Masisebenze ngokubambisana ukuqinisa intando yeningi labantu 

Vukuzenzele Unnamed

Njengoba iNingizimu Afrika ingena onyakeni omusha, besibhekene nemicimbi emibili ejulile esikhumbuza, ngezindlela ezahlukene, ngokuthi yini esihlanganisandawonye njengabantu.
Ngosuku lokuqala lonyaka kowezi-2022, isizwe sabuthana ndawonye ngomoyawokuzovalelisa owayenguMbhishobhi omkhuluu-Desmond Tutu esontweni i-St George’s Cathedral eKapa.
Kwakungumzuzu obuhlungu kakhulu ngesikhathi sikhumbula impilo negalelo lesakhamuzi esithandekayo sezwe lakithi, ngezindlela eziningi, ebesingunembeza wokuziphatha esizweni sakithi.
Ngesikhathi esifanayo, umngcwabo wakhe wabungaza ubugugu ayebumele.
Kwakungumbungazo wobumbano kanye nokuhlukahlukana kwabantu bakithi, futhi kuyisikhumbuzo sokuzidela okwenziwa ngabantu abaningi ukuze sizuze intando yeningi labantu ezweni lakithi.
Ngosuku lwesibili lonyaka kowezi-2022, izwe labuka isigigaba esethusayo njengoba umlilo wawushisa wangqongqisa iPhalamende lezwe lakithi, ebangeni elingamamitha ayikhulu ukusuka lapho sasibuthene khona ukuyohlonipha okokugcina owayenguMbhishobhi omkhulu uTutu.
Okwehlisa amaphaphu kithina wukuthi akekho namunye umuntu owalahlekelwa yimpilo yakhe futhi akekho nowalimala kulesi sigigaba somlilo. Sibonga kakhulu kubasebenzi bezicishamlilo abalwe nelangabi lomlilo futhi bagcina belicishile.
Uphenyo mayelana nembangela yokuqubuka kwalo mlilo luyaqhubeka njenga-manje. Kudingeka ukuthi siqinisekise ukuthi kuyaphenyisiswa futhi kuphothulwe ngaphandle kokubambezeleka.
Izwe kumele lazi ukuthi kwenzakalani.
Kunezinhlelo ezenziwe ukuze kuqinisekiswe ukuthi ukusebenza kwePhalamende kuyaqhubeka noma ngabe izakhiwo zalo zingeke zisetshenziswe.
Kubalulekile ukuthi iPhalamende liqhubeke nokubheka futhi liphasise imithetho ezoguqula umphakathi futhi liqhubeke nokuhlinzeka ngokwengamela kanye nokuqinisekisa ukuziphendulela njengoba uhulumeni esebenzela ukufeza igunya alitholile kubantu.
Ngaphandle kokusondelana kwesonto i-St George’s Cathedral kanye nePhalamende, okuhlanganisa le micimbi emibili ukuthi ngamunye umcimbi usikhumbuza okusihlanganisayo njengabantu baseNingizimu Afrika: intando yeningi labantu yethu.
Sikhalela u-Desmond Tutu ngoba ubengubaba ngokomoya wentando yeningi labantu yethu.
Siphelelwa yithemba uma sibheka indlela izakhiwo zethu zePhalamende ezice-keleke phansi ngayo ngoba ziyisizinda sentando yeningi labantu.
Ziyindawo lapho uMthethosisekelo wethu wentando yeningi labantu omusha wemukelwa khona ngokusemthemthweni eminyakeni engama-25 eyedlule, futhi kulapho kwaphasiswa khona amakhulu emithetho yoguquko.
Singehlezi sikubona lokho, kodwa umlilo wasePhalamende ukhombise ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bazizwa beqine kangakanani ngentando yeningi labantu yabo.
Lokho futhi kuyisikhumbuzo sokuthi kubaluleke kangakanani ukusebenzisana ukuqinisa futhi sivikele le ntando yeningi labantu.
Ngesikhathi izakhiwo zePhalamende lethu zicekeleke phansi ngendlela yokuthi ngeke zisebenziseke, isikhungo sePhalamende siyaqhubeka nomsebenzi waso wokusiza abantu.
Lesi yisikhumbuzo esibalulekile sokuthi izikhungo zethu zentando yeningi labantu azichazwa yizakhiwo ezihlala kuzo, kodwa zichazwa ngumsebenzi eziwenzayo kanye nokuzethemba abantu abanakho kuzo. Lokhu kuyiqiniso ngazo zonke izikhungo zentando yeningi labantu.
Njengoba umlilo wasePhalamende ugcine ngokucima, iBamba leNhloko yamaJaji u-Raymond Zondo wathumela ingxenye yokuqala yombiko weKhomishana ephenya ngokuQhwagwa koMbuso.
Le ngxenye yalo mbiko inemininingwane yokuthi izikhungo zikahulumeni eziningi zangenwa kanjani, zaphangwa futhi zacekelwa phansi kangakanani.
Lokhu kuhlanganisa izinkampani zikahulumeni ezifana neZezindiza zaseNingizimu Afrika, Uphiko Lohlelo LukaHulumeni Lwezokuxhumana Nokudluliswa Kolwazi kanye noMnyango Wokuqo qwa kweNtela eNingizimu Afrika.
Le ngxenye yombiko idweba isithombe esikhathazayo kakhulu sokuthi izikhungo ezisemqoka zentando yeningi labantu zafakwa engcupheni futhi zabukelwa phansi ngenhloso yokwenza ubugebengu.
Akusikhona nje kuphela ukuthi kwantshontshwa imali ebalulekile, kodwa lezi zikhungo azange zikwazi ukufeza umsebenzi ezazisungulelwe ukuthi ziwenze.  Imiphumela kanye nezincomo zeKhomishana kaZondo kuzosiza ukuthi izwe lakhe kabusha lezi zikhungo futhi zenze ukuthi labo abathintekayo bethweswe amacala abafanele.
Kumele siqinisekise ukuthi siyazisebenzisa ekuvikeleni lezi zikhungo esikhathini esizayo ukuze zingaphinde ziqhwagwe.
Kumele sivikele noma yini futhi nayo yonke imizamo yokucekela phansi intando yeningi labantu yethu esayizuza ngokusebenza kanzima – noma ngabe le mizamo ithatha uhlobo lwenkohlakalo ezinkampanini zikahulumeni, ukuketulwa kwezikhungo zethu eziqinisekisa ukuthotshelwa komthetho, ukucekelwa phansi kwengqalasizinda yethu yezomnotho, noma ukuhlasela ukuzimela kanye nobuqotho bezobulungiswa bethu.
Kufanele siwuvikele uMthethosisekelo wethu,umbuso wethu wentando yeningi labantu kanye nenqubo ezimele yokhetho evela kunoma ngubani ofuna ukwenza intando yethu yeningi labantu ibe buthakathaka futhi enqabela abantu baseNingizimu Afrika inkululeko yabo abayizuze ngokusebenza kanzima.
Ziningi izinselelo okumele sibhekane nazo njengoba sisebenzela ukwakha kabusha futhi silulame emiphumeleni emibi yobhubhane lweCOVID-19.
Uma sisenza kanjalo, masithole amandla kanye nesikhuthazo ekuzinikeleni kwethu okujulile entandweni yethu yeningi labantu kanye nentshisekelo yethu efanayo yokwakha isizwe esibumbene, esikhululekile futhi esinokulingana.
Nginifisela konke okuhle kulo nyaka esibhekene nawo.