Bika inkohlakalo ngenombolo ephuthumayo yokulwisana nenkohlakalo

Silusapho Nyanda 

UMA NGABE usola inkohlakalo, ukukhwabanisa, ukweba noma okunye okungalungile emsebenzini kahulumeni, uyanxuswa ukuthi ukubike.
Ukunqanda inkohla kalo emisebenzini  kahulumeni kusa lokhu kuseqhulwini ku hulumeni futhi neNombolo  Ephuthumayo Kazwelonke  Yokulwisana Nenkohlakalo  ikwenza kube lula kumalungu omphakathi ukuthi abike nge zinsolo zezenzo zenkohlakalo.
Inombolo ephuthumayo ye thulwa iKhomishana Yezemise benzi Kahulumeni (i-PSC) ngowezi-2004 futhi kusukela lapho, sekungene izingcingo ezingaphezu kwezi-100 000 ezi -bika ngezinsolo zenkohlakalo nokungaphathi kahle.
Lezi zingcingo ezishaywa izingede seziholele ekuphe nyweni kwamacala ayizi 24 035 enkohlakalo, uku khwabanisa kanye nobunye ubugebengu, kusho uKhomi shana Wezemisebenzi Kahu -lumeni u-Michael Seloane, owengamele wonke umsebenzi owenziwa ikhomishana.
Phakathi kowezi-2020 no wezi-2021, kubikwe amacala angama-337 kusetshenziswa inombolo ephuthumayo. Anga mashumi amathathu nanhlanu kula macala abandakanya ukuqashwa nokuthengwa kwempahla ngokungalandeli umthetho aphenywa yi-PSC.
Amanye amacala asele adlu liselwa kweminye iminyango kahulumeni noma ama-ejensi ezomthetho ukuze aphenywe.
UHlelo Lokwakhiwa Noku thuthukiswa (i-RDP) kwe zindlu, nokungahambisi ngomthetho kwamathenda nezibonelelo zenhlalo zinge zinye zezinsolo ezenziwe.
“Ngesikhathi sokuvalwa kwezwe salunywa indlebe kusetshenziswa ama-imeyili.
Sibuye sibe nohlelo-kusebenza oluqopha imiyalezo kulabo abafisa ukushayela ucingo kwinombolo yethu ephuthu mayo ngemuva kwamahora okusebenza,” kusho u-Seloane.
Wengeza ngokuthi selokhu kwaqala ukuxegiswa kwezigaba zokuvalwa kwezwe, sekube nokwanda okuqhubekayo ekubikweni kokukhwaba nisa okuhlobene nezibonelelo zenhlalo, ikakhulukazi izibo nelelo Zenhlalo Zokusiza labo Abakhahlamezekile.
Ukuqinisa imizamo yoku nqanda inkohlakalo, uMbuso usucije ama-ejensi ezomthetho ngabasebenzi abanekhono, futhi wasungula nesikhungo i-Fusion Centre . Isikhungo siyinhlanganisela yama-ejensi ezomthetho abelana ngolwazi 
kanye nezinsiza-kusebenza ekulweni nokukhwabanisa nenkohlakalo ekuthengweni kwezimpahla nezinsiza ezi hlobene neCOVID-19 .
 Kwenzakalani emva kokulunywa  indlebe ? U-Seloane uthi uma icala libikwa ngenombolo ephu thumayo, abasombululi ba macala bazobe sebehlola ukuthi yonke imininingwane edingekayo ihlinzekiwe yini.
Lokhu kubandakanya imini ningwane yokuthi ngubani owenze ini, isenzo esisolwayo senzeke nini, futhi kungani.
bamacala bazobe sebehlola ukuthi yonke imininingwane edingekayo ihlinzekiwe yini.
Lokhu kubandakanya iminini ngwane yokuthi ngubani owenze ini, isenzo esisolwayo senzeke nini, futhi kungani. Uthi uma kutholakala ise nzo esingalungile – kunga ba ukuthengwa noma uku qashwa okungalandelanga  umthetho, ukukhishwa  kwentshontsho, inkohla kalo ehlobene nezindlu ze-RDP, ukukhwabaniswa kwezibonelelo zenhlalo, ukufuduka ngokunge mthetho, ukushaya, ukwe ba noma ukukhwabanisa – i-PSC ikhipha isincomo sokuthi kuthathwe isinyathelo sokulungisa isimo ku mnyango ofanelekile noma idlulisele icala koKlebe, i-SAPS noma kwiThimba Elibhekele Ukunqanda Inkohlakalo ukuze lizoqhubeka liphenywe. Amacala adluliselwa yi-PSC eminyangweni ukuze aphe nywe, abandakanya:
• Abasebenzi bakahulumeni abenza omunye umsebe nzi ozuzisa imali ngapha ndle kokuthola imvume yeminyango• Ukungaphumeli obala ngento eshayisana nomse benzi, kanye• Nokuphenya ngokuzipha tha okungenasimilo.
U-Seloane uthi i-PSC inika iminyango kahulumeni izi nsuku ezingama-60 ukuthi iphenye futhi ivale icala. Uthi umnyango ube sewubikela i-PSC ngokutholile. “Uma sithokozile ngezinyathelo ezithathwe umnyango, sizobe sesilivala icala, kodwa uma singagculisekile, sibuyela emuva kubona.”
 Ukungadalulwa  ku qinisekisiwe 00000  Uma ngabe ingede inga funi ukuzidalula, isikhulu esisebenza kwinombolo ephuthumayo ye-PSC sizo thatha imininingwane yayo yokuxhumana kuphela.
Lokhu kubalulekile uma kudingeka imininingwane eyengeziwe, i-PSC kumele ikwazi ukuxhumana nazo.
Izingede ezibika amacala enombolweni ephuthumayo ye-PSC ziyaqinisekiswa  ngokuvikeleka uma zingafuni ukuzidalula, kusho u-Seloane.
Uchaze wathi abasombu luli bamacala baqeqeshiwe ukuqinisekisa ukuthi ukunga dalulwa kwezingede kuhlala kuvikelekile.
U-Seloane uthi abantu base Ningizimu Afrika kumele babike inkohlakalo ngoba intshontshela abampofu futhi imisa intuthuko, lokho okuvimbela izwe ukuthi li phokophele phambili.  