INingizimu Afrika yethulela isigqoko izingede

vukuzenzele unnamed

Esikhathini esinga ngeminyaka emitha thu iKhomishana  Yokuphenya ngokuQhwa gwa koMbuso yaqala umsebenzi wayo, sizwile  ngokujula kwezenzo za babhebhezeli benkohlaka lo ukuthi zihambe kanga kanani ukuze bafihle ububi babo.
Kube ngumsebenzi onzima kakhulu ukuqaqa ukuxhu-mana okube nomthelela oholele kwinkohlakalo. Phakathi kwezinye izinto, imixhantela ezinkampanini yasungulelwa ukuhambisa imali futhi ifihle izinkokhelo ezenziwe kubantu abaxhu mene nezepolitiki.
Izindlela ezifanayo zibo nakele kuphenyo oluningi olwenziwa wuPhiko Olukhethekile Oluphenya Izenzo Zobugebengu (i-SIU), Umkha kha Ophenya Amacala  Obugebengu Abekwe Eqhulwini, Umkhakha Wezokuphenya woPhiko Lwezokushushiswa Kuzwelonke kanye nabanye.
Ngesikhathi lolu phenyo luqhubela phambili futhi nonoxhaka uqala ukuvalela abantu abathintekayo, sibo nile ofakazi besongelwa, imindeni yabo isatshiswa, iphoqwa ukuba icashe, futhi ibulawa nokubulawa.
Ukubulawa kuka-Babita  Deokaran, isikhulu esiphe zulu sezezimali eMnya ngweni weZempilo e-Gau teng, kuyisikhumbuzo esikhulu sobungozi obuba ndakanyekayo emzamweni wethu wokubambisana woku susa lesi sihlava emphakathini wethu.Ngesikhathi singakazi kahle hle imbangela yokubulawa kwakhe, wayengufakazi oqavile wophenyo lwe-SIU mayelana nokuthengwa kwezinsiza zokuzivikela kulo mnyango.
UPhiko Lwamaphoyisa  aseNingizimu Afrika (i-SAPS) kanye namaqembu ezo kuvikela azimele abophe  abasolwa abayisikhombisa muva nje kufanele banconywe ngomsebenzi wabo. Idokodo labo seledluliselwe kuPhiko loKlebe, kanti futhi uphenyo luzoveza eminye iminini-ngwane yokuthi kungani uNkk Deokaran abulawa.Ngaphandle kwezimo zale nhlekelele, uNkk Deokaran ubeyiqhawe futhi ethanda izwe lakhe. Njengoba ziziningi izingede, ezizibeka engozini enkulu, ezisiza eku vundululeni izenzo zobubi, ukuphatha budedengu, ubugebengu bokuqashana ngobuhlobo kanye nokweba.
Ngaphandle kokungenelela kwazo ngesibindi kanye  nangezimiso, besingeke si-kwazi ukuveza obala labo abenza inkohlakalo.
Nakuba ukugxila kwethu esikhathini samanje bekusezingedeni emkhakheni kahulumeni, kusafanele sibonge nezingede eziku-mkhakha ozimele izenzo zazo ebezingatholi ukunakwa kangako, kodwa-ke nazo ziba luleke ngokulinganayo.
Izingede zingabalondo lozi ababaluleke kakhulu entandweni yethu yeningi la bantu. Ziqaphelisa ngezenzo kanye nemikhuba enga mukelekile kuhulumeni nasezinhlanganweni.Zikhuluma ngokuzethemba okuhle nangokulindela okufanelekile hhayi kuphela ukuthi kuzothathwa izinya thelo ngalokhu ezikudalulile, kodwa nokuthi zizovikelwa ekuhlukunyezweni noma  ekubandlululweni.
ENingizimu Afrika kunoku vikelwa okubanzi komthetho wezingede, kubandakanya Umthetho Wokuvikela Okudaluliwe, Umthetho Wobudlelwano Emsebe nzini , Umthetho Wezinkampani, Umthetho Wokuvikela Ukuhlukunyezwa, kanye noMthethosisekelo uqobo.
Ukwengeza kulokhu,  uMnyango Wezobulungiswa kanye Nokuhlunyeleliswa Kwezimilo, usebenza namanye ama-ejensi aqinisekisa ukuthotshelwa komthetho, ulawula iHhovisi Lokuvikelwa Kofakazi ngokuhlinzeka ukwesekelwa kofakazi ababu thakathaka kanye nabasa-tshiswayo kunoma yiluphi udaba lomthetho.
Ukuba ngaphansi kohle lo lokuvikelwa kofakazi ukwenza ngokuthanda kwakho, futhi akekho namunye phakathi kwe SAPS noma i-NPA onga phoqa ufakazi ukuthi enze kanjalo.
Uma ngabe ufakazi uthola izinsongo ngempilo yakhe noma ezizwa engaphephile, kumele azise abaphenyi bese efaka isicelo sokwamukelwa kulolu hlelo. Lolu hlelo olu-yimpumelelo ludlale indima emqoka ekushushiseni okuyimpumelelo selokhu lwasungulwa, ikakhulukazi maqondana nobugebengu obuhleliwe.Sekusobala manje ukuthi njengoba impi yokulwisana nenkohlakalo iza ngamandla, kudingeka sibuyekeze ngokuphuthuma indlela yethu yamanje hhayi ukuvikela ofakazi kuphela, kodwa nokuvikelwa okubanzi kwe-zingede.
Ngesikhathi kunezinhlelo eziningi ezikhona ezivu mela izingede ukuthi zibike ngokungadalulwa, sidinga ukuqinisa izinhlelo ezikhona futhi sihlinzeke ukwesekwa okuthe xaxa kulabo abaphumela obala ngolwazi abanalo.
Njengomphakathi, sidinga ukubonisa lapho imithetho kanye nezinqubomgomo ezikhona kunganele ekuvikeleni izindlela zabantu zokuziphilisa, isithunzi kanye nokuphepha kwezingede futhi sisebenzisane ukubhekana nalokhu.
Inhloso yezigebengu ezi bulala izingede akukhona nje ukuthulisa abantu aba thile – kodwa futhi ukuthu mela umyalezo nakwezinye izingede ezifisa ukuhlaba umkhosi. Usuku nosuku, kunabantu baseNingizimu Afrika abanesibindi abafana no-Babita Deokaran abasa mile ekutheni ngeke babe yingxenye yenkohlakalo  futhi bakulungele ukuvuma ukuthi baphumele obala bafakaze ngayo.
Njengabantu baseNingi zimu Afrika simethulela isigqoko nazo zonke izingede emikhakheni kahulumeni nezimele abadalula inko hlakalo elukhuni futhi eyethu sayo. Bakwenza konke lokhu ngaphandle kokulindela ukubongwa noma ukuthola umklomelo. Okubalulekile  nje kubona ngumsebenzi womphakathi osezingeni eliphezulu.
Angeke neze sikwazi uku zidumaza. Kumele, futhi sizoqinisekisa ukuthi lokho ezikudalulile kuholela ekushushisweni futhi senze okuningi ukuqinisekisa ukuthi zivikelekile ekulima leni.
Njengabantu baseNingi zimu Afrika, sifuna uku-thumela umyalezo oqinile wokuthi ngeke neze sisatshiswe. Labo abayimbangela yokubulawa kofakazi kanye nezingede bazobo-shwa futhi babhekane nengalo yomthetho, njenga bo bonke labo abazotholwa benecala lenkohlakalo lezi  zinswelaboya ezizama uku yifihla. 