Sakha isisekelo sotshalomali

vukuzenzele unnamed

Ngokuvamile, lesi yisikhathi sonyaka lapho sihlangani sa abatshalizimali abave la ezweni lonkana kanye nasemhlabeni wonke ukuze bahambele iNgqungquthe la Yotshalomali yaseNingi zimu Afrika eyenzeka njalo ngonyaka.
Sibambe Ingqungquthela Yotshalomali yokuqala ngowezi-2018 njengengxe nye yomkhankaso wethu wokuqongelela imali eli nganiselwa kwisigidigidi esi-R1.2 kutshalomali olu sha eminyakeni emihla nu. Ingqungquthela ibitha nyelwe yizithunywa ezi ngaphezulu kwenkulu ngwane ngowezi-2018 na ngowezi-2019, futhi kwa thi ngowezi-2020 yabanjwa  ngendlela yezobuchwephe she ngenxa yobhubhane lweCOVID-19 .
Zizonke, lezi zingqungqu thela zithole izibophezelo zotshalomali olungaphezu kwezigidigidi ezinga ma-R770 emikhakheni ehlukene yezomnotho.
Ingqungquthela yesine Yotshalomali lwaseNi ngizimu Afrika ibizoba njwa ngoLwezi kowezi2021, kodwa sibe sesinquma ukuyihlehlisela kuNdasa 2022 ngenxa yeminye imi cimbi eminingana eyenzeka ngalesi sikhathi esifanayo.
Lokhu kubandakanya ukhetho lohulumeni base khaya, ingqungquthela yokushintsha kwesimo sezulu ye-COP26 kanye noMbukiso Wezohwebo Wamazwe ase-Afrika.
Esinye sezizathu esiba lulekile sokuyibamba ngonyaka ozayo ukuthi bazobe sebebaningi abantu asebegomele iCOVID-19  ngaleso sikhathi, okuzo kwenza kube lula uku hamba kanye nokubuthana.Nakuba iNgqungquthela yesine Yotshalomali isiba mbezeleke ngezinyanga ezi mbalwa, umkhankaso we thu wokutshalwa kwezi mali usaqhubeka. Ngisho  namaphakathi kwesimo somnotho esiyinselelo esi dalwe wubhubhane lwe COVID-19 , esabhebhe thekiswa udlame nezidube ezenzeka ezingxenyeni ezithile zezifundazwe i-KwaZulu-Natali kanye ne-Gauteng ngoNtulikazi, izinkampani ziyaqhubeka nokwenza kahle ezibo phezelweni zazo futhi zibheke amanye amathuba okutshalwa kwezimali eNingizimu Afrika.
Ngonyaka ophelile uwo dwa nje, cishe izigidigidi eziyi-R120 zezibophezelo zotshalomali zaya eku sungulweni noma ekuqhu tshweni kwemiklamo. Lo khu kusho ukuthi cishe ama-38% esamba sezi bophezelo zotshalomali – noma izigidigidi ezinga ma-R290 – kuze kube yimanje zingene emno thweni. Olunye utshalomali lubambezelekile ngenxa ye-COVID-19 , ikakhulukazi emikhakheni eshayeke ka nzima njengokuthuthuki swa kwezakhiwo kanye nezokuvakasha.
Ezokuthakwa kwemithi ziyingxenye entsha ethoko zisayo ekhulayo.
Inkampani iAspen Pha rmacare  isanda kwethu la ukunwetshwa kwe nkampani okubize izigi digidi eziyi-R3.4, okwa menyezelwa eNgqungqu theleni Yotshalomali ngo wezi-2018. Lolu tshalo mali luguqule isikhungo sokukhiqiza seAspen  esise-Gqeberha saba  ngesinye sezikhungo  ezinkulu emhlabeni wo nke esikhiqiza izidambi sinhlungu futhi esesikhi qize imithamo yomgomo weCOVID-19 i-Johnson & Johnson  engaphezulu kwezigidi eziyi-100.
Inhlangano Yezempilo Yomhlaba iphinde ya khetha iNingizimu Afrika ukuthi isingathe isikhungo sokukhiqiza umgomo  we-mRNA nesikhungo i-Biovac Institute , oku wubudlelwane phakathi kukahulumeni nomkhakha ozimele. UDkt u-Patrick Soon-Shiong ongowoku zalwa eNingizimu Afrika kanye nenkampani yakhe i-NantWorks  basanda  kumemezela umzamo  omuhle wokwakha ikhono lokunakekelwa kwezempilo okuthuthukile e-Afrika.
Ukwengeza kutshalo mali abazoluletha, lokhu kuthuthuka kuzophinde kube nomthelela eku zimiseleni kwethu kokuthi izwekazi likhiqize ama-60% ezidingo zalo zomgomo ngowezi-2040.
Ezamandla kagesi zinge nye ingxenye yokukhula.
Abafakizicelo abangama-25 abakhethiwe emzuliswa neni wesihlanu woHlelo Lokuthola Abahlinzeki Bogesi Ovuselelekayo Abazimele sebebonke kuli ndeleke ukuthi batshale imali elinganiselwa kwizigi digidi ezingama-R50  emnothweni. Ukwenyuka komkhawulo wokuthola izimvume zokuphehla ugesi kuya kumamegawatts  ayi-100 kungenzeka kube nomphumela kutshalomali oluzimele kwimiklamo yokuphehla ugesi. INingizimu Afrika isanda kuthola isibophezelo  sokuqala sezigidigidi ezingama-R131 ukuxhasa uguquko olufanele oluya emnothweni onekhabho ni ephansi ngokutshala izimali emandleni avusele lekayo, kwigreen hydrogen  kanye nasezimotweni ezise benza ngogesi. Lokhu kuzibophezela kweMe lika, i-United Kingdom, i-France, i-Jalimane kanye noBumbano Lwamazwe aseYurophu kuhambisana neSivumelwano sase-Paris, esibophezela amazwe acebile ukuthi asekele ukukhishwa kwekhabhoni emazweni asathuthuka.
Lolu tshalomali lweza mandla kagesi luzosisiza ukuthi sinqobe ukucishwa kukagesi ngenhloso  yokuwonga izwe elibhe kene nakho njengamanje, njengoba indlela entsha yokuphehla ugesi isiqala.
Utshalomali olusha  oluningana kwizizinda zokugcinwa kolwazi  amadatacentre  kanye nezi ntambo ezihamba ngapha nsi kolwandle ngeke kunge nise nje utshalomali olusha kuphela, kodwa kuzohli nzeka nengqalasizinda edingekayo ekukhuleni kobuchwepheshe kanye nezimboni zezokuxhu mana.
Ingxenye ebaluleke ka khulu yomkhankaso wethu wotshalomali ngumphu mela wezinguquko esi zenzayo emikhakheni efana nezamandla kagesi, ezokuxhumana, amanzi namachweba kanye no jantshi bezitimela. Lezi zinguquko zizothuthukisa ukusebenza kahle kanye nokuncintisana, zehlise izindleko zokwenza ibhi zinisi eNingizimu Afrika, futhi zikhuthaze utshalo mali oluzimele olukhulu kwingqalasizinda yethu yezomnotho.
Manje sinezingxenye zomnotho ezikhethekile eziyi-13 ezweni lonke, ezi hlinzeka abatshalizimali ngezikhuthazi abazi bekele zona zotshalomali, amanani entela abawakhe thayo kanye nokwesekwa kokuthunyelwa kwempa hla kwamanye amazwe.
Lokhu kunikeza isisekelo sokukhiqiza esikhangayo ezinkampanini ezifuna ukuphakela izimakethe zasekhaya kanye nezama zwe ngamazwe. Inani labo selikhule ngokuqhu bekayo ngokusungulwa kweNdawo Yezwekazi lase-Afrika Yokuhwebelana Ngokukhululekile, eqale ukusebenza ngokuhwebe lana ngokusemthethweni ekuqaleni konyaka.
Ngesikhathi izinga lo tshalomali lehlile ngenxa yemiphumela yalolu bhu bhane, futhi imiklamo eminingana ibambezelekile, umkhankaso wotshalomali usuqala ukuthola amandla futhi.
Njengoba senza inqubeke la-phambili ngokuqaliswa koHlelo Lokwakha Kabu sha kanye Nokuvuselelwa Komnotho ngokugxila kwingqalasizinda, uku thuthukiswa kwezimboni, ukuqashwa kanye nezi nguquko zezakhiwo isimo sotshalomali sizoqhubeka sibe ngcono. 

