Intsha iyigugu lethu

vukuzenzele unnamed

Mhla we-16 ku Nhlangulana  1976, intsha ya seSoweto nakwezinye izi ngxenye zezwe yasuka ya lwa nokungabi nobulungi swa kwiMfundo Yabantu Abamnyama.
Ngalolo suku nangezinye  ezilandelayo, abantu abaningi abasha balahlekelwa izimpilo zabo. Babulawa ngumbuso onesihluku owawungenandaba nezimpilo zabantu abamnyama futhi owawungenandaba nokudubula abantwana besikole abangahlomile futhi abagqoke umfaniswano wesikole. Lezi zigameko zaqinisa  indlela amazwe ngamazwe  abona ngayo umbuso wobandlululo abe esegqugquzela ukulwelwa kwenkululeko.Abantu abasha bahlale behamba phambili emibhikishweni yomphakathi, kusukela kumibhikisho yokulwisana nondlovukayiphikiswa e-Latin America ekupheleni kweminyaka ye-1950, kuya kwimibhikisho kulolonke izwekazi lase-Afrika ekupheleni kweminyaka ye-1960.Umlando ubonisa ngokwe-qiniso igalelo lesizukulwane sangowe-1976 kwinhlangano yabafundi yamazwe ngama-zwe nalapho lime khona ekulweni nengcindezelo nokulwa nokungabibikho kobu-lungiswa. Lesi sigameko esiyingqophamlando esenzeka eminyakeni engama-45 edlule siyaqhubeka nokubungazwa kuyoyonke i-Afrika kanye nomhlaba wonke.Ngakho-ke kuyathikameza kakhulu ukuthi ulwazi mayelana nosuku lwe-16 kuNhlangulana luyancipha kakhulu entsheni yaseNingi-zimu Afrika. Lokhu kudlange kakhulu entsheni eyaziwa ngokuthi i-Generation Z, noma abantu abasha abazalwe phakathi kowe-1997 kuya kowezi-2015.Ucwaningo mayelana Nokuziphatha Kwabantu BaseNingizimu Afrika lwangowe-zi-2019/2020 olushicilelwe uMkhandlu Wocwaningo Ngezesayensi Yabantu luthole ukuthi ama-40% e-Generation Z awukaze we-zwa ngezehlakalo zomlando wange-16 kuNhlangulana. Iphesenti elifanayo like lezwa ngazo kodwa lazi okuncane kakhulu noma alazi lutho ngazo. Noma kunjalo, ucwaningo luphinde lwathola ukuthi  abantu abasha balesi sizukulwane bavulelekile uku-thi bafunde ngezigameko zomlando futhi bakholelwe ekubalulekeni kwazo okuqhubekayo.Kumele senze okuthe xaxa njengezwe ukuqinisekisa ukuthi umyalezo wangowe-1976 udluliswa ngokwe-qiniso. Lokhu kungukuzinikela okuhlanganisile kukahulu-meni, izikole, izikhungo zemfundo ephakeme, abazali, imindeni, abaculi, amaciko, kanye nawo wonke umphakathi. Isizukulwane esazalwa emva kokuphela kobandlululo sagcina sizuze izwe elinoMthethosisekelo wentando yabantu lapho izisekelo zenkululeko zivikelwe.Amathuba abantu abasha abanawo manje ahlukile kakhulu futhi athuthukile kakhulu.Ukugcina umlando wange16 kuNhlangulana uphila kuyisikhumbuzo kwisizukulwane sanamuhla ngokuzidela okukhulu okwenziwa ukuzuza inkululeko yabo.Usuku Lwentsha luyisikhumbuzo samandla amakhulu nokuthi abantu abasha kumele bazakhele ikusasa elingcono.Ukuzabalaza kwabantu abasha eNingizimu Afrika kuningi kakhulu kulezi zikhathi zanamuhla. Abantu abasha basalokhu behamba phambili kubushoshovu, kungaba ngenxa yokulwela imfundo yamahhala noma ukulwa nezinkinga zenhlalo ezifana nodlame olubheki-swe kubulili obuthile.Namuhla umzabalazo omkhulu abantu abasha ababhekene nawo ukuntuleka kwemisebenzi, okube nzima kakhulu ngesikhathi sobhubhane lwe-COVID-19. Ukudalela abantu abasha amathuba amaningi, noku-finyelela kulawo mathuba, kuyinto eseqhulwini kuhu-lumeni.Konke esikwenzayo njengohulumeni kunegalelo ekuphuculeni izimpilo za-bantu abasha. Ukubhekana nokungasebenzi kwentsha kudinga ukukhula komnotho ngesivinini, ikakhulukazi emikhakheni yezemisebenzi, kanye nokwakha ikhono lombuso ukuthi ukwazi ukufeza indima yawo yokuthuthukisa.Lolu hlelo sibuye siluqhube ngezingenelelo eziqonde ngqo. Ezibandakanya uHlelo lukaMongameli Lokusungu-la Imisebenzi, oseluhlinzeke ngamathuba emisebenzi nokwesekelwa kwezindlela zokuphila kubantu abasha abaningi.Sesethule uchungechunge lwezinyathelo ezengeziwe ukusungula amathuba, uku-thuthukiswa kwamakhono, ukwesekela osomabhizinisi abancane kanye nokubanda-kanyeka ngokugcwele kwa-bantu abasha emnothweni.Lokhu kubandakanya ukusungulwa kwe-National Pathway Management Net-work, i-SA Youth, ukwenza lula ukuthi abantu abasha babuke futhi bafinyelele kumathuba futhi bathole ukwesekwa ukuthola izindlela ezizobafaka emnothweni. Lokhu kuyingxenye yokuse-qhulwini oHlelweni Luka-Mongameli Lokusungulela Intsha Imisebenzi, olwethulwa emavikini ngaphambi nje kokuthi kuvalwe izwe ngonyaka owedlule nokuyimanje luzoqaliswa ngokugcwele.UHlelo LukaMongameli Lokusungulela Intsha Imise-benzi lwalwakhelwe phezu kokuqonda ukuthi ukubheka-na nenkinga yokungasebenzi kwentsha kudinga ukucabanga amaqhinga amasha kanye nokusebenzisana oku-qinile kuwowonke umphakathi.Inhloso-ngqangi ukuthola izindlela ezisebenzayo, kungaba ekuthuthukisweni kwamakhono noma kumithethonqubo yezemisebenzi, nokusabalalisa lokhu ngokushesha ukuze ku-zofinyelela kubantu abasha abaningi ngokusemandleni.Okubaluleke kakhulu, kuyabonisa ukuthi abantu aba-sha kumele babe ngumongo wanoma ngumuphi umzamo wokufukula ukuqashwa kwentsha. Abantu abasha bayigugu lethu, futhi bayisikhali sethu kule mpi.Sethulela isigqoko ukuqina kwawo wonke umuntu omu-sha odlala indima yakhe ekwakheni nasekuthuthukiseni leli lizwe.Abantu abasha abavolontiya emiphakathini yakithi, abakha izwe lakithi ngoHlelo lukaMongameli Lokusungu-la Imisebenzi, baqhuba ama-bhizinisi abo futhi bayafunda ukuthi baphucule izimpilo zabo.Bangabantu abasha abaphemba indlela yabo futhi baletha nemindeni yabo.Sethulela isigqoko abantu abasha abaqhubeka nokuse-benzela ukuphucula izimpilo zabo. Abantu abasha badlala indima yabo; badinga uhulu-meni, kanjalo nomphakathi wonke, ukudlala eyethu.Izwe lethu libhekene nezikhathi ezinzima, kodwa sisebenza zinsuku zonke ukwe-nyusa amathemba.Siyakubona ukulokoza kwethemba lokukhula emnothweni wethu, futhi siyathemba ukuthi lokhu kuzo-holela emathubeni angcono kithi sonke. Umsebenzi wethu manje ukuqinisekisa ukuthi abantu abasha bame ngomumo futhi bayakwazi ukufinyelela kula mathuba, nokuzisungulela awabo.
 