Ama-SOE kumele aqhubele phambili ukukhula komnotho alethe nezinguquko

vukuzenzele unnamed

Sekuyiminyaka ma nje, amabhizinisi ka hulumeni eNingizi mu Afrika (ama-SOE) ese hlobana nokubhekwa yiso lomphakathi mayelana nokuqhwagwa kombuso, ukuxhashazwa kwezimali  kanye nokungasebenzi nge ndlela efanele.  Ngaphezu kokuhlale edinga ukutakulwa nguhulu-meni, amanye amabhizinisi kahulumeni amakhulu kanye nezinkampani ezibaluleke kakhulu  bezilokhu zithwele kanzima ekufezeni igunya lazo.Lawa ma-SOE kumele engabe yiwo ahamba phambili ekuguquleni ezomnotho kanye nezenhlalo yabantu. La mabhizinisi anesibophezelo sokuhlinzeka ngengqalasizinda kanye nemisebenzi umnotho onqike kuyona, okungaba ngukuphehlwa kukagesi, ezokuthuthwa komphakathi, ukuhlinzekwa kwamanzi, ukuthuthwa kwempahla noma ezokuxhumana ngocingo.Indlela yethu yokuthi abe ngaphansi kobunikazi bukahulumeni yayisuselwa kwisidingo sokusebenza ngempumelelo kochunge-chunge lwezimboni ezingu-mongo, njengezamandla kanye namachweba, kanye nesidingo sokuqinisekisa ukuthi izidingo-ngqangi eziyisisekelo zabantu baseNingizimu Afrika, ikakhulukazi labo abadla imbuya ngothi, ziyafezwa.Siyathemba ukuthi ama-bhizinisi aphethwe nguhu-lumeni abaluleke kakhulu emikhakheni ebucayi  yomnotho kanye nokuthi izwe lidinga amandla ama-SOE okuyiwona akwazi ukuqhubela phambili uku-khula komnotho nokuletha uguquko.Lokhu kunjalo ikakhulukazi ngesikhathi lapho kuthunyelwa khona izidingo-ngqangi zomphakathi ezifana nogesi namanzi, lapho ama-SOE enamandla  okufezekisa igunya lokuthuthukisa ukuze kuzuze  umphakathi kunokuthi kwenziwe inzuzo yezezimali.Yingakho nje sikubeke eqhulwini kulo hulumeni ukuthi sikhuculula inkohlakalo kulezi zinkampani, sithuthukise ukuphathwa kwazo futhi sizenze zikwazi ukudlala indima okufanele ziyidlale ekufukuleni uku-khula komnotho nokusungulwa kwamathuba emise-benzi.Kuze kufike lapha, siqalise izinguquko eziningi uku-qinisa lawa ma-SOE ukuze akhiqize imiphumela edingwa futhi elindelwe yileli lizwe. Enye yezinguquko ezibaluleke kakhulu nguguquko emkhakheni wezamandla.  Sesiqalile ngenqubo yokwakha kabusha inkampani yakwa-Eskom yaba ngama-SOE amathathu ehlukene, abhekelele ukuphehla, ukudluliswa kanye nokuphakelwa kwamandla kagesi, ngokulandelana. Lokhu kungenxa yokuthi isakhiwo saphambilini sakwa-Eskom besingakulungele ukuguquguquka kwamandla kagesi. Besingasebenzi ngendlela efanelekile futhi besibiza kakhulu futhi sasingekho obala ngokwanele. Ukusungulwa kwezinkampani ezidlulisa ugesi ikakhulukazi kuzosho uku-thi u-Eskom usuzokwazi ukuthenga amandla kagesi kubahlinzeki abahlukahlukene, emikhakheni yomibili okungozimele kanye nokahulumeni. Lokhu kuzothuthukisa indlela yokusebenze-la obala, ukukhulisa ukuncintisana kanye nokukhuthaza ukuthengwa kukagesi obiza amanani aphansi. NgoHlelo Lwabakhiqizi Abazimele Bamandla Kagesi Avuselelekayo, kube nokutshalwa kwezimali okubalulekile komkhakha ozimele ekuphehlweni kwamandla kagesi. Ngokwesiphakamiso sokwenyusa ukususa ukuthi kudingeke imvume uma uzophehla ugesi – lapho izinkampani ziziphehlela ugesi wazo futhi zithengisele nabanye – ukusuka kwi-1MW kuya kuma-100MW, futhi singalindela utshalomali  oluningi kumkhakha ozimele. Lesi yisikhathi esibaluleke kakhulu lapho izwe likhahlamezeke kanzima kanye nokuswelakala kwamandla  kagesi okusimeme futhi lapho kungekho noyedwa phakathi kuka-Eskom noma uhulumeni ongakwazi ukutshala izimali kwisiphehlimandla esisha.Okubaluleke kakhulu, lezi zinguquko zizonikeza u-Eskom ithuba lokubhekana nezinselele zakhe zezezimali kanye nezokusebenza.Olunye uguquko olubucayi ukusungulwa kwaBalawuli Bezamachweba Kuzwelonke  njengenkampani ezimele yakwa-Transnet.Lena yingxenye ebalu leke kakhulu yeqhingasu le-Transnet lokuvuselela ingqalasizinda yezokusebenza. Inkampani yakwa-Transnet ihlela ukutshala izimali ezilinganiselwa kwizigidigidi ezingama-100 zamarandi eminyakeni emihlanu ezayo ukuthuthukisa ingqalasizinda yayo kulo lonke uhlelo lwamachweba. Lokhu kuzokwenza ukuthi amachweba ethu asebenze kahle futhi kwenze izinga lokuncintisana elingcono kulabo abathumela izimpahla kwamanye amazwe, futhi lokho kuzokwenza ukuthi umnotho uzuze wonkana.Kumthengi ojwayelekile, lokhu kusho ukuthi amanani entengo yesikhathi eside azokwehla ezimpahle ni zethu eziningi. Kulabo bethu abathumela impahla kwamanye amazwe, kuzosho ukuncintisana okukhulu ezimakethe zomhlaba.Njengoba ukuthunyelwa kwezimpahla kwethu kwa manye amazwe kukhula, umnotho wethu uzokhula futhi udale amathuba emisebenzi. Amachweba asebenza kahle azokwenza ukuthi wonke umnotho usebenze kangconywana futhi njengoba inani lamachweba lenyuka, kuzodaleka imisebenzi emachwebeni uqobo lwawo.Ukusungulwa kwaBalawuli Bezamachweba Kuzwelonke njengenkampani ephethwe yi-Transnet nebhodi layo kuzothi, phakathi kokunye, kusho ukuthi imali etholwe ngamachweba ingasetshe nziswa ukushintsha imishini emidala nokuthuthukisa kanye nokwandisa ama chweba ethu, okungumse benzi osubambezeleke isikhathi esingaphezu kwe minyaka eyishumi. Phakathi kwezinye izinto, lezi zinguquko zizokhuthaza utshalomali olukhulu lo mkhakha ozimele kwingqala sizinda yezomnotho wezwe. Abanye abantu bazwakalise ukukhathazeka ukuthi lokhu kuzonciphisa ukubaluleka noma kwehlise ubugugu balama-SOE. Eqinisweni nje, lokhu kuzowakhulisa ama-SOE. Lezi zinguquko zizoqinise kisa ukuthi ngenkathi iqhi ngasu lengqalasizinda lise zandleni zombuso, ama-SOE azosebenza ngendlela efanelekile futhi izimboni abazisekelayo zizoqhudelana kakhulu. Ngokulinganayo, lezi zinguquko zibaluleke kakhulu ukuqinisekisa ukuthi ama-SOE enza imisebenzi yawo ebanzi yentuthuko ukusekela zonke izakhamuzi kanye nomnotho.Inqubomgomo yethu isamile ekutheni ama-SOE kumele adlale indima eba lulekile yentuthuko ekwe sekweni kokukhula komno tho wethu. Umsebenzi we thu ukuwabeka ezingeni eliyilo, ukuze akwazi uku sebenzela abanikazi bama sheya okungabantu base Ningizimu Afrika.