Asikho isizathu se-GBV 

Vukuzenzele Unnamed

Uma isizwe singahlulelwa ngokuthi sibaphatha kanjani abantu besifazane nezingane, thina asikho ndawo.  Izibalo zakamuva zobugebengu ezikhishwe uPhiko Lwamaphoyisa eNingizimu Afrika (i-SAPS) zibonisa ukunyuka ekudlwengulweni, udlame lwasekhaya, futhi mhlawumbe okukhathaza kakhulu, ukubulawa kwe zingane.
Phakathi kukaNtulikazi noMandulo kowezi-2021, abantu abayizi-9 556, iningi labo kwakungabesifazane, badlwengulwa. Lesi sibalo singaphezulu ngama-7% esikhathini sombiko owedlule.
Emacaleni okuhlasela alinganiselwa kwizi-73 000 abikwe ngalesi sikhathi, angaphezu kwezi-13 000 bekungamacala ahlobene nodlame lwasekhaya. Izinga lokubulawa kwezingane lenyuke ngokulinganiselwa kokuthathu uma kuqhathaniswa nesikhathi sombiko owedlule.
Sishilo phambilini ukuthi udlame olubhebhezelwa amadoda kwabesifazane lungubhubhane lwesibili izwe lethu okumele libhekane nalo, njengobhubhane lweCOVID-19 singalunqoba uma sonke sisebenza ngokubambisana.
Njengohulumeni, sinomsebenzi kanye nesibopho sokunikela ngezinsiza ezidingekayo ukulwa nobugebengu bodlame olubhekiswe kubulili obuthile.
 Selokhu kwethulwa uHlelo Lwesu  Lukazwelonke  (i-NSP) Lokulwa noDlame Olubhekiswe Kubulili Obuthile Nokubulawa Kwabesifazane (i-GBVF) ngowezi-2020, sekubekhona izingenelelo eziningana ekubhekaneni ne-GBV. Lokhu kubandakanya ukugu qulwa komthetho okunomphumela obalulekile, ukwesekwa kwezisulu ngokuhlinzeka ngamathu luzi okuqoqa ubufakazi eziteshini zamaphoyisa kanye nokusizwa ngokululekwa ngokwengqondo nesimo senhlalo, ukusungulwa kweSikhwama se-GBVF nokweseka imigudu yokusebenza yeziKhungo Zokunakekela iThuthuzela neKhuseleka.
I-SAPS isikhombise ukuthi senza inqubekela-phambili ekunciphiseni ukusilela emuva okukhulu ekucwaningeni ulibofuzo i-DNA, okubaluleke kakhulu ekutholeni ubulungiswa kwizisulu zobugebengu  bezocansi. I-SAPS ibuye ilawule amatafula ayi-134 e-GBV eziteshini zamaphoyisa kulo lonke izwe futhi iyaqhubeka nokuvula amanye.
I-GBV yinkinga yodlame lwabesilisa.
Ikakhulukazi ngamadoda adlwengulayo. Ngamadoda ikakhulukazi angababhebhezeli bodlame lwasekhaya.
Ngenxa yokuthi ngamadoda angababhebhezeli abakhulu, kumele kube ngamadoda ahamba phambili ekukhulumeni nasekubikeni nge-GBV, ekuqwashiseni, ekufundisaneni njengontanga kanye nasemizamweni yokulugwema.  Kumele kube ngamadoda asezikhundleni zokuphatha kwezemfundo, kungaba othishanhloko bezikole, othisha noma abafundisa ezikhungweni eziphakeme, okumele benze izikole nezikhungo zemfundo ephakeme ziphephe kubafundi nezitshudeni zesifazane, futhi angalokothi, nanini na asebenzise amandla ezikhundla zawo ukufuna ngodli ukwenzelelwa ngocansi.
 Amadoda kumele nawo adlale indima yokunikezela ngolwazi nangokuba khona emindenini yawo, ikakhulukazi ekukhuliseni amadodana awo ukubonisa ubudoda obunempilo, nobuhle obutshengisa inhlonipho kubantu besifazane nezingane.
Imiphakathi nezinhlangano zomphakathi kumele zisebenzisane nohulumeni ukuqalisa ngezingenelelo ezichaza kabusha ubudoda ukuze sizokhulisa amadoda anozwelo, ukubekezelelana kanye nenhlonipho.
Njengoba ukuqeda i-GBV kungeke kube ngu msebenzi kahulumeni kuphela, ngeke kube ijoka labesifazane nezingane ukuqeda amazinga athusayo odlame nokuhlukunyezwa okubekwe phezu kwabo.
Amadoda aseNingizimu  Afrika kumele adlale indima enkulu ekugwemeni i-GBV.
Kudingeka ukuthi aqonde ukuthi iyini i-GBV, ikakhulu kazi udlame lwezocansi.
Izibalo zakamuva zobugebengu zibonisa abantu cishe abayizi-4 000 abadlwengulwe emakhaya abo noma emakhaya ezigilamkhuba, futhi emacaleni angama-400 okudlwengula abikiwe isisulu nesigilamkhuba bebenobudlelwano. Lokhu kubonisa ukuthi amanye amadoda awakuqondi ukuthi ukuya ocansini ngaphandle kwemvume ecacile kuyicala.
Amadoda kumele ahloniphe amakhosikazi nezintombi zawo futhi aqonde ukuthi ukuba sebudlelwaneni akunikezi isizathu sodlame lwasekhaya.
Uma indoda nendoda ingahlangana namadoda amabili bese bobathathu bafunge ukungaphinde  badlwengule umuntu wesifazane, ukungaphinde babeke isandla umuntu wesifazane futhi baziphendulele kulesi sifungo, singaqala ukulwa ngempela ne-GBV  ezweni lethu.
Akwanele ukungenelela kuphela uma isigilamkhuba sesiboshiwe. Kufanele siyigweme i-GBV ngaphambi kokuthi lwenzeke.
Ngihlaba ikhwelo kuwowonke amadoda aseNingizimu Afrika, amancane namadala, ahlala emadolobheni nahlala ezindaweni zasemakhaya, aphila isimanjemanje naphila ngokwendabuko, ashadile nangashadile, ukuthi abe yingxenye yemizamo yokugwema edingeka kabikabi emakhaya nasemiphakathini yethu.
Ngokunqaba ukuvuna udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane, ngokungabi yingxenye  yalo kanye nokubika lezi zenzo, uyisibonelo kwamanye amadoda, ikakhulukazi kumadoda asemancane nabafana.
Uzobe uthumela umyalezo ocace bha othi ukuzalana, ubungani noma ukuthembeka angeke neze kwaba isizathu sokungasukumeli amalungelo abesifazane nezingane.