Ababhebhezeli benkohlakalo ye-COVID-19 babhekane nomthetho

Vukuzenzele Unnamed

Abantu kanye nezinkampani ebezibandakanyeka enkohlakalweni ehambi sana nokuthengwa kwempahla nezinsiza zeSifo segciwane le-Corona (i-COVID-19) kumele baphendule ngezenzo zabo.
Umbiko wokugcina woPhiko Olukhethekile Kwezokuphenywa Kwamacala (i-SIU) ophenyweni lwawo ngezinsolo ezihlobene nanoma ikuphi ukusetshenziswa budedengu kwezimali ze-COVID-19, kuzo zonke izinhlaka zikahulumeni nakumkhakha ozimele usanda kugunyazwa nguMongameli u-Cyril Ramaphosa ukuthi ukhishelwe umphakathi.
Umbiko uyisinyathelo esibaluleke kakhulu ekulweni nenkohlakalo nokuphatha budedengu kwimikhakha kahulumeni nozimele, ubeke  kanjalo uMongameli.
NgoNtulikazi ngowezi-2020, uMongameli u-Ramaphosa wagunyaza uphenyo lwe-SIU.
Ngaleso sikhathi, waqinisekisa ukuthi uma i-SIU ithola ubufakazi bokuthi ubugebengu benzekile, izobophezeleka ukuthi idlulisele ubufakazi kuPhiko Lwezokushushisa Kuzwelonke (i-NPA).
I-SIU yaphinde yagunyazwa ukuvula kokuthethwa kwamacala ukuze kuzobuyiswa konke okulahlekele umbuso.
Okutholakale kumbiko
I-SIU yaphenya izinkontileka eziyizi-5 467 ezazihlonyuliswe abahlinzeki-nsiza abayizi-3 066, ezazilinani eliyizigidigidi eziyi-R14.3.
Uphenyo lwezinkontileka eziyizi-4 549 seluphothuliwe, eziyizi-2 803 zazo zatholakala ukuthi azihanjiswanga ngendlela. Lokhu kwenza ama-62% ophenyo oseluphothuliwe.
“Lolu phenyo beluqondiswe ngqo kubantu nezikhungo ebezizitshela ukuthi zingaxhaphaza umzuzu wobuthakathaka besizwe ukuzicebisa bona nalabo abahlangene nabo ukuxhaphaza izinsiza zomphakathi,” kusho uMongameli.
Wengeze ngokuthi akwamukelekile ukuthi izinkontileka eziningi kangaka okufanele zisindise izimpilo futhi zivikele indlela yokuziphilisa yabantu zaphathwa ngendlela engeyiyo, ngokungalandeli umthetho noma ngokukhwabanisa.
“Lolu phenyo lubonisa ukuzimisela ukusiphula isihlava senkohlakalo kanye nokubhekana nababhebhezeli bayo,” kusho uMongameli u-Ramaphosa.
Umbiko wokugcina ucacisa ngezindaba i-SIU ezidluli-sele ku-NPA, iminyango nezinkampani kumkhakha kahulumeni namanye amaqembu.
I-NPA izophothula inqubo yokuthi izigilamkhuba zibhekane nomthetho  kanye nokubhekana nobuntekenteke obutholwe uphenyo lwe-SIU, kuchaza uMongameli.
Isinyathelo esithathiwe 
Selokhu kwaqala uphenyo, i-SIU, isebenzisana namanye ama-ejensi, isiyenze le nqubekela-phambili elandelayo:
• Amacala angama-45, enani elihlanganisiwe lezigidigidi ezi-R2.1, adluliselwe kwiNkantolo Ekhethekile Yamacala Enkohlalo, Ukukhwabanisa kanye Nokusetshenziswa kwemali ngokungekho emthethweni i-Special  Tribunal on Corruption, Fraud and Illicit Money Flows.
Inkantolo ekhethekile inegunya elisemthethweni ukubuyisa izimali zikahulumeni ezebiwe kwenziwa inkohlakalo, ukukhwabanisa kanye nokusetshenziswa kwezimali ngokungekho emthethweni, futhi ithathele ababhebhezeli balokho izinyathelo zomthetho;
• Amacala angama-224 adluliselwe ukuthi izi phathimandla zeminyango noma zezinkampani zikahulumeni zithathelwe izinyathelo zokuqondiswa izigwegwe;
• Amacala angama-386 adlu liselwe kwi-NPA, futhi amathathu adluliselwe ukuthi uMongameli atha-the isinyathelo ngawo;
• Amacala angama-330 adlu liselwe ukuthi kuthathwe izinyathelo zomthetho, okubandakanya ukuvi njelwa ukusebenza (ungabe usakwazi ukwenza umsebenzi nohulumeni).
Ngokombiko, isamba sezigidi ezingama-R551.5 (inani lemali kanye nempahla) kumele sibuyiswe, kanti izigidi ezingama-R34.2  sezibuyisiwe kuze kube manje.
Uphenyo luvimbe ukulahlekelwa izigidi ezingama-R114.2, futhi lwa bekela eceleni izinkontileka zenani lezigidi ezingamaR170.4.
I-SIU ilindele ukuthi la macala aphothulwe phakathi kukaNdasa noMbasa wezi-2022, ngaphambi kokuhanjiswa kombiko owengeziwe kuMongameli ekupheleni kukaNhlangulana.
Umbiko awufaki phakathi imininingwane yophenyo olusaqhubeka lwezinsolo ezitholwe i-SIU emva ko mnqamulajuqu owawubekelwe umbiko wokugcina.
Lokhu kubandakanya uphenyo lwabahlinzeki nsiza abangama-476, abeyaniswa nezinkontileka ezingama-964, zenani elingaphezu kwezigidi  ezingama-R961.6.
Imiphumela yalolu phenyo, ihhovisi likaMongameli lithe, izofakwa kumbiko wangoNhlangulana.
UMongameli wethulele isigqoko i-SIU ngomsebenzi ewenze ezinyangeni eziyi-18 ezedlule, kanye nezingede nabanye ofakazi abalethe imininingwane kubaphenyi.