AKufezeke amaphupho emphakathini wase-Tafelkop 

Vukuzenzele unnamed

Iqembu labalimi aba mnyama base-Tafe lkop e-Groblersdal, e-Limpopo, bayaziqhenya  ngokuba ngabanikazi bo mhlaba onobubanzi obuli nganiselwa kumahektha ayi-189, abesebelime kuwo na iminyaka engama-25 eyedlule.
Laba balimi abangama-30 bathole amatayitela obuni kazi balo mhlaba kuMonga meli u-Cyril Ramaphosa emva kokuba UMnyango Wezemisebenzi Kahulu meni kanye neNgqalasizinda unikezele ngalo mhlaba ngenhloso yokuwaba kabu sha.
Lo mhlaba ubiza isamba semali esingaphezulu kwe zigidi ezingama-25.5 zama randi kodwa unikezelwe kulaba balimi mahhala.
“Lolu ngusuku oluhle ka khulu impela kumphakathi wase-Tafelkop, kubantu base-Limpopo, futhi ngo kunjalo kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika.
“Namhlanje singofakazi bokufezwa kwephupho lalo mphakathi. Kungumbono walo mphakathi osekuphele iminyaka engama-25 be lwela ukuwubona ufezeka,” kusho uMongameli emci mbini wokunikezelwa kwa lo mhlaba.
Laba balimi bebelima ngempumelelo imikhiqizo yezolimo ehlukahlukene kulo mhlaba kusukela ngo nyaka we-1996.
Bazihlela ngeminyaka ye-1990 ukuba babe nga balimi abalimela ukuthe ngisa ababhalisiwe ngapha nsi kweNhlangano ebizwa ngokuthi iTafelkop Farmers Association  futhi baqala ukukhulumisana nohulu meni.
Ngonyaka wezi-2000, u Mnyango Wezolimo Kuzwe lonke wangaleso sikhathi wangena ezivumelwaneni zokuqashiswa komhlaba kwiTafelkop Farmers Associa tion okuhambisana Nokwa biwa kabusha Komhlaba ngokoHlelo Lokuthuthu kiswa Kwezolimo.
Ngonyaka wezi-2009, uMnyango Wezolimo waseLimpopo wangaphambilini waphakamisa kuMnyango Wezemisebenzi Kahulumeni ukuthi umhlaba kumele unikezelwe kubalimi.
Amatayitela agunyaza ubunikazi abhaliswa ngama gama abalimi ngasekuqaleni kwalo nyaka.
Okwamanje lo mhlaba usetshenziselwa ukutshala ugwayi, ukotini kanye ne mikhiqizo yokudla.
Amakhaya angamashumi amathathu nambili ondliwa yilo mhlaba kanye nemise benzi yokulima ehlinzeka ngemisebenzi kubasebenzi abasebenza ngokugcwele  abayi-128 kanye nalabo abasebenza ngezikhathi ezithile abangama-320.
Ubulungiswa kumphakathiUMongameli uthe umpha kathi ubusubekezelele ubu nzima obuningi eminyakeni eyedlule futhi “amatayitela agunyaza ubunikazi aletha ubulungiswa kumphakathi owawuphucwe umhlaba”.
“Asikakhohlwa ngokuphu cwa komhlaba, ukuntsho ntshwa komhlaba kanye nokususwa ngendluzula kwabantu balo mphakathi futhi miningi imiphakathi ezweni lonkana ebekezelele lokhu.
“Asikakhohlwa umlando obuhlungu wokulima la pha e-Limpopo, lapho aba ntu abahlala epulazini bapho qelelwa ukuthi bebe yizi qashi ezisebenza emhlabeni wokhokho babo, futhi be ngavunyelwa ukuthi babe abanikazi bomhlaba ukuze bezokondla imindeni yabo noma umhlaba wemfuyo yabo.”Wengeze ngokuthi abase benzi abamnyama basema pulazini baxhashazwa futhi bahlukunyezwa endaweni eyayaziwa nge-Northern Transvaal phambilini.
“Siyakhumbula futhi noku thi uhulumeni wobandlu lulo wabasekela kanjani abalimi abamhlophe ngezi nsizakusebenza, ngoxhaso lobuchwepheshe kanye nokuthola ukuboleka imali ukuze bakhe amabhizinisi abo, kepha abalimi abamnya ma abasafufusa bathwala kanzima ukuze baziphilise.”Ukuguqulwa kwemboni yezolimoUMongameli uthe ukunike zelwa komhlaba kukhuthaza ithemba ngoba kukhombisa ukuthi ngokuxhaswa nama thuba afanele, imboni ye zolimo ingaguqulwa ukuze kuzuze izwe.
“Sibungaza inqubekelaphambili yethu, ngoba usu ku nosuku Uhlelo lwethu Lwezinguquko Kwezomhla ba luthola amandla.
“Kuze kube namuhla, uhu lumeni usabe kabusha umhla ba ongaphezu kwamahektha ayizigidi ezinhlanu, usuwo nke ubalelwa emapulazini ayizi-5 500, nozozuzwa nga bantu abangaphezu wezi 300 000."Kuze kube manje, inqu bo yokwabiwa kabusha ko mhlaba ihlomulise abafaka izicelo zomhlaba abanga phezu kwezigidi ezimbili kwaholela ekunikezelweni komhlaba ongamahektha ayizigidi ezi-2.7.
“Uguquko kwezomhlaba alukho mayelana nentshi sekelo yokulungisa kuphela nje, ubulungiswa kanye no kuhlangana komphakathi.
Kuphinde kube mayela na nokuthuthukiswa ko mnotho. Ezolimo nochunge chunge lwezolimo kunga kwazi futhi kufanele ku guqule iminotho yasema khaya,” kusho uMongameli uRamaphosa.
Uhulumeni uhlela ukusu ngula i-ejensi yezomhlaba kanye neyezolimo ukuze kusheshiswe uguquko kwe zomhlaba.
“Sibheka ukuthi inqubo mgomo yethu yaphambi lini isebenze ngempumelelo kangakanani. Sizolungisa lolu daba loguquko kwe zomhlaba ngokushesha.”Silungisa ama phutha aphambiliniUMongameli uthe uhulume ni usebenza ngokuzikhandla selokhu kwaqala intando yeningi labantu ukulungisa  okungahambanga kahle nge sikhathi sobandlululo.
“Lokhu sikwenzela uku hlonipha labo ababehlala phakathi kwethu; ababehlala kuwo lo mhlaba wakithi.”Uguquko kwezomhlaba lubalulekile ekuthuthuki seni ukuba khona kokudla ezweni, ukwakha umno tho obandakanya wonke umuntu, kanye nokunikeza ikusasa elingcono labo bo nke abantu baseNingizimu Afrika, kwengeza uMonga meli.
UMongameli unxuse aba limi base-Tafelkop ukuthi bawusebenzise kahle lo mhla ba ukuze kuzuze umpha kathi.
“Ngokwami, namuhla kube wusuku oluhle kakhu lu ehhovisini; lokuthi ngisu kume ngizithathe ngizobona imikhiqizo yenu.”“Angingabazi ukuthi ngo kuzinikela namandla abo bonke abathintekayo, lo mse benzi uzoqhubeka nokukhu la,”kusho yena.
USihlalo weTafelkop Fa rmers Association  u-Jerry Se foloshe ubonge uhulumeni ngokwenza ngempumelelo ukuthi abalimi bakwazi uku ba ngabanikazi bomhlaba asebewusebenzele iminyaka engamashumi-shumi. 
UMongameli u-Cyril Ramaphosa enabalimi base-Tafelkop, e-Limpopo, abasanda kuthola amatayitela obunikazi bomhlaba abalima kuwona.