Umnqamulajuqu woxhaso lwe-NSFAS ususondele

Sphelele Ngubane 

Abafundi kanye nentsha ephuma ezindaweni ezincishwe amathuba kanye nabasebenzayo bayakhuthazwa ukuthi bafake izicelo zoxhaso lwezimali lweSikimu Sikazwelonke Sokusiza Abafundi Ngezimali  (i-NSFAS).
NgokoMnyango Wezemfundo Ephakeme  Nokuqeqeshwa, uxhaso lwe-NSFAS lutholakala  entsheni eseyiqedile ukufunda noma esivele ifunda kunoma iliphi izinga esikhungweni semfundo ephakeme.
Bangafaka izicelo zoxhaso lwe-NSFAS lokuyofunda enyuvesi noma emakolishi ezemfundo yokuqeqeshwa kwezobuchwepheshe kanye namakhono (ama-TVET), kodwa kumele bakwenze lokho ngaphambi kokuthi kufike usuku lokuvalwa  kokufakwa kwezicelo zalolu xhaso okuwumhla ziyi-7 kuMasingana, kowezi-2022.
Abafaki-zicelo kumele babe:
• Yizakhamuzi zaseNingi zimu Afrika noma abahlali ngokugcwele abafuna ukubhalisa noma asebefunda enyuvesi kahulumeni noma ekolishi i-TVET; 
• Ngabantu abazuza kwi Nhlangano yezimpesheni Nezibonelelo Zikahulumeni eNingizimu Afrika; 
• Ngabadabuka emakhaya anemalingeniso yomndeni ehlangene engeqile kwizi-R350 000 ngonyaka.
Ikusasa  eliqhakazile
UNhlakanipho Mkhize (26) oneziqu ezifanelekile zokulungisa ugesi, uyabonga kuxhaso lwe-NSFAS, olwa khokhela izifundo zakhe ekolishi Umfolozi TVET College KwaZulu-Natali.
UMkhize, ongowokudabuka e-Richards Bay, wathweswa iziqu zakhe Zesitifiketi Sikazwelonke Sokwakhiwa Kwengqalasizinda Kagesi (Somsebenzi Wezandla) ngowezi-2017.
Ngaphezu kokufunda kwangaphakathi esikoleni, futhi kwakudingeka ukuthi aqedele ukuqeqeshwa kwasemsebenzini futhi aphumelele ukuhlolwa ngokwamakhono omsebenzi.
Ngasekuqaleni kwezifundo zakhe, uMkhize waba nethuba eliyingqayizivele lokusebenzisa ikhono alifundelayo emsebenzini wangempela, ukuqinise kisa ukuthi uyawathemba amakhono ayisisekelo ayewathuthukisa.
“Njengomfundi osenza unyaka wokuqala, bese ngivele ngisiza ngezinkinga zikagesi endaweni yangakithi. Ikolishi Umfolozi TVET College lisihlinzeke ngakho kokubili ithiyori kanye nokwenza umsebenzi.
“Okuhle nge-TVET wukuthi abafundi bakhona abekho nje ekuvulelekeni kumsebenzi, kodwa futhi kuwumkhakha wokufunda ogxile emsebenzini oyimpoqo ukuze kuqinisekiswe ukuthi banekhono elisezingeni eliyilo ngaphambi kokuphothula iziqu zabo,” kusho yena.
Njengenye intsha eningi yaseNingizimu Afrika ephuma emakhaya ahlwe mpu, uMkhize wayazi ukuthi ufuna ukwenza umsebenzi wobunjiniyela, kodwa akekho emndenini wakhe owayengakwazi ukumukhokhela imali yokufunda yasekolishi.
“Ngesikhathi ngiqeda ukwazi ngoxhaso lwe-NSFAS, ngangazi ukuthi luzongiholela lapho ngifuna ukuya khona ekubeni ngunjiniyela," kusho yena.
Uxhaso lwe-NSFAS luka Mkhize lweminyaka emithathu lwakhokhela izincwadi zakhe, imali yokufunda kanye neyezokuthutha, futhi waphinde wathola nemali yokuzinakekela.