I-ASIDI yakha ngokushesha ingqalasizinda yesikole

More Matshediso 

Isikole samabanga aphansi iNkululeko Ralo Primary School iyisibonelo esihle sokuthi imiphumela emihle ingazuzwa kanjani uma imiphakathi kanye nohulumeni besebenza ngokubambisana.
Lesi sikole, esizinze eMthatha eMpumalanga Kapa, siqale ukusebenza kwisakhiwo segalaji ekhaya lelungu lomphakathi uNkululeko Ralo, esethiwe ngaye.
Eminyakeni eyedlule, lesi sikole sathutha izikhathi eziningana njengoba sasikhula.
Noma kunjalo, abafundi kanye nothisha abakaze bazuze zinsiza ezifanele kuze kube manje, ngesikhathi bengena eminyangweni emisha, yesikole sezinga eliphezulu.
Lesi sikole sakhiwe saqedwa njengengxenye yoHlelo Olusheshisiwe Lokulethwa Kwengqalasizinda Yezikole (i-ASIDI), olwaqaliswa ngokusemthethweni nguMnyango Wezemfundo Eyisisekelo ngowezi-2011.
Lolu hlelo kuhloswe ngalo ukushintsha izikole ezibeka engcupheni ukuphepha kwabafundi kanye nabasebenzi, ngenxa yokuswelakala kwengqalasizinda efanele, amanzi, ukuthuthwa kwendle kanye nogesi.
Kuze kube manje, i-ASIDI isiyakhe izikole ezingama-266, yahlinzeka ngokuthuthwa kwendle ezikoleni ezingama-886, izikole eziyi-1 030 zathola amanzi futhi ezingama-372 zafakelwa ugesi.
Abafundi basesikoleni samabanga aphansi iNkululeko Ralo Primary School manje sebenamagumbi okufu ndela asesimweni esiyiso futhi bayafinyelela esikhungweni sezinsiza, ilebhu yesayensi, indawo yokwenzela imisebenzi ehlukahlukene kanye nesikhungo esiphakela ngokudla. 
Ukwabelana ngombono
Uthishanhloko uKoleka Gilman uzimisele ukuthuthukisa ezemfundo eMthatha.
Iphupho lakhe lokwakhela umphakathi isikole laqala ngowe-1988, futhi ngonyaka owalandela lapho, waqala wabela umphakathi ngalo mbono wakhe.
“Umphakathi wakithi wawugcwele izingane eziningi ezineminyaka okufanele ukuthi seziya esikoleni ezingenayo indawo lapho zingayofunda khona.
Umbono wami wemukelwa yilungu lomphakathi uNkululeko Ralo, owani kela ngegalaji lakhe ukuthi lisetshenziswe njengegumbi lokufundela,” kusho u-Gilman.
Wengeze wathi uRalo waqhubeka nokuhlela ikhonteyina yakwa-Telkom futhi yasetshenziswa njengegumbi lokufundela lokwengeza.
URalo futhi wahlela namalungu amabili emphakathini wakhe ukuba  anikele ngamagalaji awo azosetshenziswa njengamagumbi  okufundela  angeziwe. Okwababuhlungu kakhulu wukuthi uRalo washona ngowezi-2004.
Ngowe-1994, isikole sasuka saya eHholo i-Eli Spilkin, elakhiwa nguso mabhizinisi wendawo uEli Spilkin.
“Ngalowo nyaka, sathola izindlu zangasese ezingomahambanendlwana kuMnyango Wezemfundo Eyi sisekelo wesifunda.
Ngabe sengibheka futhi ngafaka isicelo sendawo lapho sizogcina sesakhe khona isikole sethu.
Sathola amahektha ama hlanu omhlaba ngowe1998,” kusho u-Gilman.
Amagumbi okufundela esikhashana amathathu anikelwe kulesi sikole yinhlangano ezimele engenzi nzuzo ebizwa ngokuthi yi-Kats and Spaks, kanti futhi umphakathi wakha izindlu zokufundela ezinhlanu zodaka.
Kuyo yonke le minyaka, uGilman waqhubeka nokugqugquzela ukuthi isikole sithuthukiswe futhi ekugcineni, kwatholwa amagumbi okufundela amahlanu evela eHhovisi likaNdunankulu wase Mpumalanga Kapa.
Ngonyaka wezi-2014, izinto zabangcono kakhulu ngesikhathi uMnyango Wezemfundo Eyisisekelo, ngokusebenzisana ne-ASIDI, ukhipha ithenda yokwakha isikole samabanga aphansi iNkululeko Ralo Primary School.
“Ukwakha lesi sikole kwaqala ngonyaka wezi2018 futhi kwaqedwa ukwakhiwa ngonyaka wezi-2021, siyabonga kwiASIDI,” kusho u-Gilman.
Sigqugquzela ukufundisa kanye nokufunda
IPhini likaNgqongqoshe Wemfundo Eyisisekelo u-Reginah Mhaule uthi  umnyango ufuna ukuqinisekisa ukuthi ingqalasizinda isesimweni esigqugquzela abafundi ukuthi baye esikoleni futhi bafunde, futhi igqugquzela othisha ukuthi bafundise.
“Ukwakhiwa kwalesi sikole kuyindlela kahulumeni yokubuyisela isithunzi ezinganeni zasemakhaya ezisafunda isikole nezintulayo kanye nothisha bazo,” engeza. Ilungu lesigungu esilawula isikole, uNksz Nomuntu Dlengane, uthe lesi sikole esisha sizogqugquzela othisha kanye nabafundi ukuthi bafinyelele emandleni abo.
“Ukuzizwa kwabafundi bethu kanye nokuzethemba sekungcono ngenxa yengqalasizinda entsha.
Lokhu kuzosisiza futhiukuthi sihlale siqhelelane emagunjini okufundela ukuze siqede ukubhebhetheka kweSifo segciwane le-Corona,” kusho uDlengane.
Lesi sikole sinabafundi abangama-489, othisha abayi-14, kanye nomabhalane ababili. Ibhekelela amabanga kusuka kwibanga-R kuya kwelesi-7 futhi yisikole esingakhokhisi imali yokufunda.