Gwema ukwebiwa kukamazisi 

Kgaogelo Letsebe

U-Shenki Mabitse la (28) uyazi ka mhlophe ngokwe biwa kukamazisi kanye nobugebengu obuhlobene nakho, njengoba eseke waba yisisulu salesi senzo sobugebengu.
UMabitsela, odabuka endaweni yase-Modimolle e-Limpopo, wafaka isicelo semali-mboleko ebhange ngoLwezi kowezi-2020, kodwa watshelwa ukuthi ungene shi ezikweletini ngokwedlulele futhi aka fanelekile yimali-mboleko. “Ngangiyofuna imali-mboleko yesikhashana njengoba ngangifuna ukuhlanganisa impilo emva kokudilizwa emsebenzini ngoNhlangulana wangowezi-2020. Okwethusa kakhulu, ukuthi ngatshelwa ukuthi angifanelekile. “Ekuqaleni ngangicabanga ukuthi kungenxa yemali-ngeniso yami eyayingenazinzo, kodwa kwakungenja lo. Engangikwazi nje ukuthi nganginesikweletu esisodwa sezingubo zokugqoka futhi asikho esinye isikweletu esa sikhona, ngakho-ke ngabe sengicela ukuthi bangikhi phele imininingwane yezi kweletu zami,” kusho yena.UMabitsela wabona izinko ntileka zomakhalekhukhwi ni ababili, imali-mboleko ye bhange elinganiselwa kwizi 65 000 zamarandi kanye nenqwaba yezikweletu ezitolo ezivuliwe ngaphansi kwegama lakhe. Isikweletu sesisonke sasisondele kwizi100 000 zamarandi. “Ngaphambi nje kwesigaba  sesihlanu sokuvalwa kwe zwe, ngalahlekelwa Uma zisi wami. Bengilokhu ngi cabanga ukuthi kukhona la ucashe khona lapha endlini futhi bengingakhathazekile kakhulu ngoba benginomazisi wami wekhadi,” kusho yena.Ngemva kokubona ukuthi kukhona owenza izikweletu ngegama lakhe, uMabitsela wavula icala ngokwebiwa kukamazisi wakhe kuMbu tho Wamaphoyisa aseNingi zimu Afrika (i-SAPS). Kwakumele abhale incwadi efungelwe echaza kabanzi ngokulahleka kukamazisi wakhe futhi kwakumele ukuthi ayihambise kulabo okwakuvulwe izikweletu ngegama lakhe khona ukuze agweme ukungcoliswa kwegama lakhe ezimakethe. Lokhu okwahlangabezana noMabitsela akusiyo into entsha. Ngokombiko wezenkohlakalo wangowezi-2020 ohlanganiswe ngabasebenzi Bomsebenzi Wezokunqa ndwa Kwenkohlakalo eNi ngizimu Afrika (i-SAFPS), ngonyaka owedlule izi nga lenkohlakalo lenyuke lafinyelela kuma-161% eMpumalanga Kapa kanti futhi lafinyelela kuma-120% e-Gauteng. U-Manie van Schalkwyk, onguMqondisi Omkhulu kwi-SAFPS, uthi: “Okukha thaza kakhulu inkohlakalo eyenziwa ngegama lomunye umuntu – okubuye kwaziwe ngenkohlakalo kamazisi – futhi eseyinyuke ngokushaqisa ikhanda yafinyelela kuma-337%.” U-Van Schalkwyk uthi aba ntu kumele babike ngoku shesha ngomazisi noma ama phasiphothi alahlekile noma ebiwe. “Ukubika ngokulahlekile noma okwebiwe kwi-SAFPS kanye nakwi-SAPS kuqini sekisa ukuthi sifake imini ningwane yakho kwezo kugcinwa kwemininingwa ne yethu ngobuchwepheshe futhi sazise amalungu ethu ngalokho. Lokhu kwenza ukuthi baqaphelisise lapho beqinisekisa ngobunikazi bukamazisi.” 


