhi uma kwenzeka, inikezele ngethuba lokuthi bazanyelwe izikhala ezisatholakala emanyuvesi kanye nasemakolishi ama-TVET noma amathuba okufundela umsebenzi Kwezemfundo Nokuqeqesha Ngokwemi khakha (i-SETA), ngaphandle kokuthi baziyele bona kunoma yisiphi isikhungo.
Wonke amanyuvesi kahulumeni, amakolishi angama-TVET kanye namaSETA angafinyelela kusizindalwazi se-CACH ukuze abheke abafundi  ngabanye abafaneleke yizikhala ezisatholakala ngokuhambisana nalokho okudingekayo kulowo mkhakha wokufunda.
“Izikhungo zikhetha abafundi kwisizindalwazi se-CACH bese zixhumana ngqo nalabo ezibakhethile,” kusho okhulumela i-DHET u-Ishmael Mnisi.
Abafaki-zicelo ababhalisa ku-CACH kumele bathumele imininingwane yabo, okubandakanya uhlobo  lwezifundo abafisa ukuzifundela. Abafaki-zicelo banethuba lokuthi bazikhethele bona ngokwabo ukuthi bayasamukela noma bayasichitha isikhala sokufunda abasihlinzekwe yi-CACH.
Izikhungo zemfundo ephakeme zizokwazi kuphela ukuthola ulwazi lwabafakizicelo kuhlelo lwe-CACH, uma abafaki-zicelo sebebhalisile futhi bafaka imiphumela yabo yeBanga le-12.
UMnisi uthi i-CACH iphinde isize labo abazoba abafundi abasadidekile ngokukhetha umkhakha wokufunda ngokubathumela Kwi nsiza ye-DHET Ethuthukisa Amakhono i-Khetha Career Development Service.