Ukuqedwa kwenkohlakalo kuhulumeni

vukuzenzele unnamed

Ukuvela obala ePha lamende ukuthi  abasebenzi abayi zinkulungwane bakahu lumeni bebethola ngo kungemthetho izibonelelo  zikahulumeni nyanga zo nke kubonisa ukuthi ise yinde indlela esisazoyi hamba ekugcizeleleni usi ko lokuziphatha kuhulu meni.  Ekuqaleni kwalo nyaka, kwatholakala ukuthi  babalelwa kwizi-16 000 abasebenzi abaholelwa nguhulumeni abakhokhelwa kungafanele iSibonelelo Sokusiza Abakhahlanye zwe yiCOVID-19 . Akekho ongazi ukuthi labo abafaka izicelo abanemali abayitho layo engxenye abafanelekile ukuthola lesi sibonelelo. Futhi kuyazicacela bha ukuthi labo abathola imali kuhulumeni akufanele bafake izicelo.
Kodwa-ke bakwenza lokho.
Abanye abantu abayizi 17 000 abaqashwe kuhulu meni kazwelonke nasezifu ndazweni bathumela izicelo ngethemba lokwengezela imi holo yabo ngemali ebekelwe labo abantulayo. Ngo kubheka isidingo ezweni, leso abasebenzi bakahulumeni abasaziyo nabo kamhlophe, le nhloso yamabomu yokweba imali kahulumeni ayixoleleki.
Uhulumeni manje uthatha igxathu lokuzama ukugwema lolu hlobo lokuhlukumeza futhi uzolwisana nanoma ngubani osemkhakheni kahu lumeni obandakanyeka kulesi senzo esibi.
Kamuva-nje, uhulumeni wethule uPhiko olusha Olusiza Ngokuziphatha, Ubuqotho kanye Nokuqo ndiswa Kwezigwegwe. Lolu phiko luzokwakha amandla ezinhlanganweni zikahulu meni ukuqhuba izinqubo zokuqondiswa kwezigwegwe emacaleni okungaziphathi kahle futhi lusebenzisane nezinye izinhlaka zikahu lumeni ekujeziseni labo ababandakanyekayo.
Lolu phiko luzodluli sela amacala enkohlakalo kwiThimba Likahulumeni Elilwisana Nenkohlakalo bese lilandelela neminyango ukuqinisekisa ukuthi amacala obugebengu abandakanya abasebenzi bakahulumeni agcina ekuqondisweni kwezigwegwe. Ngokusebe nzisana nesikhungo iFusion Centre , lolu phiko luzo siza ukuthola abasebenzi abasemacaleni aseqhulwini ukuthi baphenywe yizipha thimandla zomthetho.
Lolu phiko luzoqapha ukuqhutshwa kwenqubo yokuhlolwa kwendlela yo kuphila yabasebenzi bakahu lumeni. Lapho iminyango ithola inkohlakalo kanye nomcebo ongachazeki uphumaphi, lawo macala azodluliselwa kwaboPhiko Lwamaphoyisa eNingizimu Afrika.
Uphiko olusha seluwuqale ngobuqotho umsebenzi walo, ngokusiza ukuthola abasebenzi bakahulumeni ababandakanyeka emaca leni ahlobene nokuthengwa kwezinsiza zeCOVID-19 , isibonelelo esikhethekile se-COVID-19  kanye noku khwabaniswa kweSikhwama Somshwalense Wabalahle kelwe Umsebenzi.
Amacala abasebenzi baka hulumeni adluliselwe kuPhi ko Lwamacala Akhethekile ukuze kuthathwe izinyathelo zokuqondiswa kwezigwegwe azoqashwa yilolu phiko olusha ukuhlolisisa inqube kela-phambili yawo.
Olunye uhlangothi olubalu lekile lwalolu phiko kuzoba ukusungula izikhungo zoku ziphatha nokuthembeka ezikhundleni zikahulumeni.
Abasebenzi bakahulumeni abambalwa eminyakeni eyedlule bebecabanga ukuthi ukwenza ibhizinisi noma ukuzuza ngokungafanele kuHulumeni kuvumelekile kubona, kubangani babo kanye nakwimindeni yabo, uma nje kungaphulwanga umthetho. Kumele senze konke okusemandleni ukushintsha le ndlela yoku cabanga.
Njengoba sisebenza ukuqeda nya inkohlakalo, kumele sigxile ngokulinga -nayo ekuziphatheni kahle, ngoba into esemthethweni ingaba ngukungaziphathi kahle futhi ingamukeleki ukuthi yenziwe ngumsebenzi kahulumeni.
Uphiko olusha luzomisa izinkambiso nezindlela ze zimiso zokuziphatha, ubu qotho kanye nokuziphatha.
Luzophinde lunike amandla iminyango ukuthi iqondise izigwegwe izikhulu zikahu lumeni ezilahlwe ngamacala okungaziphathi kahle. Ngo nyaka odlule babangaphezu kwama-200 abasebenzi abaqeqeshwa njengabaphathi kanye nabaholi.
Ukwakha umbuso onezi miso zokuziphatha, futhi okhonayo kuyaqhubeka nokuba yinto okugxilwe kuyona.
 Njengoba kuvuke amahlazo amaningi abandakanya abasebenzi bakahulumeni abazuze ngokungemthetho, umsebenzi uzoba nzima futhi uzothatha isikhathi esijana.
Noma kunjalo sizinikele ukuyifeza le ndima.
Umbuso okhonayo uyisi sekelo sokuthola konke okubalulekile kwezwe lethu.
Ngaphandle kokwenza ngcono indlela yokuziphe ndulela kanye nokugqugqu zela ukuziphatha ngokwezi miso, akukho esizophumelela kukho.
Iningi labasebenzi bethu bakahulumeni lizinikele, lithobela umthetho futhi linezimiso zokuziphatha.
Umsebenzi osasimele ukuthi sisebenze ngokubambisana sivundulule labo abangenzi njalo, bese silungisa lo mqondo wokuthi bonke labo abasebenza kuhulumeni ba ngogombela kwesabo noma banenkohlakalo.
Ngihlaba ikhwelo kuwona wonke amadoda nabesi fazane abasebenzela izwe lakithi nsuku zonke ukuthi baphinde bazinikele ezimi sweni zokungazibeki bona phambili kanye nokuletha izinsiza, nokukhumbula ukuthi ukuziphatha kwabo kumele ngazo zonke izikha thi kube ngokomthetho futhi nangokwezimiso zokuzi phatha.
Ukusungulwa kwalolu phiko kungenye yezindlela esisebenza ngayo ukuqeda inkohlakalo kuhulumeni futhi nakanjani kuyo yonke imikhakha yempilo yaseNi ngizimu Afrika.
