I-SANDF ilwisana neCOVID-19

More Matshediso

 UMbutho We zokuvikela Ku zwelonke wase Ningizimu Afrika  (i-SANDF) usiza empini yokulwisana nobhubhane lweSifo segciwane le-Corona (i-COVID-19) e-Gau-teng, okuyilapho njenga manje lidlange khona ihlandla lesithathu laleli gciwane.
I-SANDF isiza ngokuhlola umphakathi, ukuxilonga kanye nokulandela umkhondo walabo okungenzeka ukuthi basulele kile, futhi iyasiza nasezibhedlela.
UMbutho Wezempilo  Wamasosha aseNingizimu Afrika wathunyelwa esifu ndazweni ukuze wenze lula umthwalo osemahlombe aba sebenzi bezempilo.
Ithimba Lomsebenzi Wezo kwelashwa libekwe esi  bhedlela i-Chris Hani Bara-gwanath Academic Hospital eGoli.
Njengoba i-Gauteng iqopha inani eliphezulu lezigameko zokwesuleleka nge-COVID-19 ngalesi sikhathi sehlandla lesithathu, lesi sibhedlela si qanjwe njengesikhungo seze mpilo sesifundazwe futhi manje sesibhekele ukusiza iziguli  ezihaqwe yi-COVID-19.
Ngaphambi kokuqala imise benzi yabo, Ithimba Lomsebenzi Wezokwelashwa ligonyiwe ukuze lizovikeleka ngesikhathi lisebenza ngokwenyuka kwe zinga lezigameko zokwe suleleka nge-COVID-19 kanye nokulaliswa kweziguli esibhedlela.
Induna Ephethe Ithimba Lomsebenzi Wezokwelashwa uFezeka Mabona, ongumhle ngikazi oneziqu, uthi usebenza kanye namanye amalungu ethimba.
 “Leli thimba liyinhlanga nisela yabasebenzi bezempilo abahlukahlukene, ababandakanya abahlengikazi, odokotela, abasebenzi basemithola mpilo kanye nabasebenzi  abangochwepheshe kweze mpilo nokuphepha emsebenzini,” kusho yena.Iningi labahlengikazi lineziqu ezisezingeni lobuhlengikazi, ezigxile emikhakheni yezobuchwepheshe obehlukene, obubandakanya ukunakekelwa kwezempilo okuyisisekelo.
 “Abanye abahlengikazi baqeqeshelwe izindawo zoku hlinzwa ngenhloso yokwe lashwa kwezempilo. Sonke sisebenze njengabahlengi kazi abajwayelekile, aba belethisi, abaqeqeshi babahle ngikazi kanye nabaphathi be zindawo zombili yezamasosha kanye neyohlelo lwezempilo yomphakathi,” kusho yena.
Ithimba lihlukaniswe ngokwamaqembu omsebenzi futhi lisebenza ngokushintshana nabasebenzi basesibhedlela, kuya ngokuhambisana nesidingo kuleso sikhungo. Leli qembu okwamanje lihlinzeka ngomsebenzi wokunakekela emagunjini eziguli ayisithupha.
 “Abasebenzi basesibhedlela bancane kakhulu ukuthi  bangakwazi ukubhekana  nenani lezigameko njenga manje. Kubaluleke kakhulu  kithina ukuthi sizame ngoku semandleni ukubasiza ukuze  sonke sigweme ingci ndezi eyengeziwe ohlelweni lokunakekelwa kwezempilo,” kusho uMabona. Wengeza ngokuthi umoya wokubambisana phakathi kwabahlengikazi be-SANDF kanye nalabo bohlelo lokunakekelwa kweze mpilo yomphakathi ube muhle kakhulu kuze kube manje.
Ngenxa yokunyuka kwezi gameko ze-COVID-19, lesi sibhedlela kulinde leke ukuthi sithole imibhede eyengeziwe, ukuze senyuse inani laso lomthamo wemibhede elingama-96 yokulalisa iziguli eziningi. 
