Siza ekunqandeni ukuzibulala kwabantu

Allison Cooper

Baningi abantu  abashona nge ndlela yokuzi bulala ukwedlula labo ababulawa yi-HIV,  umalaleveva, umdlavuza webele, impi kanye nokubulawa.
Ngokwezibalo zakamuva zeNhlangano Yezempilo Emhlabeni (i-WHO), zi tshengise ukuthi bangaphe zulu kwezi-700 000 abantu abashona ngokuzibulala unyaka nonyaka – lokhu kungukushona koyedwa kwabayi-100 futhi oyedwa ngemizuzwana engama-40.
“Angeke sikwazi – futhi akumele – sikushaye indiva ukuzibulala,” kusho u Dkt Tedros Adhanom Ghe breyesus, onguMqondisiJikelele we-WHO.
“Ukuzibulala koyedwa kulusizi. Ukubhekana  kwethu nokunqanda ukuzi bulala kubaluleke kakhulu manje, emva kwezinyanga eziningi siphila nobhubhane lwegciwane lweSifo se-Corona, oluze nobungozi bokuzibulala – ukulahle kelwa yimisebenzi, ingcindezi yezimali kanye nokuhlala kwabantu ngabodwana –  okusekhona kakhulu  namanje,” kwengeza yena.
Usuku Lomhlaba Lokunqanda UkuzibulalaUsuku Lomhlaba Loku-nqanda Ukuzibulala lwabekwa ngokuse-mthethweni yiNhlangano Yomhlaba Jikelele Yoku-nqanda Ukuzibulala mhla ziyi-10 kuMandulo 2003.
Izinhloso zayo kwakungu kunqanda ukuzibulala kanye nendlela yokuziphatha enga holela ekuzibulaleni, isiza ngokunciphisa umthelela wakho futhi ihlinzeka ngenkundla yezifundiswa, ochwepheshe bezempilo abelapha ngokwengqondo, abasebenzi bezimo ezibucayi, amavolontiya nabasinde ekuzibulaleni.
Ngokusho kweThimba laseNingizimu Afrika Lokukhathazeka kanye Nexhala (i-SADAG), zingama-23 izi gameko zokuzibulala kanti  futhi zingama-230 izigameko ezinzima zokuzama ukuzi bulala eziqoshwa nsuku zonke eNingizimu Afrika.
“Ukuzibulala kusalokhu kuyisihloko esingumhlola ongamukelekile emphakathini wakithi – akekho namunye ofuna ukukhuluma ngakho; akekho owaziyo ukuthi kukhulunywa kanjani ngakho futhi abazali abafuni ukukhuluma ngakho kubantwana babo besabela ukuthi kungahle ‘kutshale umqondo othile wokuzibulala’. Noma kunjalo, kuseyinkinga yangempela, futhi lokhu kubonakala ngezingcingo ezandayo zansuku zonke esizitholayo,” kusho u-Cassey Chambers, onguMqondisi Wokusebenza kwe-SADAG.
“Uma bebaningi abantu abazi kahle ngokuzibulala futhi bazi ukuthi umtholela kanjani usizo umuntu onale nkinga ngaphambi kokuthi konakale izinto, singakwazi ukwehlisa izinga lokuzi bulala,” kusho yena.
Izinkomba ezingabakhona zokuxwayisa ngokuzibulala zibandakanya:lUkukhuluma ngokuthi umuntu aqede ngempilo yakhe, ukufa noma uku zibulala.
l Ukuba nesifiso esinamandla sokufa noma ukuzindla ngokufa.
l Ukuphisana ngezinto eziyigugu kuwe.
lIzinkomba zokukhatha zeka, njengokuba nemizwa eguquguquka ngezikhathi, ukulahlekelwa yithemba, ukuzihoxisa ezintweni ezi ningi, ukwehla kwezinga lokudla kanye noku ngalali, futhi ulahlekelwa intshisekelo yemisebenzi ejwayelekile.
l Ukwenyusa izinga loku phuza utshwala noma ukusetshenziswa kwezidakamizwa.
l Ukusikisela ngokungabi bikho esikhathini esizayo noma ukuvalelisa.
l Ukushintsha ngokushesha kwendlela yokuziphatha.
l Ukwenza izinhlelo  zokunakekela izinto ezingaphelanga.  vUma wena noma wazi umuntu odinga usizo, shayela inombolo yezimo ezi-bucayi zokuzibulala ye-SADAG esebenza ubusuku nemini ethi:  0800 567 567.