Ningizimu Afrika iphokophelele ukufeza umbono woMthethosisekelo

Vukuzenzele unnamed

Iminyaka engamashu mi ayisithupha eyedlu le, mhla zingama-31 kuNhlaba 1961, umbuso wobandlululo waseNingi zimu Afrika wazimela nje ngeriphabhulikhi, waxe buka kuMbuso waseBhri thani.
Ngesikhathi ‘iriphabhuli khi’ ingachazwa njengo mbuso lapho amandla ama khulu ephethwe ngabantu kanye nalabo ababamele abakhethiwe, kwakunge njalo eNingizimu Afrika.
UMthethosisekelo wombu so wobandlululo wawuthe mbisa ukuthembeka kuNku lunkulu, “owahlanganisa okhokho bethu ndawonye besuka ezindaweni eziningi wase ebanika lokhu njengo kwabo”.
KwakunguMthethosisekelo owawubhalwe futhi ubha lelwe ingcosana yababandlu lula ngokobuhlanga, futhi wawusebenzisa inkolo uku thethelela unya. Wawucacisa ukuphatha kukahulumeni, unikeza labo abamhlophe ukuthi ibona kuphela abane gunya lokuvota futhi bamele umphakathi. Wawungenawo sampela uMqulu Wamalu ngelo.
Iningi labantu bezwe la kithi lalibalwe embhalweni ophansi ngasekugcineni kwizinhlinzeko eziyi-121, eSahlukweni esasinesihloko esithi ‘Ukuphathwa Kwezi ndaba Zabantu Abansundu, njll.’.
Kumyalezo owasakazwa  kumabonakude, uNduna nkulu u-HF Verwoerd wa thi: “Sihlose ukuthuthuka kancane kancane kwawo wonke amaqembu akithi sibheke endaweni ethile. Lapha isisombululo sizotho lakala ngokuthi siqhubeke nokuholwa isandla somuntu omhlophe.”“Sithokoze kakhulu ukuthi singabantu ababumbene,” wamemezela kuwo wonke umhlaba.
Kodwa iqiniso lalithi sasi ngabumbene neze.
Sasingabahlali basezweni lapho amalungelo omuntu, amathemba kanye nokuli ndelekile empilweni beku nqunywa ibala lomuntu.
Iminyaka engamashumi amabili, uMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingi zimu Afrika wangowe-1961 wawungumfutho osemthe thweni wengcindezelo yaba ntu abacishe babe ngama-90% baseNingizimu Afrika.
Loku kukhumbula iminya ka engajabulisi kwenzeka enyangeni efanayo naleyo esibungaza ngayo iminyaka engama-25 yokwamukelwa koMthethosisekelo wenta ndo yabantu omusha yiSi gungu soMthethosisekelo, okwaba ukuzalwa kwesizwe esibumbene ngempela.
Manje sesinomthetho owodwa wesizwe esisodwa.
Sisonke, sizikhethele thina ngokwethu uhulumeni onikeza iqiniso lokuthi iyini iriphabhulikhi.
Sithe kwiriphabhulikhi yethu yentando yabantu, wonke umuntu uyalingana ngaphambi komthetho futhi unelungelo lokuvikelwa ngokulinganayo kanye no kuzuza kumthetho.
INingizimu Afrika iyizwe lapho ukwenza ubulungi swa kubekwe ezinkantolo ezizimele kanye nohlelo lwe zinkantolo olusebenza ngo koMthethosisekelo. Sihlala ezweni lapho wonke umuntu enelungelo lokuya ezinka ntolo ukuze kuzogcwalise kiswa amalungelo abo.
Siphila ezweni lapho imi phakathi ingafaka isima ngalo somthetho emhlabeni eyasuswa kuyona ngendlu zula, nalapho abantu noma imindeni ivikelekile ekuxo shweni okungafanele ema khaya abo.
Siphila ezweni lapho bonke abantu bevumelekile ukwe nza amasiko nemikhuba yabo ngokukhululeka. Izwe  lapho noma ngubani anga bhikisha ngokukhululeka ngokweseka ezenhlalo, eze politiki nanoma yini enye imbangela noma ikuphi.
Ukusebenza komthethosi sekelo wethu kuphezu kohu lumeni ophendulayo, lapho aBaphathi bephendula ku bantu nalapho iPhalamende limele abantu.
Ilizwe lapho umthetho usebenza ngokulinganayo kunoma isiphi isakhamuzi.
Manje sesinohulumeni wa bantu, osebenzela abantu, futhi ngabantu.
Ngesikhathi umbuso wo bandlululo wawuqholosha sakunqoba ngomthethosi sekelo obandlulula ngoko -buhlanga emhlabeni jikelele eminyakeni engama-60 eya dlula, ulahle ukuzethemba nokubekezelela.
Encwadini engaphendu lwanga eyayiya ku-Verwoerd ngenyanga phambi koku menyezelwa kweriphabhu likhi, u-Nelson Mandela waqinisekisa ukuchithwa kwenhlangano yenkululeko yiriphabhulikhi yabamhlo phe eyaphoqelelwa nge nkani.
Wathi awukho uMthetho sisekelo noma ukubunjwa kohulumeni ngaphandle ko kubandakanywa kwabantu base-Afrika oyoke ufaneleke ngokuziphatha.
Nebala alukho uhleloku sebenza oluvumela uhle lokusebenza oluphikisa ama lungelo abantu olungagci nwa. Yize kuzoba ngaphezu kweminyaka engamashumi amathathu ngaphambi ko kuthi izimfuno zenhlangano yenkululeko ziphumelele, sagcina sinqobile ukuthola inkululeko yethu.
Ukulahla uMthethosisekelo wombuso wobandlululo e mgqonyeni womlando, sizinikele thina kuMthetho sisekelo omusha kanye nohlu olusha lwamagugu.Ngesikhathi ngethula inku lumo kuSigungu Somthe thosisekelo eminyakeni engama-25 eyadlula, ngathi uMthethosisekelo wethu kumele ube yinto enkulu ukudlula amagama nje ase phepheni; kumele ube iqi niso ezimpilweni zabantu bakithi.
Uma singenzi kanjalo, lo mqulu oya phambili kanye nowenkululeko uzoba yize leze futhi uzobe ungasho lutho.
Sanquma kudala ukuthi ilu phi uhlobo lomphakathi esi funa ukuba yilona. Umpha kathi osekelwe ngesithunzi somuntu, ukulingana, inku luleko kanye nokungacwasi.
Esikhathini esingangekota yeminyaka elikhulu sisebe nzile ukwakha umphakathi onjalo. Senze inqubekela-pha mbili engephikwe, kodwa si senazo izinqinamba eziningi futhi usemuningi umsebenzi okusamele wenziwe.
Njengoba sibungaza ukwa mukelwa koMthethosise kelo wentando yabantu, masikhumbule ukuphumula okungujuqu esakuthola kuhlelokusebenza olwalwe sekelwe ukubandlulula ngo kobuhlanga, ukuxhashazwa, ukuphucwa impahla kanye nokucindezelwa olwalukho na ngaphambili.
Masikhumbule futhi ukuthi kukithi ukufeza umbono oqukethwe kuMthethosise kelo wethu.
Ngoba kungokuqinisekisa ukuthi bonke abantu base Ningizimu Afrika bayakwa zi ukusebenzisa amalungelo abo omthethosisekelo ngo kukhululeka nangokugcwe le, ukuthi sibe ngabantu aba bumbene ngokweqiniso.  vImage: Western Cape Government