Gwema ukusha kulobu busika

Allison Cooper

Njengoba ubusika budinga ukuthi si fudumale, buphi nde bandise ubungozi bo kushiswa amakhandlela, imililo, izitofu, izifudumezi kanye namanzi abilayo.
“Ukusha kuba mandla ka khulu ngesikhathi sasebusika futhi abazali nabanakekeli kudingeka ukuthi bacophelisise ukuqinisekisa ukuphepha kwabo nokwezingane zabo,” kusho uDokotela u-Gary Dos Passos.UnguMphathi weNgxenye Yabashile esibhedlela i-Red Cross War Memorial Chi ldren’s Hospital (i-RCW MCH) aphinde abe ilungu lekomidi labaphathi be-Burn Society of South Africa.Nakuba imililo eyenzeka ngephutha ingeke yagwemeka, ukulimala ngokusha okuningi kungagwemeka ngokuqaphelisisa okufanele, komuntu omdala kanye nokulandela izindlela zoku-phepha.“Ukushiswa ngumlilo ku yalimaza futhi kunomthelela omkhulu wempilo yonke nangokwengqondo kulabo abasindile kanye nemindeni yabo,” kusho u-Dkt u-Dos Passos.
Ungakugwema kanjani ukushaUkushiswa ngumlilo ku ngagwemeka ekhaya. Nawa amanye amasu:
• Gcina umentshisi, okoku thungela umlilo, okubhe bhethekisa masinya umlilo (uphethiloli nophalafini), amakhandlela, izibani zegesi nezikaphalafini kanye nezifudumezi kude nalapho kufinyelela khona abantwana. • Ungaphosi izinto ezibhe bhethekisa masinya umli lo emalangabini. Lokhu kuyingozi kakhulu. • Ungavumeli abantwana badlale eduze kophalafini noma izibani zegesi noma izifudumezi. • Ungaphathi umntwana ngesikhathi upheka noma ushiye abantwana benga bhekiwe eduzane noma ekhishini.• Qiniseka ukuthi akufinye leleki eketeleni. Thenga ike tela elingenayo intambo uma ukwazi.• Ungaphakamisi imigqomo noma amabhodwe okubilisa amanzi eduze kwaba ntwana.• Qhelisa izibambo zamabho dwe ngaphambi kwesitofu.• Faka amakhandlela ebho dleleni lengilazi elishona phakathi elinesihlabathi phakathi ukuze azocima uma ewa phansi.• Ungambozi imililo ngesihlabathi. Ukushisa kuhlala amahora amaningi esihlabathini. • Faka kuqala amanzi abandayo ebhavini, bese ula ndelisa ngashisayo. Hlola amanzi okugeza ngendo lolwane yakho kuqala nja lo nje.Uma ushiswe ngamalangabi, yima kanjalo, iwa phansi bese uyagingqika ukuze kuzocisha amalangabi.“Ukushisa komlilo, amanzi ashisayo noma ukushiswa ugesi kuzoqhubeka kushise izicubu zomzimba noma nga be kudala umlilo ususiwe.” “Nqanda ukusha ngokugcina ingxenye eshile yomzimba ngaphansi kompompi wamanzi abandayo imizuzu engama-20. Ungasebenzisi iqhwa, amanzi aneqhwa, ibho tela noma ngumuphi umkhi qizo osamafutha esilondeni sokusha,” kusho u-Dkt u-Dos Passos.
 