UHlelo Loxhaso Lwezemisebenzi LukaMongameli luqhuba ukudalwa kwamathuba omsebenzi 

vukuzenzele unnamed

Ukwethulwa  kwesigaba sesi bili soHlelo Lo xhaso Lwezemisebenzi LukaMongameli kuveza inqubekela-phambili  enhle kakhulu emshika shikeni wethu wokuda la amathuba omsebenzi ezakhamuzi zaseNingi zimu Afrika ezingase benzi.
Sasungula uhlelo loku siza abantu ngomse benzi ngonyaka odlule ukuze kudalwe inqwaba yamathuba emisebenzi esikhathini esifishane kakhulu. Lokhu kwakubiza izindlela ezintsha nezinga masu amasha okusebenza ukuze kuqaliswe izinhlelo ngesivinini nangobungako obungakaze baba khona.
Inqubo yokuqashwa kwabantu  abaningi abanga sebenzi isebenzise izinkundla zobuchwepheshe ukufinyelela kubo bonke ababambiqhaza abafanele kile obekungafinyeleleka kubo. Isibonelo, abalimi abalimela ukuziphilisa bakwazi ukufaka isicelo soxhaso nge-USSD futhi bathola amavawusha athunyelwa komakhalekhukhwini babo.
Selokhu uMnyango Wezemfundo Eyisisekelo wavulela ukufakwa kwezi celo zesigaba esilandelayo sakamuva sokuqashwa kwabasizi basezikoleni, bangaphezu kwezi-940 000 abantu abasha abafake izi celo enkundleni yokufaka izicelo zomsebenzi ese tshenziswa mahhala ebizwa ngokuthi i-SAYouth.mobi, eyingxenye yohlelo lukazwelonke lwePathway Management Network.
Ukusetshenziswa kobuchwepheshe obusha ekuhlinzekeni ngamathuba omsebenzi kwenze uhlelo lokuqasha abasebenzi lwaba lula, lwashesha futhi lwaba ngoluvuleleke kakhulu.
UHlelo Loxhaso Lweze misebenzi LukaMongameli luqalise futhi lwalawula ukusebenzisana kwemi-khakha kahulumeni.
Izinhlelo zesigaba sokuqala zaqaliswa yiminyango kazwelonke eyi-11. Imise benzi yayo yaqondaniswa nokugwema ukuphindaphinda nokusaphaza futhi kwathuthukisa ukufunda kuleso sipiliyoni sabanye.
Uhlelo loxhaso oluqo-ndene namathuba  omsebenzi luphinde lwaveza ukubaluleka koku bambisana komphakathi.
Uhulumeni, amabhizi nisi, ezemisebenzi kanye nezinhlangano zompha kathi bahlanganyele ukuze babandakanye labo abangasebenzi kwezomnotho.
Zingaphezu kwesigamu sesigidi izakhamuzi zaseNingizimu Afrika esezihlomulile esigabeni sokuqala, kube kusane zinye izinhlelo eziningana ezisaqhubeka. Ababambiqhaza banikwe ithuba lokuhola ukuze bakwazi ukuziphilisa, bafunda amakhono amasha futhi bathuthukisa abavele sebenawo, nokusebenzisa isipiliyoni sabo ukudlulela komunye umsebenzi noma ukuzidalela amathuba omsebenzi.
Isibonelo, ababambiqhaza abaningi abaqashwa wuMnyango Wezemisebenzi Kahulumeni Nengqa lasizinda esigabeni sokuqala sezinhlelo ba kwazi ukuthola imisebenzi emkhakheni wezemise benzi ozimele ekupheleni kukaNdasa 2021.
Iningi lalabo ababa sohlelweni lokuqala lokuba ngabasizi basezikoleni, nabo, bathola imisebenzi, sebehlome ngesipili yoni, ukuqeqeshwa kanye namareferensi.
Izinhlelo ezaqaliswa ngoHlelo Lwezemisebenzi LukaMongameli ziphi-nde zasiza imiphakathi kabanzi. Kugxilwe kakhulu ekudalweni kwamathuba omsebenzi emikhakheni enomthelela emphakathini ngokuqondile njenge zemfundo, ukutholakala kokudla, ukunakekelwa kwengqalasizinda yo mphakathi kanye nokuvi kelwa kwezemvelo.
Ngohlelo Lwezemise benzi LukaMongameli kuqashwe abantu abasha ukuze kusekelwe futhi kusizwe othisha basezikoleni zethu. Abanye baqashwa ukuze bakhe amabhuloho emiphakathini yasemakhaya.
Kwasizwa inqwaba yeziNkulisa ukuze zikwazi ukuqhubeka nokusebenza nokuvulwa. Abalimi abalimela ukudayisela ukuziphilisa baxhaswa ukuze bandise imikhiqizo yabo, futhi kwavuselelwa futhi kwalungiswa imifula namaxhaphozi.
Njengengxenye yesi gaba sesibili, sisungula Isikhwama Sokuqasha  Umphakathi esizosekela  umsebenzi oholwa yizi-nhlangano zomphakathi ezinomsebenzi omuhle ovamile emikhakheni enhlobonhlobo enje ngezolimo zasema dolobheni, ubuciko bomphakathi, ukuthuthu kiswa kwezindawo zokuhlala ezingahlelekile ngokugcwele kanye noku phepha komphakathi.
Njengoba kunokusilela emuva okukhulu kwezomnotho okudalwe wubhubhane lweSifo seGciwane le-Corona, ukuqashwa komphakathi kuhlinzeke ngoxhaso olubalulekile lokudalwa kwamathuba omsebenzi.
Lokhu kungukuqaliswa kokuzibophezela kwethu kokuthi uhulumeni kumele ubambe iqhaza ekuxhaseni ukuqashwa kwabantu ngenkathi imakethe yeza basebenzi isavuselelwa.
Ngohlelo Lwezemise benzi LukaMongameli sifake abantu abasha abaningi emisebenzini ngendlela engakaze ibonwe esikhathini esifishane. Balinganiselwa kuma-84% ababambi-qhaza bakusigaba  sokuqala ababengabantu abasha abangaphansi kweminyaka engama-35, futhi izingxenye ezimbili kwezintathu kubo zazinga bantu besimame.
Esigabeni sesibili sili-ndele ukuthi lesi sibalo  sibesikhulu kuna lokhu, njengoba uxhaso  luzocishe lufinyelele kusigidigidi esisodwa samarandi lwesiNgenelelo soHlelo LukaMonga meli Lokuqasha Abantu Abasha.Njengengxenye yalokhu kungenelela, abantu abasha abaningi bazoqashwa kuMisebenzi Yentsha Kazwelonke evuselelwe.
Abantu abasha bazothola ukuqeqeshelwa amakhono ezobuchwepheshe futhi amabhizinisi abantu abasha azothola uxhaso lokuwakhulisa nokuqasha.
Kuyinkinga enkulu ukungabibikho kwemisebenzi ezweni lethu. Angeke sikwazi ukuba nokunye ukubambezeleka oku-ngapheli kokubhekana  nale nkinga ngenxa yezithiyo zeminyango kahulumeni, izinqubo zokuqasha esezaphelelwa isikhathi, ukungabibikho kwabasebenzi nokuhlela, noma izinhlelo zesi khashana noma ezingagcineki.
Impumelelo yoHlelo Loxhaso Lwezemisebenzi LukaMongameli luveze ukuthi uma sisebenzi sana, sishesha, sicabanga ngobuciko futhi sila wula izinsiza zethu ngo kufanele, singakwazi ukuba nomthelela o mkhulu.
UHlelo Loxhaso Lweze misebenzi LukaMongameli luveze ukuthi singadala imisebenzi uma sisebe-nzisana njengomkhakha kahulumeni, ezabasebenzi, umphakathi kanye nohu lumeni.
Angingabazi ukuthi isi gaba esilandelayo soHlelo Loxhaso Lwezemise benzi LukaMongameli luzokwenza sisondele  kakhulu ekufezeni  umgomo wethu sihlangene wokuhlinzeka ngemise benzi ehloniphekile kanye namathuba abo bonke abantu.
