Ukwesekwa kwamabhizinisi  kanye nabasebenzi

vukuzenzele unnamed

Ukuqala kanye no kwakha ibhizi nisi kufana nokukhu lisa umndeni. Kuthatha isikhathi, isineke, ukwese kwa okungaguquguquki kanye nokunakekelwa ku sukela ebuntwaneni kuya ebudaleni.
Kubanikazi abaningi bama bhizinisi, ukubona ibhizinisi olikhulisile kusuka ekuqaleni lithwele kanzima ekutheni liphokophele phambili, noma ukuphoqeleka ukuthi livalwe, kuzwisa ubuhlungu obukhulu.
 Kusuka kubheduka ubhu bhane lwe-COVID-19, lobu buhlungu bube yisimo esi bhekane namabhizinisi amaningi amakhulu kanye namancane, hhayi ezweni  lakithi kuphela nje kodwa umhlaba wonke jikelele.
 Ubhubhane kanye nezinyathelo obekufanele sizithathe ukunqanda ukubhebhetheka kwegciwane le-corona zibe nomthelela omubi emabhizinisini.
 Ekubhekaneni nalolu bhubhane siye sadinga uku sebenzisa indlela enobufa kazi benqubomgomo kanye  nokwenza, ngokubheka ucwaningo lwezesayensi, ubu ngcweti kanye namandla ezokwelapha, kanye nomthelela kuyo yonke imikhakha yomphakathi.
Kudingeke ukuthi silinga nise phakathi kokusindiswa kwezimpilo kanye nokulondwa kwendlela yabantu yokuziphilisa.
Siye sadinga ukunciphisa umthelela wemikhawulo endleleni yabantu yokuziphilisa ekuvalweni kwezwe okulandelanayo, noma sibeke ingcuphe enga bakhona yehlandla lesibili kanye nobhubhane lobubha kanye nendlala esikhathini esizayo.
Ezinsukwini zokuqala ngonyaka owedlule, sethula izinyathelo zokungenelela ezifana noHlelo Lwe-COVID-19 Lwesikhashana Lokusiza Abaqashi kanye naBasebenzi (i-TERS), Isikhwama se-COVID-19 Semali-mboleko kanye ne zinye izindlela zokweseka  amabhizinisi amancane ngosizo lwamanje futhi lwesikha shana kubasebenzi kanye nabanikazi bamabhizinisi.
Ukwengeza kulokhu,  Isibonelelo Esikhethekile Sosizo Lwezenhlalo se-COVID-19 kanye nokwandisa ukufinyelela kwizibonelelo zikahulumeni ezikhona kuhlinzeke izindlela zokuziphilisa zabantu kanye nemindeni entulayo.
Ngalezi zingenelelo sikwa zile ukunciphisa umthelela omubi kakhulu walolu bhubhane, ukunqanda ukuvalwa kwamabhizinisi amaningi kanye nokulahleka kweminye imise benzi. Zihlinzeke ngesisekelo esiqinile oHlelweni Lokwakha Kabusha kanye Nokuvuselelwa Komnotho esalwethula ngo kusemthethweni ngoMfumfu wangonyaka owedlule.
Njengengxenye yalolu hlelo, sethula Uhlelo lukaMongameli Lokusungula Imisebenzi ukuze kuhlinzekwe ngemalingeniso nokweseka indlela yokuziphilisa yezigidi zabantu abafanelekile.
Ngalolu hlelo, bangaphezu kwezi-300 000 abantu abasha abaqashwe njengabasizi eziko leni. Bangaphezu kwezi-100 000 abalimi abaziphilisa ngokulima ababhalisiwe okokuqala ngqa ohlelweni lokugcinwa kwemininingwane ngezobuchwepheshe lapho bekwazi ukufinyelela ekwese kweni ngezobuchwepheshe.
Bangaphezu kwezi-30 000 abantu abasha abanikwe amathuba emkhakheni weza-masiko, amakhono kanye nezemidlalo. Ochwepheshe abasebasha banikwe amathuba okuthuthukisa  ingqalasizinda, ezempilo, ukulo ndolozwa kwemvelo kanye nakweminye imikhakha eminingi.
 Zikhona izinkomba ezinika ithemba lokuthi umnotho wethu uyasimama kancane, ngokukhula kanye nokwa khiwa kwamathuba omsebenzi emikhakheni eminingi, ukusuka ekukhiqizeni kuya kwezezima yini kuya nakwezolimo.
 Ngaleso sikhathi siyazi ukuthi ‘lesi sinyathelo esikhulu’ siyinduduzo engaphelele kubasebenzi nakosomabhi zinisi abahlupheke kanzima ngokungelinganiswe kulo nyaka nesigamu owedlule,  futhi bebenethemba lokubona isimo sabo sibangcono njengoba umnotho uvuleka kancane.
Ukunyuka ngesivinini ko kwesuleleka okubhebhethe kiswa ngumxhantela omusha wegciwane i-Delta kwenze kwaba nesidingo sokubekwa kwemikhawulo eqinile eku hambeni kwabantu, ekuse benzeni kwamabhizinisi athize nasemibuthanweni yomphakathi, phakathi kokunye.Lezi azange kwaba yizinqumo ezilula ukuzithatha, uma ubheka umthelela wazo ezimpilweni zabantu.
 Njengoba senza ngesikhathi kuqala lolu bhubhane, sihlanganyele ezingxoxweni nabo bonke ababambiqhaza bomphakathi, amabhizinisi, ezabasebenzi kanye nomphakathi ukubona ukuthi yiziphi izinyathelo ezingasimamisa ezezimali esingazethula ukweseka ama bhizinisi nabantu ababhekene nosizi ngalesi sikhathi.
Izingxoxo noMkhandlu Kazwelonke Wokuthuthukiswa Komnotho kanye Nezabasebenzi ziholele esivumelwaneni sokuthi isinyathelo esisebenza kakhulu futhi esisimeme ngokwezezimali  esinganikeza usizo olu phuthumayo ukwelula uhlelo lwe-COVID-19 TERS emikhakheni ethinteke kakhulu ngenxa yemikhawulo yesigaba sesine esiguquliwe.
Ukwesekela amabhizinisi amalayisense kanye nezi-mvume zawo zokusebenza ebeziphelelwa yisikhathi so kusebenza phakathi kuka Ndasa kowezi-2020 kanye noNhlangulana kowezi-2021, selula isikhathi sawo kuze kube mhla zingama-31 kuZibandlela 2022. Ukwengeza kulokhu, amalayisense noma izimvume zamabhizinisi ezintsha zoku-sebenza ezikhishwe mhla  lu-1 kuNtulikazi nazo zizo-sebenza kuze kube mhla zingama-31 kuZibandlela  2022, futhi ayikho imali oku zomele uyikhokhele le layisense.
Ngonyaka owedlule,  besilokhu sisebenza ngoku ngaguquguquki ukuvikela abasebenzi ababuthakathaka abanemisebenzi esengcu pheni, ikakhulukazi emikha kheni eshayeke kanzima efana neyezokuthengisa, imboni yokudla neziphuzo kanye  nensimbi. Ngokusebenzisa  izinqubo ezilawu lwa yiKhomishana  Yezokubuyisana, Yezokulamula kanye noKwahlulela,  imisebenzi elinganiselwa kwizi58 000 ilondoloziwe.
 Njengoba lolu bhubhane lungakhombisi zimpawu zokuphela maduzane, amabhi zinisi nabasebenzi basalokhu besengozini.
Sibonga ukuhlangana  komphakathi okwenze sa kwazi ukuqhubeka nokwakha ukuthi uhulumeni, osoma bhizinisi kanye nabasebenzi bakwazi ukusebenzisana ukuze baqinise  abasebenzi nama bhizinisi kwimithelela ebuhlungu yezomnotho yalolu bhubhane.
Okwamanje, okuseqhu lwini kithina wukusindisa izimpilo, nokuqinisekisa ukuthi sihlinzeka ngo-kweseka okudingekayo, ngokusemandleni ethu, ukugwema ukuthi amabhi zinisiamaningi avalwe  nokulahleka kwemisebenzi eminingi.
Njengoba senzile ngohlelo lwe-COVID-19 TERS, uhulu meni uzinikele ngokuphelele ekuqhubekeni nokuxoxi sana nabamabhizinisi  nabasebenzi ukuthola  indlela kulezi zikhathi ezinzima esindisa  izimpilo futhi ivikele  izindlela zabantu zokuziphilisa.