Ubumbano lwemiphakathi lubalulekile empumelelweni yeNingizimu Afrika

vukuzenzele unnamed

Ngesikhathi udlame kanye nokubhu bhisa obekugu buzele izingxenye za KwaZulu-Natali nase-Gau teng kamuva nje kuda la umonakalo omkhulu ezakhiweni nasendlele ni yabantu yokuziphili sa, kuphinde futhi kwa ba nomthelela omkhulu  ekubumbaneni kwemi phakathi yakithi.
L o k h u  k u b o n a k a l e  ngokusobala ezigamekweni ezibuhlungu ezenzeke endaweni yase-Phoenix namaphethelo eThekwini.
 Ngesikhathi sothuthuva olwedlula lonke ngesikha thi sentando yethu yabantu, esikhathini esivele sigcwele ukusolana nokuphambana, abantu abebephilisana  ngokuthula bavukelana bodwa.
Kusekuningi kakhulu okusamele sikuvumbu lule ngalezi zigameko ezenzekile. Ukubhebhethekiswa kwezindaba ezingamampunge, imifanekiso eyenziwe kanye nolwazi olungesilona iqiniso kwenze kwaba nzima ukuhlukanisa okuliqiniso nokuqanjiwe.
 Kodwa-ke siyazi ngokwe mibiko esemthethweni kanye nalokho esizibonele kona mathupha ukuthi abantu bebehlukaniswa ngokobuhlanga kwizi vimbamgwaqo ezingekho emthethweni, abanye abantu babedonswa bekhishwa ezi motweni beshaywa, futhi abanye balulazeka behliswa nesithunzi. Abantu abaningi babulawa.
Okuningi kwalokhu okwenzekile kungumphumela ongenakugwemeka uma abantu bezithathela umthetho ngezandla zabo. Ukuzitha thela umthetho ngezandla ngeke kubekezelelwe kuleli lizwe. Kungubugebengu futhi kuyingozi.
 N j e n g o b a  m a n j e  e z i ndaweni ezithintekayo amaphaphu esehlile, abomthetho baphenya zonke izenzo zobugebengu.
Ithimba labaphenyi selijutshwe ukubhekana namacala okubulala futhi asebenza ngokubambisana nemipha kathi yasendaweni. Kukhona asebeboshiwe futhi labo aba thintekayo bazobhekana ngqo nengalo yomthetho.
 O k u n i n g i  o k u s h i w o y o  ngalezi zigameko e-Phoenix zibuswa imizamo yokuvu kelana kwezinhlanga. Ziqalwe ngabantu abangaziwa ezinkundleni zokuxhumana nasekuthumeleni imiyalezo kumaqembu ehlukene benza izinsongo futhi befuna noku ziphindiselela.
Kunomzamo wokufuna ukubeka lokhu kubukeke engathi kufaka ubudlelwane bobuhlanga phakathi kwemiphakathi yabantu abaMnyama kanye namaNdiya.
 Njengoba nje kunabantu abazama ukuxhaphaza ubuthakathaka babantu futhi badale isiphithiphithi, kunalabo abafuna ukuca shisa izenzo zobugebengu ngobuhlanga ukufeza izinhloso zabo.
 Angeke baphumelele. INingizimu Afrika inomlando ozigqajayo onemigomo  engacwasi ngokobuhlanga kanye nobumbano lwabase benzi. Imiphakathi yabantu abaMnyama namaNdiya yayimunye emzabalazweni olwa nobandlululo, futhi ngokubambisana neminye imiphakathi, yaqhubeka nokuzinikela ekubeni nomphakathi obumbene nonentando yabantu.
Ekubhekaneni nokwesaba nokungethembani, abantu base-Phoenix nezindawo eziseduze zaseBhambayi, eZwelisha naseMawoti  basebenza ukulungisa umo nakalo.
Ngokusizwa inhlangano yezokugcina ukuthula eyasungulwa uPhiko Lwa maphoyisa eNingizimu Afrika ngokusebenzisana nabaholi basemphakathini, imiphakathi ihlangene  ukweseka labo abakhahlanyezwe uthuthuva kanye nokuvula imigudu yokuxoxi sana ngalokhu.
Lena akuyona kuphela ingxenye yezwe ebhekene nezinselele ezifana nalezi.
 Imizamo yethu yokwakha imiphakathi ehlangene ithunazwa ifa lohlelo lobandlu lulo kanye nokungalingani okulokhu kuqhubeka.
Amadolobhakazi ethu, amadolobha nezindawo zasemakhaya zisahlukaniswe ngokobuhlanga nangokwe zinga lempilo. Lokhu kuqeda amandla okusebenzisana kanye nokuqondisisa, futhi kuphazamisa umsebenzi esesiwuqalile wokwakha umphakathi ongacwasani ngokobuhlanga.
Ukulungisa lezi zindawo ezimapeketwane kumele kube yingxenye yomsebenzi wethu wokwakha umnotho obandakanya wonke umuntu kanye nokuthuthukisa isimo senhlalo sabo bonke abantu baseNingizimu Afrika.
Y i n g a k h o  s i s e b e n z a ukwakha iminotho echumayo yasemalokishini nasezinda weni zasemakhaya, nokugxila ekukhuleni kwamabhizinisi amancane. Yingakho sitshala izimali kwingqalasizinda kulezi zindawo futhi sisebenza ukuthuthukisa ukuhlinzekwa kwezidingo-ngqangi.
Ngasikhathi sinye, sidinga ukubhekana ngqo nokucwasana ngokobuhlanga emphakathini wethu. Sidinga nezingxoxo eziyiqiniso hhayi nje ngokuziphatha kwethu komunye nomunye, kodwa futhi ngezimo zezinto  ezisihlukanisayo.
Uma nje ukwahlukana ngokwengcebo kanye  namathuba eNingizimu Afrika kusabhekwa ngoko buhlanga kanye nobulili, angeke sikwazi ukwakha isizwe esibumbene ngokweqiniso.
Izigameko zase-Phoe nix ziyisikhumbuzo esi -buhlungu kakhul u sokuthi mkhulu kangakanani umse benzi okusamele siwenze ukwakha imiphakathi ebumbene esilwe nge mpumelelo ukudiliza  i m i n g c e l e  y e s i k h a t h i  esedlule.
Lezi zigameko futhi zibonisa ukuthi abanye abantu bazimisele kanjani ukudala uqhekeko phakathi kwethu, nokuthi sikudinga kanjani ukwenza konke okuse mandleni ethu ukunga bavumeli.
Kungumsebenzi wethu ngokubambisana ukweseka le miphakathi eseThekwini futhi nanoma iyiphi indawo ohambeni lwayo oluya eku buyisaneni nasekupholeni.
 Intando yethu yabantu yakhiwa ngabadali bokuthula nabalamuli. Abanqobi benkululeko yethu kwa kungamadoda nabesifazane abaMnyama, amaNdiya, amaKhaladi kanye nabamhlophe ababenesibindi abakhetha indlela yoku buyisana kunokubuyisela, noxolo kunempi.
 N j e n g o b a  s i l w e l a ukuphola kulokhu kuhluku mezeka kwezwelonke, masisu k u m e  s i b e  m u n y e .  Masinqobe lokhu kwahlu kana kwethu ngokuphokophelela ekwenzeni okuhle okufanayo.
Masisebenze ngoku b a m b i s a n a  u k w a k h a ikusasa elifanayo lapho wonke umuntu enesabelo esilinganayo.