Imigomo yeCOVID-19 : Imibuzo yakho iphenduliwe

Allison Cooper

Ngokuqhubeka  ngokuphelele  kohlelo lokugo ma lweSifo segciwane le-Corona  eNingizimu Afrika (iCOVID-19),  iphephandaba iVuk’uze nzele  lithole ulwazi olu vela eMnyangweni We zempilo Kazwelonke ukuphendula imibuzo  ejwayelekile emphaka thini mayelana nomgomo.  Umbuzo:  Ngakube umgo mo ungadala iCOVID-19  noma wenze ngihlonzwe njengosuleleke ngayo?Impendulo:  Cha. Awukho namunye umgomo kuyo yonke imigomo esetshe nziswa eNingizimu Afrika onegciwane eliphilayo nokuyilo elidala iCOVID-19 .
Ngakho-ke angeke neze udale igciwane futhi angeke wenze ukuthi uhlonzwe njengonegciwane emva kokugoma.
Umbuzo:  Ngakube ku yiqiniso ukuthi kunensinjana i-microchip  emigomweni, elandela umkhondo woku hamba kwabantu?Impendulo:  Cha. Ayikho insinjana noma into ela ndela ukuhamba kwabantu emigomweni. Abakhiqizi bemigomo kudingeka ukuthi badalule izithako zemigomo yabo kwiziPhathimandla Ezilawula Imikhiqizo Yeze mpilo eNingizimu Afrika (i-SAHPRA) ngaphambi kokuba umgomo ugunya zwe ukuthi usetshenziswe.
 Umbuzo:  Ngizwile ukuthi imigomo inophawu lweSilo (lobuSathane) – i-666. Nga kube lokhu kuyiqiniso na?Impendulo: Cha. Imi gomo ayihlanganise lutho nezinhlangano zezinkolo futhi ayikwazi ukufakwa imimoya, amadimoni noma yiziphi ezinye izithako ezingabonakali.
Umbuzo:  Ngingakwazi ukugoma uma ngikhulelwe?Impendulo:  Owesifazane okhulelwe unamathuba ama ningi okuthi angaguliswa yi-COVID-19 . Ukugoma kungavimbela ukuthi agule kanzima owesifazane okhu lelwe.
Umbuzo:  Ngakube kufa nele ngiyeke ukuncelisa umntwana ibele ukuze ngi gonywe?Impendulo: Inhlangano Yezempilo Emhlabeni Jikelele kanye noMnyango Weze mpilo abakuncomi ukuyeka ukuncelisa umntwana ibele ukuze ugomele iCOVID-19 .
Imigomo inconyiwe ukuthi ingasetshenziswa ngomama abancelisayo.
Umbuzo:  Ngakube ngi ngakwazi ukugoma ngemuva nje kokwesuleleka ngeCOVID-19 ?Impendulo: Cha. Noma ngubani oke wasuleleka ngeCOVID-19  kumele alinde okungenani izinsuku ezingama-30 ukusuka nge sikhathi sokuphela kwezi mpawu zayo.
Umbuzo:  Nginezimpawu ze-COVID-19 , ngabe kuphe phile ukuthi ngigome?Impendulo:  Cha. Aku melanga ukuthi ugome uma unezimpawu zeCOVID-19 .
Okungcono kumele uhlolwe kuqala.
Umbuzo:  Ngingakwazi yini ukuthi ngithole umjovo wesibili womgomo wePfizer  ngaphambi kokuphela kwe zinsuku ezingu-42 emva komjovo wami wokuqala?Impendulo:  Cha. Uvu meleka kuphela ukuthola umjovo wesibili emva kwe zinsuku ezingama-42.
Umbuzo:  Ngakube kumele ngigome uma sengike ngalu lama kwiCOVID-19 ? Nga kube umzimba wami unga kwazi ukulwa nalesi sifo ngo kwawo, ngaphandle kokukha hlanyezwa ukugula emuva kokugoma?Impendulo: Ubufakazi bukhombisa ukuthi ukulwa komzimba wakho nezifo, uma uguliswa yiCOVID-19 , kuba buthakathaka futhi kunamandla amancane uma kuqhathaniswa namandla omgomo okulwa nezifo.
Ukugoma kuzonika amaso sha akho omzimba amandla anele kanye nabekezela isikhathi eside okulwisana nezifo.
 Ukugula emuva kokugoma kuncane futhi akuthathi isi khathi esedlula usuku noma izinsuku ezimbili, ngesikha thi ukuguliswa yiCOVID-19  kungaholela ekulalisweni esibhedlela noma ekufeni.
Umbuzo:  Ngakube kufa nele abantu abanezifo ezinga mahlalakhona, njengomfutho wegazi ophakeme, ukuthi bagome?Impendulo: Abantu abanezifo ezingamahlala khona basengozini enkulu yokuguliswa kanzima yiCOVID-19 . Ngakho-ke ba zozuza kakhulu ngokuthi bagome.
Umbuzo: Uma ngike ngangazwana nomuthi wo kwelapha ngaphambilini noma umgomo ngakube kumele ukuthi ngigome?Impendulo: Noma ngu bani onomlando wokunga zwani nanoma yimuphi umgomo noma imithi yokwelapha kumele bakhu lume nabanakekeli babo bezempilo.
Umbuzo:  Ngakube kuyi ngozi kangakanani ukunga zwani nomgomo?Impendulo:  Ukungazwa ni nomgomo okunzima  akujwayelekile. Ukunga zwani nomgomo kuvame ukwenzeka imizuzwana noma imizuzu nje ngemuva kokugoma. Yingakho nje kubalulekile ukuthi abantu balinde imizuzu eyi-15 enda weni yokuqashwa kwesimo ngemuva kokugoma.
Umbuzo:  Ngakube  kuphephile ukugoma uma ungezwani namaqanda?Impendulo:  Yebo. Awu kho umgomo weCOVID-19  onephrotheni yeqanda.
Umbuzo:  Ngizwile ukuthi abantu abadala bashona ngo kushesha emva kokugoma.
Ngakube umgomo uphephile kubantu abadala?Impendulo:  Umgomo uphephile futhi usebenza kahle ekunqandeni isifo seCOVID-19  kanye nokufa.
Ngokusebenzisa umgomo, sibona ukwehla kwezinga lokushona kwabantu abadala ngenxa yeCOVID-19  ema zweni amaningi.
Umbuzo:  Kungani abanye abantu besuleleka ngeCOVID-19  ngemuva kwama viki amabili begomile?Impendulo:  Ugoma ngo kugcwele emuva kwe zinsuku ezingama-30 uthole umgomo iJohnson & Johnson  noma emuva kwamaviki amabili emuva kokuthola umjovo wesibili womgomo i-Pfizer . Uma kwenzeka uhlangabezana negciwane ngaphambi kokuthi ugome ngokugcwele, usangasithola lesi sifo.
Umbuzo : Ngabe umgomo ukunqanda ngokugcwe le ukwesuleleka ngeCOVID-19 ?Impendulo: Cha. Noma ngabe usugome ngoku gcwele kepha usangasu leleka ngeCOVID-19 . Noma kunjalo, umgomo unciphisa ingozi yokwesuleleka ngeCOVID-19  okunzima, uku laliswa esibhedlela kanye nokufa.
Ngolwazi oluthe xaxa ngena ku-https://sacoro navirus.co.za