Qaphela izephulamthetho zocansi

Sphelele Ngubane

BHEKA iRejista Likazwelonke Lezephulamthetho Zocansi ngaphambi kokuqasha abasebenzi abazonakekela abantwana kanye nalabo abakhubazeke ngokwengqondo.
Uma ungumqashi onesikhungo  sokuthuthuki swa kwabantwana, ungo munye wabantu abadi ngwa umthetho ukuthi babheke ukuthi ingabe abasebenzi bakho ba khona yini kwiRejista Likazwelonke Lezephu-lamthetho Zocansi  (i-NRSO).
I-NRSO ingaphansi ko-Mnyango Wezobulungi-swa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo futhi abaqashi kumele beze khona ukuzobheka ukuthi ngabe labo abafuna ukubaqasha abekho yini ohlwini. Ukuba ngumqashi futhi kubandakanya umzali ofuna ukuqasha umsizi wase ndlini, umkhandlu olawula isikole noma isibhedlela.
I-NRSO yasungulwa ngoMthetho wePhalamende ngowezi-2007.
Iwuhlu lwamagama alabo abatholakale benamacala ocansi abawenze ebantwa neni nakubantu abakhuba zeke ngokwengqondo.
UNtombizodwa Matjila, uMabhalane we-NRSO, uthi irejista liqukethe amagama ezaphulamthetho zabesilisa kanjalo nezabesifazane.
Laba ngabantu abenze ubugebengu ebantwaneni nakulabo abakhubazeke ngokwengqondo, obufana nalokhu; 
• Ukuya ocansini nomntwana osemncane noma kuvunyelwene; • Ukuphoqa noma ukwenza abantwana babe ngo fakazi emacaleni ocansi; • Izenzo zocansi; • Ukuxhashazwa ngoko cansi; 
• Ukufundisa ngokocansi; • Ukubeka obala noma ukubonisa abantwana imifanekiso yabantwa-na yocansi noma abantu abakhubazeke ngokwengqondo kanye nokusebenzi-sa abantwana noma abantu abakhubazeke ngokwengqondo ukuthatha imifanekiso yocansi. “Uma umqashi ethola ukuthi igama lomsebenzi liyavela kurejista, umqashi kumele asuse loyo msebenzi amnike esinye isikhundla esingeke simsondeze kumntwana noma kumuntu okhubazeke ngokwengqondo,” kusho uMatjila.
Uma umqashi engakwazi ukususa umsebenzi amuse kwesinye isikhundla, kuzo dingeka ukuthi isivumelwano somsebenzi siphele. Imininingwane equkethwe kwi-NRSO ibandakanya; 
• Amagama aphelele nesibongo sesaphula-mthetho, isiteketiso kanye nomsebenzi waso; • Ikheli lendawo lesaphulamthetho, nemininingwane yokuxhumana, kubandakanya ikheli leposi; • Inombolo kamazisi yesaphulamthetho noma inombolo yephasiphothi; • Uhlobo lwecala locansi.
Irejista alinikezwa wonke umuntu. Lingatholwa kuphela abaqashi ukuze bathole izitifiketi zalabo amagama abo abhekwayo.
Kuyicala ukudalula imini ningwane yanoma ngubani equkethwe kwirejista.