Ukufaka izikhalazo ze-GEPF kwenziwe kwaba lula

vukuzenzele unnamed

Amalungu, abantu  abathola imali  yempesheni kanye nabazuzi Besikhwama  Sempesheni Yabasebenzi bakaHulumeni (i-GEPF) manje sebenendawo yoku thola usizo uma bengaja bule ngezinsizakalo abazi tholayo.
Ukuze kuqinisekiswe ukuthi amalungu e-GEPF kanye nemindeni yabo ba phatheka ngendlela efanele, ibhodi lisanda kusungula ihhovisi elizosingatha izi khalazo. Ihhovisi Elilamula Ezezimpesheni Zabasebenzi bakaHulumeni (i-GEPO) iyi hhovisi langaphakathi kodwa elizimele le-GEPF.
I-GEPF ibalwa kanye nezinye izikhwama ezinkulu zempe sheni emhlabeni, inamalungu angaphezulu kwesigidi esi1.2 futhi inabantu abahola impesheni nalabo abahlo mulayo abangaphezulu kwezi-450 000. Lesi sikhwama sasungulwa futhi silawulwa ngokoMthetho Wezimpesheni Zabasebenzi bakaHulumeni.
UMmeli uMakhado Rama bulana uqashwe njengo Mlamuli. Uthi leli hhovisi lisungulwe ukusiza abantu abangajabule ngezinsizakalo ze-GEPF.
Lizoba wusizo olukhulu kubantu abangakwazi uku khokhela usizo lwezo mthetho. Ngaphambi koku thi abantu bahambise izikhalazo zabo eHhovisi Lomvikeli Womphakathi noma ezinkantolo, bangafuna isixazululo kuMlamuli. UMla muli uzongenelela ezindabeni eziholela ekubambezelekeni  okungenasizathu kwezinko khelo okumele zitholwe  ngabafakizicelo. Angalamula  kuphela izikhalo ezifakwe  eminyakeni emithathu eye dlule.
 Ezinye izinkinga i-GEPO ekwazi ukubhekana nazo zibandakanya:
• Ukwehluleka kubase benzi bakahulumeni u kwenza umsebenzi wabo ngokomthetho kanye nemithethomgomo ye siKhwama• Ukwephulwa kwesibo phezelo ngaphandle kwe sizathu esizwakalayo; kanye• Nolwazi okungesilona noma oludukisayo olu hlinzekwe ngabasebenzi be-GEPF.
Ngaphambi kokufaka isi khalazo ku-GEPO, umuntu kufanele athumele isikhalo esibhaliwe ku-GEPF, i-Ejensi Yokuphathwa Kwezimpes heni zikaHulumeni (i-GPAA) noma kumqashi wakhe, futhi abanike ithuba lokusombu lula lolu daba.
“Kumele ubanike izinsuku ezingama-30 ukulungisa izinkinga oziphakamisile.
Uma, emva kwezinsuku ezingama-30, izinkinga zakho zilokhu zingaxazululwa, ungathumela isikhalazo kuMlamuli,” kuchaza uRama bulana.
UMlamuli angeke akwazi ukwamukela icala uma seku nophenyo olusemthethweni oluqhubekayo kwenye indawo.
“Kungakapheli amasonto amabili kusukela osukwi ni isikhalazo esatholwa ngalo, i-GEPO izocubu ngula [icala] futhi yazise ummangali ukuthi inga kwazi yini ukuphenya ngalo futhi inqume ngalolu daba.”  Uma uMlamuli engavumi ukuphenya ngesikhalazo, ummangali angabhalela ihhovisi le-GEPO zingaka pheli izinsuku ezingama-21 anikeze izizathu zokuthi kungani ekholelwa ukuthi isi khalazo siwela ngaphansi kwegunya le-GEPO.  