Qinisekisa ukuthi unencwadi yefa!

vukuzenzele unnamed

Uma ungenayo  incwadi yefa  eqinisekisiwe,  angeke ube namandla okulawula ukuthi ngu bani ozozuza amafa ezimpahla zakho uma ushona. Lokhu kunga holela ekutheni abantu bazuze ifa lakho okunga ba imali noma izimpahla, noma ngabe ubungafuni ukuthi kwenzeke.
Uma umuntu eshona engayibhalanga incwadi yefa lakhe, izimpahla abenazo zizokwabiwa ngokomthetho obizwa phecelezi ngeInte state Succession Act , kulabo bantu abanelungelo lokuthi bazithole njengefa.
Lo Mthetho ubeka izimiso zokuthi ifa kumele labiwe kanjani. Labelwa izihlobo zegazi kuqala, ngendlela ethile yokulandelana:
• Uma ushiye umuntu  oshade naye kuphela, u mlingani wakho nguye ozodla ifa lonke.
• Uma ungenaye umuntu oshade naye futhi kusala kuphela abantwana bakho, yibona abazodla ifa ngeza belo ezilinganayo.
• Uma ushiye oshade naye nezingane, oshade naye uzothola isabelo sengane noma izi-R250 000, noma yikuphi okukhulu, bese izingane zabelana nge mali esele. Isibonelo nje, uma ifa lingabiza izigidi ezi-R2 futhi umufi eshiye owakwakhe nezingane  ezintathu, inani lesabelo sengane ngayinye lili nganiselwa kuzi-R500 000.  Isabelo sengane sibalwa ngokuhlukanisa inani kane.
• Uma ungenaye umlingani noma izingane, kodwa bobabili abazali besaphi la, bazodla ifa ngezabelo ezilinganayo. Uma umza li oyedwa eshonile, kepha eshiye abafowabo nodade wabo, umzali osele uzo thola isigamu sengxenye yefa kanti inzalo yomza li oshonile izothola enye  ingxenye.
• Uma bobabili abazali baka mufi sebashona, kodwa bashiya abantwana, ifa lihlukaniswa libe izingxe nye ezilinganayo.
• Uma umufi engashiyanga owakwakhe, abantwana, abazali noma uzalo lwaba zali, isihlobo segazi esise duze sizodla ifa lonke.
• Okokugcina, uma umufi engashiyanga ngisho isi -hlobo, uMbuso yiwo oqhu beka udle ifa.
Ukwengeza kokungenhla, ingane ezalwe ngaphandle komshado ingathola ifa kubo bobubili ubudlelwano begazi; futhi ingane yokutholwa itha thwa njengozalo lomzali noma lwabazali labo abamthola.
Isebenza nini ngokuse mthethweni incwadi yefa?Incwadi yefa iba semthethweni kuphela uma yenziwe ngu muntu oneminyaka eyi-16 ubudala noma ngaphezulu, futhi kufanele ihambisane nalezi zidingo ezilandelayo:
• Kumele ibhalwe phansi,  futhi isayinwe kuwo wonke amakhasi kanye nasekugcineni.
• Kumele isayinwe pha mbi kofakazi ababili noma ngaphezulu abanekhono.
Noma ngubani oneminya ka eyi-14 ubudala kanye nangaphezulu angaba ngu fakazi. Indlalifa angeke neze ibe ngufakazi.
• Kumele ufake iminini ngwane ephelele yama fa akho kanye nokuthi ngobani ofuna uku bashiyela wona, okufaka phakathi amagama kanye nemininingwane yabo.
• Kumele ukhethe umuntu ozophatha ifa lakho (uma bi wefa). Lo muntu aka kwazi ukuba yindlalifa.
• Kumele usho ukuthi ku fanele kwenzekeni efeni lomzuzi oseyingane.
• Uma kunguwena kuphe la umbheki wengane e ncane, isho ukuthi ngubani okufanele aqokwe njengo mbheki wengane.
• Kumele uqinisekise ukuthi incwadi yamafa yange mpela esayiniwe igcinwa iphephile, ngoba oku ngeyona eyangempela ayi sebenzi.
Lolu lwazi luhlinzekwe yi Hhovisi leOmbud for Fi nancial Services Providers  njengelungu leKomidi Lika zwelonke Lemfundo Yezi mali Zabathengi.
