I-BRICS ingumongo wokukhula kweNingizimu Afrika

vukuzenzele unnamed

Ngonyaka owandu lela ukhetho loku qala lwentando ye ningi labantu, uMongameli u-Nelson Mandela wabhala isiqephu kwiphephabhuku i-Foreign Policy  ngomthe thonqubo omusha wekusa sa leNingizimu Afrika.
Ecabanga ngezinguquko zemifelandawonye emhlabeni jikelele ezilethwe ngukuphela kwempi iCold War , wabhala ukuthi amazwe kuzome le “aphinde aphose udobo lwawo” uma efuna ukuzuza ezindabeni zamazwe ngama zwe.
Kusukela kuguquko lwe zakhiwo lwangowe-1994 ngesikhathi sithatha isinqu mo sokuphuma hhayi nje kuphela kubandlululo ko dwa nakubudlelwano obu zayo bamazwe ngamazwe babaklami, umthethonqubo wezangaphandle weNingi zimu Afrika uyaqhubeka ngokwakheka ngalokhu “ku phosa udobo futhi”.
Okuseqhulwini kumthe thonqubo wezangaphandle wethu ukuhlanganiswa kwe sifunda ngokwepolitiki na ngokomnotho, ukujaha uku thuthuka kwezwekazi i-Afri ka, ukuzibandakanya kwa mazwe amaningi kanye nokugqugquzela intando yeningi labantu, ukuthola namalungelo abantu.
Kuze kube manje, sesakhe imifelandawonye yamaqhi ngasu namazwe aseNingi zimu Yomhlaba kanye noku sebenzisana okunenzuzo efa nayo namazwe aseNyakatho.
Ukuhlanganyela neqembu  lamazwe e-BRICS ngowezi 2010 kwaba yingqophamla ndo ekufuneni kwethu ukwenza ngcono intuthuko kazwelonke eseqhulwini ngokwakha ubudlelwano obuqinile neminotho eba lulekile esavela yase-Brazil, e-Russia, e-India nase-China.Uma ungabhekisisa, ama zwe e-BRICS aqukethe mhla wumbe ama-41% enanibantu lomhlaba futhi anama-24% e-GDP yomhlaba wonke kanye nengxenye ye-16% yohwebo lomhlaba. Sesihlo mule inzuzo yobulungu baleli qembu lamazwe, ika khulukazi ekusebenzisaneni kwezomnotho.
Ukuhwebelana namazwe amabili sekukhulile, ika khulukazi i-China ne-India, ngokuthengiswa kwempahla ephuma kuleli lizwe kanye nokulethwa kwempahla ekhi qizwe kula mazwe osekuqine kakhulu. Amazwe eqembu i-BRICS ayaqhubeka nokuba ngumthombo obalulekile wotshalomali oluqonde ngqo lwezangaphandle ezinda weni ezingumongo ezifana nezimayini, ezezimoto, ezokuthutha, ezamandla ezihlanzekile, ezemisebenzi yezezimali kanye nezolwazi lobuchwepheshe i-IT.
Ukubuyekezwa kwango wezi-2018 kobulungu bethu be-BRICS ngongoti benka mpani iDeloitte  kwabalula ukuthi ababambisene neBRICS “batshala izimali ezweni ngokungaphezu kokuphindwe kathathu uma kuqhathaniswa neminyaka eyisikhombisa ngaphambi kowezi-2011”. Lolu tshalo mali kanye nemiklamo ibuye yaholela ekusungulweni kwe misebenzi ebonakalayo.Selokhu kwasungulwa ibhange iNew Development Bank , ihhovisi lalo lesi funda eliseGoli, iNingizimu Afrika isibe ngabahlomuli bokwesekwa ngezezimali  ngokwemisebenzi ngemikla mo yezokuthutha, ezamandla ezihlanzekile, ukuvikelwa kwemvelo, ingqalasizinda yamanzi kanye nokunci shiswa kwegesi engcolisa umoya.
Selokhu kwabheduka ubhubhane lweCOVID-19 , iNingizimu Afrika isiya mukele izigidigidi ezi-R28 zo xhasomali oluvela kwibhange i-New Development Bank  ngaphansi koHlelo Lwema limboleko Yezimo Eziphuthu mayo zeCOVID-19  ukulwa nobhubhane kanye nokwe seka ukuvuselelwa komnotho wethu.
Kuphinde kwaba noku sebenzisana okukhulu noza kwethu be-BRICS ekutho leni izinsiza zokuzivikela kanye nokusebenzisana ekufinyeleleni kwimigomo nokusatshalaliswa kwayo.
Kamuva nje besibambe iqhaza kwiNgqungquthela ye-BRICS ye-13, lapho amazwe e-BRICS avuma ukuqinisa ukusebenzisana ukulwa neCOVID-19  kanye nokunxenxa ukwesekwa kwezepolitiki nezinsiza zezezimali ezidingekayo ukubhekana nokulungela ubhubhane olungabheduka esikhathini esizayo.
Lokhu kubandakanya ukusungulwa kweSikhungo se-BRICS Sokucwaninga Nokuthuthukiswa Komgo mo sobuchwepheshe kanye  neNhlanganisela yoHlelo kusebenza Oluzokhipha Izi xwayiso lwe-BRICS okuyilona oluzoqagula ukubheduka kwezifo ezithelelanayo zaku sasa.
Enye ingxenye ebalulekile yesivumelwano ukuvumelana ngokwamukelwa kwama phepha kazwelonke okugoma kanye nohlelokusebenza lokuhlolela iCOVID-19  – okuyinto ezobaluleka kakhulu uma uvakashela amanye amazwe esikhathini esizayo. Ukuvumelana ngo kusebenzisana kuzobaluleka ikakhulukazi ekuvuseleleni umnotho womhlaba jikelele, lapho ukuthuthuka okunga lingani kusho ukuthi amanye amazwe azovuka masinya, ngesikhathi amanye esalela emuva.
Ukweseka ukuvuselelwa komnotho, abasebenzisana  ne-BRICS bavumile uku qinisa ukubambisana emi khakheni eyisikhuthazi efa na nezamandla, ulwazi bezobuchwepheshe (i-IT), isayensi, ubuchwepheshe nokuqanjwa kabusha, ezo limo kanye nokunakekelwa kwemvelo. Lena yimikhakha ebalulekile ebalulwe kuHlelo lwethu Lokwakha Kabusha Nokuvuselelwa Komnotho olwamenyezelwa ngonyaka owedlule.
Ukubambisana namanye amazwe e-BRICS, ikakhu lukazi endimeni yocwaningo lokuqamba kabusha, kuzosiza ukuqhuba ngesivinini uhlelo lezwe lokuthuthukiswa kwe zimboni luphinde lusisize ukuhlangabezana nezifiso zethu zeNguquko yesine Yezimboni iFourth Industrial Revolution . Mayelana nalokhu-ke, kwabanjwa izingxoxo ngo kusungulwa kwezinkundla ezisemthethweni ze-BRICS zokwabelana ngendlela yokusebenza, ulwazi kanye nobuchwepheshe, kuba ndakanya ukusetshenziswa kwezinkundla zobuchwe pheshe ezivuleleke kuwona wonke umuntu.
 Ababambisene ne-BRICS bavumile ukuthi amazwe asathuthuka adinga usizo ukufeza amaphupho e-UN okuthuthukisa ikusasa eli simeme lawo wonke umuntu i-UN Sustainable Develo pment Goals , nokuthi amazwe axhasayo kumele agcine isethembiso sawo kulokhu.
Lokhu kubalulekile ikakhu lukazi mayelana nokuguquka kwesimo sezulu.
Njengamazwe ama ningi, iNingizimu Afrika ibheke ukuya phambili nendlela ethuthukisa uku khiqizwa kwekhabhoni encane okubandakanya wonke umu ntu, okusimeme futhi oku cabangela nesimo sethu njengezwe elisathuthuka.
INkundla Yokusebenzisana Kucwaningo Lwezamandla lwe-BRICS izoba usizo olukhulu ngesikhathi sisa balalisa imithombo yethu yezamandla.
Eminyakeni eyi-11 selokhu sahlanganyela ne-BRICS, ubulungu bethu buthuthu kise kakhulu intshisekelo yezwelonke. Ukuba yilungu le-BRICS kukhulise izinga esikulo njengomnotho oba lulekile osafufusa.
Kusenze safinyelela ku mthethonqubo nobuchwe pheshe bokusebenza kwemi notho emikhulu nethuthukile, kanjalo nokufinyelela ekwe sekweni yi -National Deve lopment Bank .
Kuqinise ubushoshovu be thu enkundleni yomhlaba jikelele, ikakhulukazi maye lana nokuguqulwa kwezi khungo ezehlukahlukene.
Sizuzile ngokuba yingxenye yezwi linye eliphokophele ukwenza ngcono ukupha thwa komhlaba okwesekelwe phezu kokuhloniphana kanye nokulawula okulinganayo kwezizwe.
I-BRICS iyingxenye yeqhi ngasu ebaluleke kakhulu ezweni lethu, futhi izoqhu beka ibe njalo isikhathi eside esizayo.
