Yazi ukubona izimpawu zomdlavuza ezinganeni

Allison Cooper

INYANGA YOKUQWASHISA Ngomdlavuza Ezinganeni, okwenzeka njalo ngoMandulo, kusiqwashisa ngomdlavuza owehlukahlukene ezinganeni.
Umdlavuza ezinga neni uyenyuka emhlabeni jikelele, ngesilinganiso sengane eyodwa kwezingama-408 emhlabeni jikelele ihlo nzwa ngokuthi inomdlavu za ngaphambi kokuba ibe neminyaka eyi-15 yobu dala.
Ngokusho kuka-Taryn Seegers, uMxhumanisi weNhlangano Yomdlavuza Ezinganeni eNingizimu Afrika i-Childhood Cancer Foundation of South Africa (i-CHOC), kukholakala ukuthi izingane ezimbili kwezintathu ezinomdlavuza azikutholi ukwelashwa futhi lezo ezithola ukwela-shwa kujwayeleke ukuthi izinga lesifo selivele seliphe-zulu.
Kusukela ngowezi-2011, i-CHOC ibilokhu isebe nzisana noMnyango Wezempilo nabalaphi bendabuko ukuhlinzeka ngochwephe she bezempilo, abasebenzi bezempilo, abalaphi benda buko kanye nemiphakathi ngolwazi ngomdlavuza ezinganeni.
“Laba bantu bafundiswa ngezimpawu zokuqala ze-Siluan futhi bafunde nokucacisa izinkoleloze kanye nesihlava emiphakathini,” kusho u-Seegers.
Izimpawu zokuqala zeSiluan yilezi:
• Thola usizo uma kune zimpawu zokuqala futhi ezibelesele.
• Ihlo: Ichashaza elimhlophe ehlweni, ukuqhunsula amehlo, ukungaboni, ukukhukhumala kwamehlo.• Isigaxa: Esiswini nasokhalweni, ekhanda nasentanyeni, ezithweni, emasendeni nasezindlaleni.
• Okungachazeki: Imfiva engapheli emavikini ama bili, ukwehla kwesisindo somzimba, ukuphapha-theka kwesikhumba, ukukhathala, ukusheshe ulimale noma wophe masinyane.
• Ukuqaqanjelwa: Kwa mathambo, amalunga omzimba, iqolo nokushe-sha ukuphuka.• Izimpawu zezinzwa: Ukushintsha noma ukwehla ekuhambeni, ukuzimela noma ukukhuluma, ukubuyela emuva kokukhula kwengane, ikhanda elibuhlungu elithatha ngaphezu kweviki elihambisana noma elingahambisani nokuhlanza kanye nokukhula kwekhanda.
Imidlavuza ezinganeniImidlavuza ehlasela izingane yehlukile kunaleyo ehlasela abantu abadala. Ijwayele ukuhlasela izitho zomzimba, ibukeka ngokuhlukile ngaphansi kwesibonakhulu futhi iyaye ihambisane kahle nemithi yokwelapha, kusho u-Seegers.“Amazinga okwelapheka kwemidlavuza eminingi yezingane makhulu ka khulu kunemidlavuza ehlasela abantu abadala. Namuhla, emazweni asathuthuka, iningi lemidla vuza yezingane ingalapheka ngempumelelo, futhi epha kathi kwama-50% nama-60% ingalashwa. Emazweni ace bile, izinga lokusinda lingaba phakathi kwama-85% kuya kuma-90%.”Izingane eziningi kudinga zihlonzwe ngesikhathi isifo lesi sisesemazingeni aphansi futhi bathole ukwelashwa okuyikho – ezikhungweni zokwelapha okukhethe kile okunikezwa ngongoti abafanele – uma sifuna ukuthuthukisa izinga loku lapheka.  vNgemininingwane ethe xaxa, thinta inombolo yosizo ye-CHOC ku-0800 333 555. 