Siza abafundi  ukuthi babhekane neCOVID-19

More Matshediso

ABAZALI NOTHISHA bangabasiza abafundi ukuthi babhekane nexhala nokukhathazeka ababhekane nakho ngenxa yobhubhane lweSifo segciwane leCorona.
 Abafundi balokhu bebhekene ne zinselele eziningi ngenxa yeSifo segciwane le-Corona  ( i COVID-19)  kanye nemikhawulo yoku valwa kwezwe.
Selokhu kukhona uguquko olwenzeka njalo endimeni yezokufunda ezikoleni zase Ningizimu Afrika, lokho okungashiya abafundi bezizwa benexhala kanye nokwesaba.
Abafundi kufanele ukuthi babhekane nomhlaba o m u s h a  w o k u f u n d a nge-inthanethi noma uku bambezeleka ekufundeni, ukuzihlukanisa kwabanye abantu, ukulahlekelwa, usizi nokuhlukumezeka, konke okungadala ixhala nokukhathazeka okukhulu.
Umeluleki ngokwengqondo uBoitumelo Tlhapane, osebenzela uPhiko Lwezemfundo Ebandakanyayo i-I nclusive Education Unit kuMnyango Wezemfundo eFreyistata, uthi ukuzizwa unexhala noma ukhathazekile ngalezi zikha thi ezinzima kuyaqondakala.
“Isikhathi esingangonyaka nesigamu manje, abafundi kumele bajwayele indlela entsha yokufunda, enesikhathi esincane bebhekene nothisha ubuso nobuso.
“Abaningi kuphoqeleke ukuthi bazifundele bodwa, ngesikhathi bephila ngokungenasiqiniseko ngekusasa labo kanye nomthelela we-COVID-19  emathembeni nasemaphusheni abo, impilo yomndeni kanye neyompha kathi,” kusho uTlhapane.
Ubhekana Kanjani Nalesi Simo  Uchaze wathi ixhala ngukwe saba noma ukukhathazeka ngento okungaziwa umphu mela wayo. Ukusiza abafundi ukuthi babhekane nalesi simo, unikeze iseluleko esilande layo: • Kuqonde ukuthi kujwayelekile ukuzizwa unexhala noma wesaba.
Lokhu kakusho ukuthi untekenteke. Ukungalungi kwesimo kulungile.
•Ukuthi wenzani ngo kwesaba kwakho yikho okubalulekile. Ingabe uyayithobela imithetho ye-COVID-19  ebekiwe uku vikela wena nabanye? Yini enye ongayenza ukuqini sekisa ukuphepha kwakho nokwabanye? •Ingabe unalo ulwazi oluthembekile ngeCOVID-19  uma kungenzeka wena noma othandiweyo wakho esuleleka? • Ingabe othisha bayakweseka, umndeni kanye nabangani bayakusiza na uma uzizwa ungaqinisekanga noma unokhwantalala noma unexhala? Lokhu kubalu leke kakhulu.
O t h i s h a  b a n g e s e k a futhi bafundise bengekho phambi kwabafundi ngo kusebenzisa i-inthanethi nokusungula amaqembu okufunda; ngokuzikhumbuza ukugqugquzela abafundi ukuthi bafunde besekhaya; nokubagqugquzela ukuthi bakhulume ngokwesaba kwabo mayelana nokufunda.
“Lokhu kubalulekile, ikakhulukazi ezifundweni ezinzima kubona,” enezela.
Umndeni nabangani bange seka abafundi ngokuzwelana nabo, ngokubagqugquzela nokubaqinisekisa njalo-nje, kusho uTlhapane.
“Abafundi badinga ukuhlale bekhunjuzwa njalo-nje ukuthi imizamo yabo nokuzinikela kwabo kuyabonakala futhi kuyabongeka, lokho kuzokhuphula ukuzithemba kwabo.”Ulinciphisa Kanjani IxhalaUTlhapane uthi kunezindlela ezehlukene abazali nabafundi abanganciphisa ngazo ixhala.
Lezi zindlela zibandakanya:
• Qinisekisa ukuthi kunenqubo eqondile yokufunda, ukulala kanye nokuchitha isikhathi nabanye abantu.
Lokhu kuzosiza abafundi bafeze amaphupho abo kanye nokugcina izikhathi zomnqamulajuqu, futhi kuzobasiza ukuzizwa bekwazi ukuzilawulela izi fundo zabo.
• Abafundi kumele basebe nzise zonke izinsizakufunda ezihlinzekwe esikoleni nasezinhlelweni zemfundo, ezihambisana nohlelo lokufunda, ezisakazwa kumabonakude nasemsakazweni.
• Abazali bangasiza ngokuqi nisekisa ukuthi abafundi abalaleli ngokweqile izindaba zeCOVID-19 , ikakhulukazi mayelana nokufa kanye nemibono yetulo, njengoba lokhu k u n g a b h e b h e t h e k i s a ukwesaba kwabo futhi kuholele ezimeni ezinzima ngokwengqondo.
• Abafundi kumele behlise isikhathi abasichitha ezinkundleni zokuxhumana, njengoba lokhu kuchitha isikhathi sokufunda futhi kuyisiphazamiso esikhulu.
• Umndeni ungazijwayeza indlela yabo yokuphila ngokwengeza imisebenzi yokuzinakekela, efana nokuvocavoca umzimba nokudlala.
“Uma umfundi elahle kelwe umuntu amthandayo, b a n g a b a  n e z i m p a w u zokubhekana nosizi ezifanayo nalezo zokukhathazeka noma ixhala.
“Kubalulekile ukuthi isi kole nabazali bathumele laba bafundi ukuthi bathole usizo ngokwengqondo, oluhlinzekwa nguMnyango Wezemfundo Eyisisekelo, noma baxhumane nezinsiza zamahhala noma imitho lampilo yendawo ukuze bezodluliselwa phambili,” kusho uTlhapane.
Izimpawu Zosizi Abazali kumele baqa phele futhi bagade izimpawu ezahlukene ezingabonisa ukuthi ingane yabo ibhekene nosizi. Lezi zimpawu zibandakanya:
• Umntwana uyazihlangula futhi abe inkomo edla yodwa.
• Izindlela zokudla nokulala ezingajwayelekile.
• Ukushesha uzwele kakhulu, okufana nokuhlale ukhala, ukucasuka noma ukuthu kuthela masinyane.
• Ukuhluleka ukugxila kulokho okwenzayo.
• Ukungaqedi imisebenzi nomsebenzi wesikole wasekhaya.
• Izinkinga ngendlela yoku ziphatha, ezifana nokuba nolaka.
• Ukubeka izaba zokungayi esikoleni.
• Ukuhlale njalo usefonini noma ezinkundleni zokuxhumana.
• Ukuhluleka ukuqeda eminye imisebenzi yansuku zonke.
Ukuthola usizo, abazali nabafundi bangavakashela amahhovisi eze mfundo esifunda.
Bangaphinde baxhu mane neNhlangano yaseNingizimu Afrika Ebhekele Ukukhatha zeka Nexhala iSouth African Depression and Anxiety Group,  ku-0800 567 567 noma bathu mele i-SMS ku-31393 umeluleki uzobafonela.