Sakha umphakathi ongenakho ukuQhwagwa koMbuso

vukuzenzele unnamed

Ukulalelwa oku hleliwe kweKho mishana Ye zomthetho Ephenya  ngokuQhwagwa koMbuso kusanda kuphela, ngemuva kwezinsuku eziyi-1000 zokulalelwa kobufakazi bukafakazi wokuqala.
Ngesikhathi usihlalo wekhomishana, Iphini LeNhloko yamaJaji  u-Raymond Zondo uthe kungaba nesidingo sabanye ofakazi abambalwa ukuze befakaze, umsebenzi wekhomishana awusasalelwe nsuku zingaki manje ukuthi uphothulwe.
Lokhu kuyingqophamlando ebeka obala izigigaba ezacekela phansi umbuso emlandweni wentando yethu yeningi labantu.
Ngaphambi kokuthi iJaji uZondo lethule lokho elikutholile kanye nezincomo kuMongameli, sonke singa vuma ukuthi umsebenzi wekhomishana ube wusizo olukhulu kakhulu.
Esikhathini esingange minyaka emithathu, sibu zwile ubufakazi obuchaza ngezinsolo zenkohlakalo  ezenziwe nezisezingeni eliphezulu kakhulu. Si-zwile ngezenzo eziholele ekuntshontshweni kwezigidigidi zamarandi zemali kahulumeni. Sizwile ukuthi zingakanani izikhungo zikahulumeni kanye nezi-nkampani ezenganyelwe ngumbuso ezicekelwe phansi ngamabomu.
Lolu hlobo lokuvezwa obala, ubukhulu nokujula kokuqhwagwa kombuso akwenzekanga nje esithe, kepha kwasakazwa ezweni lonke jikelele. Ngoku -vumela bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi balandele inqubo yekho mishana, kusizile ukufaka ukuzethemba komphakathi entandweni yethu yeningi labantu ngendlela ekhuthaza ukuvuleleka kanye nokwenza izinto ngendlela esobala.
Leli lizwe kufanele libonge kubo bonke labo abebeyingxenye yomse benzi wekhomishana; uku suka kulabo ababephenya, abenza ucwaningo kanye nabahlanganisa imiqingo yemi niningwane; kofakazi abaningi abafakazile futhi bahlinzeka ngobufakazi; kwizintatheli ezisebenze ngokuzikhandla ukusibikela ngokwenzakalayo; abameli abasize ngokwethula ubufakazi.
Kufanele futhi sibonge kubantu ngabanye ngobu ningi babo, abanye abangadalulwanga, izenzo zabo ezaholela ekusungulweni kwekhomishana kwasekuqaleni. Laba ngabantu abavundulula lezi zinsolo zobugebengu, bamelana nazo, abaphumela obala bakhuluma futhi benza imikhankaso – phambi komphakathi kanye nasesithe – ukuze kuzoqedwa nya ukuqhwagwa kombuso.
Kuyabongeka kakhulu ukuthi kungenxa yabo sesikhuluma ngokuqhwagwa kombuso njengosekwedlule.
Ukuqhwagwa kombuso  akuziphelelanga nje  ngokwakho. Kuqedwe yizenzo zokusebenzisana zabantu baseNingizimu Afrika kuyo yonke imikhakha yempilo, abasebenza ezindaweni ezahlukahlukene ukubuyisa amagugu entando yethu yeningi labantu yomthe thosisekelo. Futhi kukithi sonke ukuqinisekisa ukuthi le mikhuba ayiphindi yenzeke futhi.
Eminyakeni emithathu eyedlule, siye sathatha izinyathelo eziningana ezibalulekile ukulwisana nenkohlakalo kanye nokuqhwagwa kombuso.
Besilokhu siqinisa ukwakha kabusha izinhlangano ezifana neNhlangano Yabezokushushiswa Kuzwelonke (i-NPA), uPhiko Lwamaphoyisa ase Ningizimu Afrika (i-SAPS), uMnyango Wokuqoqwa kweNtela eNingizimu Afrika (i-SARS) kanye nezinye. Kudingeke ukuthi sihlele izinhlaka ezintsha, njengeHhovisi Lokuphenya le-NPA ukushushisa inkohlakalo esezingeni eliphezulu kanye neSikhungo Esikhethekile Sokuphenya se-SIU ukubuyisa imali kahulumeni entsho ntshiwe. Sithuthukise umtha mo wethu wamandla okulwisana nobugebengu ngokusungula inhlangano ebizwa nge-Fusion Centre, ehlanganisa ndawonye ama-ejensi ahlukahlukene okuqinisekisa ukuthotshelwa komthetho ukuze abelane ngolwazi futhi basebenzi sane ekuphenyweni kanye nasekushushisweni kwama cala obugebengu.
Sishintshe ubuholi  kumabhizinisi amaningi ahlukahlukene aphethwe uhulumeni, futhi sesiqale inqubo yokuwabuyisela esimweni sezimali nokuse benza kahle. Sisebenza siya endleleni entsha yama-SOE egqugquzela ukusebenzela obala ngempumelelo, ukuphendula kanye nokusimama.
Omningi walo msebenzi uyaqhubeka nokwenzeka. Kusenezindawo lapho inqubekela-phambili ibihamba ngonyawo lonwabu kakhulu uma kuqhatha niswa nalokho obekulindele kile, futhi lezo zindawo manje sezithola ukunakwa.
Imiphumela ethola kele kanye nezincomo ze khomishana zizoqinisa  ngokungangabazisi le mizamo. Sibheke ukuthi ikhomishana ikhombe ubu thakathaka bohlelo-kuse benza okuyikho okuholele ekuqhwagweni kombuso.
Lokhu kuzosinika amandla okuthi sithathe ezinye izinyathelo zokulungisa ukuthi lokhu kungenzeki esikhathini esizayo.
Ngesikhathi singasho  ukuthi isikhathi soku  qhwagwa kombuso sesiphelile, kodwa asikayinqobi inkohlakalo. Ukukhwabanisa kanye nenkohlakalo kusalokhu kusabalele futhi kugxile kakhulu kuyo yomibili  imikhakha okahulumeni kanye nozimele.
Yize noma kungeke kube sezingeni lokuqhwagwa kombuso, lezi zenzo zobugebengu zithunaza izwe lethu kakhulu, zenze buthaka  izikhungo zethu futhi zi ncisha abantu baseNingizimu Afrika izidingo-ngqangi eziningi.
Inkohlakalo ingukuziphatha okubi ngokwedlulele, kepha kungukonakala okukhulu uma yenziwa kubantu ngesikhathi sosizi. Lapha sikhuluma ngezenzo ze-nkohlakalo ezinyanyekayo ezenzeka ngonyaka owe dlule zokuthengwa kwe zimpahla nezinsizakalo ezidingekayo empini yethu yokulwisana nobhubhane lwe-COVID-19.
Sisebenze ngokushesha ukunqanda lezi zenzo ezifana nenkohlakalo, ukukhomba labo abahlangene nayo  kanye nokubathathela izi-nyathelo ezifanele. Lokhu kungubufakazi bokuzini kela kwethu ekukhucululeni inkohlakalo.
Siqinise imithethonqubo kaMgcinimafa, sakha isikhungo i-fusion centre futhi sanikeza uPhiko Olukhe-thekile Lwezokuphenya igunya elibanzi lokuphenya zonke izinsolo zenkohlakalo ezihlobene ne-COVID-19.
Okokuqala ezweni, sishicilele ku-inthanethi imininingwane yazo zonke izivumelwano zokuthengwa kwezinsiza ze-COVID-19 kuzo zonke izinhlaka zikahulumeni.
Umonakalo owenzekile ezweni lakithi ngokuqhwagwa kombuso ujulile. Umthelela wawo uzobo nakala kakhulu eminyakeni eminingi ezayo. Kodwa, ngokusebenza ngokuba mbisana, sesiqalile ukwenza izinto ngendlela eyiyo. Sesiqa lile ukwakha kabusha kanye nokubuyisela esimeni.
Singalindela ukuthi imiphu mela yeKhomishana kaZondo izoqinisa le mizamo ngo kungelinganiswe nalutho. Izosinikeza ithuba loku-thatha isinqumo sokuqeda nya ukuqhwagwa kombuso.
Umsebenzi omkhulu usasele, futhi kusamele kubhekwane nezinselele eziningi. Kodwa sisendleleni yokwakha umphakathi okhululekile ekuqhwagweni kombuso kanye nenkohlakalo.  